1NGA bona enye ingelosi e namandhla yehla ezulwini, yembete ifu; utingo lu pezu kwekanda layo ubuso bayo ba bu njengelanga, izinyawo zayo za zi njengezinsika zomlilo.
2Ya i pete esandhleni sayo incwadi e penyiweyo; ya beka unyawo lwayo lokunene pezu kolwandhle, nolokohlo ya lu beka pezu komhlabati,
3Ya memeza ngezwi elikulu, njengokukala kwengonyama; lapo ya memeza, izindumo ezi isikombisa za shumayela.
4Lapo izindumo ezi isikombisa za shumayela, nga be se ngi za kuloba; ngezwa izwi li vela ezulwini li ti kimi, Namatelisa okushunyayelwa izindumo ezi isikombisa, u nga ku lobi.
5Ingelosi enga i bonayo i mi pezu kolwandhle na pezu komhlabati, ya pakamisela nga sezulwini isandhla sokunene sayo,
6Ya m funga yena opilayo ku ze ku be pakade, owa dala izulu na loku oku kulo, nomhlaba na loku oku kuwo nolwandhle na loku oku kulo, ya ti, A ku sa yi kubako isikati;
7Kepa ngezinsuku zezwi lengelosi yesikombisa, lapo i be za kubeta, imfihlakalo ka Tixo i za kufezwa, njengaloko wa zi tyela izinceku zake abaprofeti.
8Izwi enga li zwayo li vela ezulwini, la buya la kuluma nami, la ti, Hamba, u tabate incwadi epenyiweyo e sesandhleni sengelosi emiyo pezu kolwandhle na pezu komhlabati.
9Nga ya kuyo ingelosi, nga ti kuyo, Ngi pe incwadi. Ya ti kimi, I tabate, u i dhle i za kubaba esiswini sako, kodwa emlonyeni wako i za kuba mnandi, njengezinyosi.
10Nga i tabata incwadi esandhleni sengelosi nga i dhla; ya i mnandi emlonyeni wami njengezinyosi; kepa lapo se ngi i dhlile ya baba esiswini sami.
11Ya ti kimi, Nga u buya u profete ngabantu, nezizwe, nezilimi, namakosi amaningi.