IZIHLABELELO 84
Kumholi wokuhlabelela pezu kogubu; kuwo amadodana ka Kora, Isihlabelelo.
1ATANDEKA kangaka amatente ako Jehova wamabandhla!
2Umpefumlo wami u ya fisa; yebo u ya nxanela amaguma akaJehova; inhliziyo yami nenyama yami i ya huba ngokwetaba kuTixo ohleziyo.
3Nayo inyoni i fumene indhlu, nenkonjane isihleke sayo, lapo i nga beka kona amazinyane ayo, e si ngamalati ako, Jehova wamabandhla, iNkosi yami, uTixo wami.
4Ba ya busiswa a ba hlezi endhlini yako; ba ya kuhlala be bonga wena. Sela.
5U ya busiswa umuntu omandhla ake e kuwe, bona abandhlela zake zi sezinhliziyweni zabo.
6Aba dabula imfunda yokukala ba yenza i be umtombo; imvula yokuqala i ya yi sibekela ngezibusiso.
7Ba ya hamba ngamandhla na ngamandhla, ko ba ilomuntu a bonakale eZioni pambi kuka Tixo.
8Jehova Tixo wamabandhla, Yizwa umtandazo wami; u lalele Tixo ka Jakobe. Sela.
9Bheka Tixo isihlangu setu, umake ubuso bogcotyiweyo wako.
10Ngokuba usuku emagumeni ako luhle ku nezi inkulungwane; ngi ya keta ukulinda emgulugulwini wendhlu ka Tixo wami, ku nokuhlala ematenteni obubi.
11Ngokuba uJehova uTixo u yilanga nesihlangu; uJehova wo nika umusa nodumo; a ka yi kugodhla okulungileyo kuye o hamba ngobuqoto.
12Jehova Tixo wamabandhla, u ya busiswa umuntu o temba kuwe.
Bible Society of South Africa 1893