Isihlabelelo sika Asafa.
1NEMBALA uTixo u lungile kuIsraeli, ku bona abamhlope enhliziyweni.
2Kepa mina, izinyawo zami zi be zi cityu kuwa; izinyatelo zami zi be zi ponsu kutyelela.
3Ngokuba nga ba nomona ngabazidhlayo, nga bona ukutula kwababi.
4Ngokuba akuko ukucindezelwa ekufeni kwabo, kanti umzimba wabo u kulupele.
5Abako ekukatazekeni kwabantu, a ba tyaywa kanye nabantu.
6Ngako ukuzidhla ku ya ba gaxa; ukupanga ku ya bembesa njengengubo.
7Amehlo abo a pumile ngamafuta; ba dhlulile ukuzindhla kwenhliziyo.
8Ba ya hleka, ba kulume ngokuhlupa kabi, ba kuluma ngokukukumala.
9Beyisa izulu ngomlomo wabo, lu ti ulimi lwabo lu hambela emhlabeni.
10Ngako abantu bake ba buyiselwa lapa; a ti amanzi a gcweleyo a kamelwe bona.
11Bona ba ti, uTixo u yazi kanjani? Ku kona ukwazi kuye O pezu konke na?
12Bheka, laba ba ngababi, ba hlezi kahle njalo, ba yandisa imfuyo.
13Impela inhliziyo yami ngi cwebisele ize, ngo hlanza izandhla zami ngobumhlope.
14Ngokuba ngi tyayiwe imihla yonke, ukulungiswa kwami kwa ku sekuseni.
15Uma ngi te ngi ya kushumayela njenga loko, bheka ngi zo kohlisa isizukulwane sabantu bako.
16Nxa ngi cabanga ukwazi loku, kwa ku nzima emehlweni ami.
17Nga za nga ngena endhlini engcwele ka Tixo, nga qonda ukupela kwabo.
18Impela u ba beke ebutyelezini, u ba wisile ekubujisweni.
19Yeka ba sekucitekeni ngomzuzwanyana; ba ya buba ngokubujiswa okuzumayo.
20Njengepupo emva kokupapama, Nkosi, ekuvukeni kwako wo dela umfanekiso wabo.
21Ku njalo nga be ngi katazeka enhliziyweni yami; nga hlabeka ezinsweni zami.
22Futi nga ba isipukupuku, be ngi ngazi luto; nga ba isilwane kuwe.
23Kepa mina ngi kuwe njalo; u ngi bambile ngesandhla sami sokunene.
24Wo ngi hola ngokuqondisa kwako, ko ti emuva u ngamkele ekukazimuleni.
25Ngi nobani ezulwini na? uma ngi nawe a ngi funi luto emhlabeni.
26I ya pela inyama yami nenhliziyo yami; kepa uTixo u idwala lenhliziyo yami, u isabelo sami ku ze ku be pakade.
27Ngokuba bheka, bona aba kude nawe ba ya kububa; u ba nqumile bonke abapingayo ngokudeda kuwe.
28Kepa mina ku ngi lungele ukusondela kuTixo; ngi beke isipepelo sami kuyo iNkosi uJehova, ukuze ngi shumayele izenzo zako zonke.