Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo nguDavida. Igama.
1KU kuwe, Tixo, ukutula ukudunyiswa eZioni, ko ti ku hlaulwe kuwe ukufunga.
2Wena o ku zwa ukukuleka, izinhlobo zonke zabantu zi ya kuza kuwe.
3Izindaba ezimbi zi namandhla kimi; izipambeko zetu wo zi yekela.
4U busisiwe o m ketayo wena, u m sondeze, a hlale emagumeni ako; so suta ukulunga kwendhlu yako, itempeli lako eli ingcwele.
5Wo si pendula ngokusabekayo ekulungeni, Tixo, wokusindiswa kwetu; itemba lemikaulo yonke yomhlaba, nelabo aba kude elwandhle.
6O misa izintaba ngamandhla ake; o hlome ubuqawe.
7O tulisa inxokozelo yezilwandhle, inxokozelo yamaza azo, nomsindo wabantu.
8Bona a ba hlezi emikaulweni ba yesaba ngeziboniso zako; u yetabisa ukupuma kokusa nokokuhlwa.
9U hambele emhlabeni, u wu netisile, u wu vundisile kakulu ngomfula ka Tixo o gcwele amanzi; u ya kumisela ukudhla kwabo, ngokuba u wu lungisela njalo.
10U ya puzisa imisele yawo, u bohlise izinhla zawo, u wu tambise ngezihlambi; u ya busisa ukumilisa kwawo.
11U ya hlobisa umnyaka ngokulunga kwako; imikondo yako i ya tonsa amafuta.
12I ya tonsa emadhlelweni ehlane; zi ti izintaba zambate injabulo.
13Amadhlelo a yambata izimvu; amatafa a ya sibekelwa amabele; a yetaba, a hlabelele futi.