Umtandazo ka Mosi, umuntu ka Tixo.
1NKOSI wena u yisipepelo setu ezizukulwaneni nezizukulwane.
2Lapa zi nga ka zalwa izintaba, u nga ka wenzi umhlabati nezwe; ku ti, ku suke pakade ku ze ku be pakade wena u nguTixo.
3U ya m buyisela umuntu otulini; u ti, Buyani bantwana babantu.
4Ngokuba iminyaka e inkulungwane emehlweni ako i njengezolo uma i dhlula, na njengomlindo ebusuku.
5U ya ba kukula, ba njengobutongo; ba ya pela kusasa njengotyam.
6Kusasa bu ya kahlela, bu hlume; kusihlwa bu ya nqunywa bu bune.
7Ngokuba si ya qedwa ulaka lwakona ngokuvuta kwentukutelo yako si ya buba.
8U beke ukonakalisa kwetu pambi kwako; okusitekileyo kwetu ekukanyeni kobuso bako.
9Ngokuba izinsuku zetu zonke zi ya dhlula entukutelweni yako; zi feza iminyaka yetu njengokuzindhla.
10Izinsuku zeminyaka yetu zi neminyaka engamashumi ayisikombisa; noma ngenxa yamandhla zi neminyaka engamashumi ashiyagalombili; noko ukugcina kwayo ku ngukukatazeka nokuhlupeka, ngokuba ku nqunywa masinyane, si ndize, si nyamalale.
11Ubani o waziyo amandhla olaka lwako na? njengokusabeka kwako ku njalo intukutelo yako.
12Si fundise ukubala izinsuku zetu, si zuze inhliziyo yokuhlakanipa.
13Ma u buye, Jehova, ko za ku be nini na? u haukele izinceku zako.
14Si sutise masinyane ngomusa wako, ukuze si hube ngokwetaba, si jabule izinsuku zonke zetu.
15Si jabulise ngokwezinsuku o wa si kataza ngazo, neminyaka e si bonile okubi ngayo.
16Umsebenzi wako ma u bonakale kuzo izinceku zako, nokukazimula kwako kubantwana bazo.
17Okuhle kuka Jehova uTixo wetu ma ku be pezu kwetu; u mise umsebenzi wezandhla zetu pezu kwetu, ehe, umsebenzi wezandhla zetu u wu qinise.