ISAHLUKO 15
1NGA bona omunye umboniso ezulwini, omkulu, omangalisayo izingelosi ezi isikombisa zi nezinhlupo ezi isikombisa ezokupela; ngokuba ku pelele ngazo ulaka luka Tixo.
2Nga bona, kwangati, ulwandhle lwesibuko si xubene nomlilo, naba be nqobe isilo, nomfanekiso waso, nopau lwaso, nesibalo segama laso, be mi pezu kolwandhle lwesibuko, be nezingubu zika Tixo.
3Ba hlabelela igama lika Mosi inceku ka Tixo, negama leUndhlu, ba ti, Mikulu, i ya mangalisa imisebenzi yako, Nkosi Tixo Somandhla; zi lungile, zi isiminya izindhlela zako, Nkosi yezizwe.
4Ubani o nga yi kukwesaba wena, Nkosi, a li dumise igama lako na? ngokuba u ingcwele wena wedwa; ngokuba izizwe zonke zi ya kuza zi ku dumise; ngokuba ukwahlula kwako ku bonakalisiwe.
5Emva kwaloku nga se ngi bona, itempeli lika tabanekele wokuqinisa la li vuliwe.
6Kwa puma etempelini izingelosi ezi isikombisa ezi nezinhlupo ezi isikombisa, zembete indwangu ehlanzekileyo emhlope, zi botyiwe ezifubeni ngamabande egolide.
7Kwa ti esinye isidalwa ku lezo ezine sa zi nika izingelosi ezi isikombisa amagaba a isikombisa e gcwele ulaka luka Tixo opilayo ku ze ku be pakade.
8Itempeli la gcwaliswa umusi u vela ekukazimuleni kuka Tixo, na semandhleni ake; a kwa ba ko noyedwa o be namandhla okungena etempelini, zi nga ka peleli izinhlupo ezi isikombisa zezingelosi ezi isikombisa.
Bible Society of South Africa 1893