1ISAMBULO sika Jesu Kristu, a in nika sona uTixo, ukuba a zi bonise izinceku zake izinto e be se zi za kuvela; wa tuma ngayo ingelosi, wa yazisa inceku yake uJohane;
2O wa fakazela izwi lika Tixo, nezindaba zika Jesu Kristu, nako konke a ku bonayo.
3U busisiwe o wa fundayo, naba wezwayo amazwi a lesisiprofeto, ba gcine okulotyiweyo kuso; ngokuba isikati si seduze.
4uJohane kuwo amabandhla a isikombisa a seAsia; a ku be kini umusa, nokutula oku vela kuyena o kona, owa e kona, o zayo, na kubo oMoya aba isikombisa aba pambi kwesihlalo sake,
5Na kuJesu Kristu, ufakazi o isiminya, owamazibulo kwabafileyo, iNkosi yamakosi omhlaba. Kuyena o si tandayo owa si hlanza izono zetu ngegazi lake,
6Wa senza si be amakosi nabapristi kuTixo uYise wake kuyena a ku be udumo nobukosi ku ze ku be pakade. Ameni.
7Bheka, u yeza namafu; amehlo onke a ya kumbona, nabo aba m gwazayo; izizwe zonke zomhlaba zi ya kulila ngaye. Yebo, Ameni.
8Ngi nguAlfa noOmega; i tyo iNkosi uTixo, o kona, owa e kona, o zayo, uSomandhla.
9Mina Johane, umzalwane wenu, umhlanganyeli kanye nani ekuhlupekeni, na sembusweni na sekubekezeleni kuka Jesu Kristu, nga ngi kona esiqingini esi tiwa iPatmo, ngezwi lika Tixo na ngezindaba zika Jesu Kristu.
10Nga ngi noMoya ngosuku lweNkosi; nga li zwa emva kwami izwi elikulu, li njengeletilongo,
11Li ti, Loku o ku bonayo ku lobe encwadini, u i tume kuwo amabandhla a isikombisa a seAsia; kwela sEfesu, nela seSmurna, nela sePergamo, nela seTuatira, nela seSardesi, nela seFiladelfia, nela seLaodikea.
12Nga penduka ukuba ngi li bone izwi ela kuluma nami. Se ngi pendukile, nga bona izinti zezibani ezi isikombisa zegolide.
13Ngapakati kwezinti zezibani nga bona otile o fana neNdodana yomuntu, embete ingubo e fikela ezinyaweni, e botyiwe ngasemabeleni ngebande legolide.
14Ikanda lake nezinwele zake za zi mhlope, njengoboya bezimvu ezimhlope njengongqongqwane; amehlo ake a e njengelangabi lomlilo;
15Izinyawo zake za zi njengetusi elikazimulayo, njengokungati zi vutiwe eziko; izwi lake la li njengenhlokomo yamanzi amaningi;
16Wa e pete izinkanyezi ezi isikombisa esandhleni sake sokunene; kwa puma emlonyeni wake inkemba ebukali izinsiko zombili; ubuso bake ba bu njengelanga li kanya ngamandhla alo.
17Lapo se ngi m bonile, nga wa nga sezinyaweni zake njengofileyo. Wa beka isandhla sake sokunene pezu kwami, wa ti, U ngesabi; ngi ngowokuqala nowokupela,
18Nopilayo; nga fa, kepa, bheka, se ngi pila ku ze ku be pakade; ngi nezihlutulelo zokufa nezehaidese.
19Zi lobe izinto o zi bonileyo, na lezi ezi kona, na lezo ezi za kuba kona ngasemva kwa lezo;
20Imfihlakalo yezinkanyezi ezi isikombisa owa zi bonayo esandhleni sami sokunene, nezinti zezibani esi isikombisa zegolide. Izinkanyezi ezi isikombisa zi izingelosi zamabandhla a isikombisa; izinti zezibani ezi isikombisa zi ngamabandhla a isikombisa.