1KWA bonakala ezulwini umboniso omkulu; umfazi embete ilanga, inyanga i pansi kwezinyawo zake, umqele wezinkanyezi ezi ishumi nambili u sekanda lake;
2E kulelwe, wa kala, e beleta, wa katazeka ukuzala.
3Kwa bonakala omunye umboniso ezulwini; bheka, udrako omkulu obomvu, e namakanda a isikombisa, nezimpondo ezi ishumi, i semakanda ake imiqele e isikombisa.
4Umsila wake wa donsa okwesitatu kwezinkanyezi zezulu, wa zi ponsa emhlabeni; udrako wema pambi komfazi o be za kuzala, ukuba, se e zele, a dhle umntwana wake.
5Wa zala umfana, o be za kubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi; kwa ti umntwana wake wa hlwitelwa kuTixo, na sesihlalweni sake sobukosi.
6Umfazi wa baleka wa ya ehlane, lapo e nendawo e lungiselwe uTixo, ukuba ba m ondhle kona izinsuku ezi inkulungwane namakulu amabili namashumi a isitupa.
7Kwa ku kona ukulwa ezulwini; uMikaeli nezingelosi zake za lwa nodrako; udrako nezingelosi zake za lwa,
8A zahlulanga, nendawo yazo a ya be i sa funyaniswa ezulwini.
9Wa kitywa udrako omkulu, inyoka endala, oku tiwa uDiaboli, uSatani, owedusa izwe lonke; wa lahlelwa emhlabeni, nezingelosi zake za lahlwa kanye naye.
10Ngezwa izwi elikulu ezulwini, li ti, Kaloku se ku fikile ukusindiswa, namandhla, nombuso ka Tixo wetu, nobukosi buka Kristu wake; ngokuba umhlebi wabazalwane betu se u lahliwe, yena owa ba cebayo pambi kuka Tixo wetu imini nobusuku.
11Ba m nqobile ngegazi leUndhlu, na ngezwi lokuqinisa kwabo; ba be nga tandi ukupila kwabo ku ze ku be sekufeni.
12Ngaloku jabulani, zulu nabo aba hlala kulo. Nako kinina, mhlaba nolwandhle! ngokuba uSatani ehlele kini, e nolaka olukulu, azi ukuti u nesikati esincane.
13Lapo udrako wa bona ukuti wa lahlelwa emhlabeni, wa m hlupa umfazi owa m zala owesilisa.
14Umfazi wa piwa amapiko amabili okozi olukulu, ukuba a ndizele ehlane, endaweni yake, lapa ondhliwa kona isikati, nezikati, nenxenye yesikati, a nga biko ebusweni benyoka.
15Inyoka ya pumisa emlonyeni wayo amanzi njengomfula emva komfazi, ukuba i m mukise ngomfula.
16Umhlaba wa m siza umfazi; umhlaba wa vula umlomo wawo, wa minza umfula udrako a u pumisayo emlonyeni wake.
17Udrako wa tukutela nomfazi, wemuka wa ya ukulwa nabaseleyo benzalo yake, aba londa imiyalo ka Tixo, be nokuqinisa kuka Jesu Kristu.