IZIHLABELELO 76
Kumholi wokuhlabelela pezu kwogubu. Isihlabelelo sika Asafa. Igama.
1UTIXO u yaziwa eJuda; igama lake likulu kwa Israeli.
2Futi itente lake li kona eSalemi, nenhlalo yake eZioni.
3Lapo wa fehleza kona izinyazi zomcibityelo, nesihlangu, nenkemba, nokulwa. Sela.
4U ya kazimula wena, u ya babazeka ku nezintaba zokupanga.
5Amaqawe enhliziyo a pangiwe, a lele ubutongo bawo, a ti a ka fumananga izandhla zawo, onke amadoda a namandhla.
6Ngokukuza kwako Tixo ka Jakobe ku ya laliswa ubutongo incwele kanye nehashi.
7Wena, wena u yesabeka; ubani u ya kuma ebusweni bako ngesikati solaka lwako na?
8Wezwakalisa ukwahlula ku vele ezulwini; umhlaba wesaba wa tula.
9Ekuvukeleni kuka Tixo ukwahlula, ukusindisa bonke abahlupekayo bomhlaba. Sela.
10Ngokuba intukutelo yomuntu yo ku bonga; insalo yentukutelo wo yi faka.
11Fungani, ni koke kuJehova uTixo wenu; bonke a ba m zungezayo ma ba lete umnikelo kuye o sabekayo.
12Wo nquma umoya wezikulu, u yesabeka kuwo amakosi omhlaba.
Bible Society of South Africa 1893