1KWA ti enye ingelosi kuzo ezi isikombisa eza zi namagaba a isikombisa yeza, ya kuluma nami, i ti, Woza lapa; ngo ku bonisa ukulahlwa kwesifebe esikulu esi hlala pezu kwamanzi amaningi,
2Amakosi omhlaba a pinga naso, nabakileyo emhlabeni ba dakiswa ngewaini lobufebe baso.
3Ya ngi holela ehlane ngi nomoya; nga bona umfazi e kwele esilweni esibomvu, si gcwele amagama enhlamba, si namakanda a isikombisa, nezimpondo ezi ishumi.
4Umfazi wa embete okunsundu nokubomvu, e hlobe ngegolide, na ngamatye amahle na ngamaparele, e pete isitya segolide esandhleni sake, si gcwele okunengekayo namanyala obufebe bake.
5Kwa ku lotyiwe ebunzini lake igama lokuti, IMFIHLAKALO IBABULONA ELIKULU, UNINA WEZIFEBE NOWOKUNENGEKAYO KOMHLABA.
6Nga bona umfazi e dakiwe igazi labangcwele, negazi lofakazi baka Jesu; nga mangala nokumangala lapo ngi m bonayo.
7Ya ti ingelosi kimi, U mangaleleni na? Ngo ku tyela imfihlakalo yomfazi neyesilo esi m tweleyo, esi namakanda a isikombisa nezimpondo ezi ishumi.
8Isilo owa si bonayo, sa si kona, ka si se ko, si ya kwenyuka emgodini o nge namkaulo, si ye ekubujisweni; ba ya kumangala abakileyo emhlabeni, amagama abo a nga lotyiwe encwadini yokupila iloku kwa dabuka umhlaba, be bona isilo, ukuti, sa si kona, ka si se ko, si ya kuza.
9Naku ukwazi oku nokuqonda. Amakanda a isikombisa a izintaba ezi isikombisa, umfazi a hlala kuzo.
10A ngamakosi a isikombisa; ka se ko a isihlanu, enye i kona, enye a i ka fiki; nxa i si fikile nga i hlala isikatyana.
11Isilo esa si kona, si nge ko, sona lesi eyesishiyagalombili, si kuwo a isikombisa; so ya ekubujisweni.
12Izimpondo ezi ishumi owa zi bonayo zi ngamakosi a ishumi, a nga kamkeli umbuso; kepa amkela amandhla njengamakosi ihora linye kanye nesilo.
13Wona a nentando inye, a si nika isilo amandhla nobukosi bawo.
14A ya kulwa neUndhlu, kepa iUndhlu lo wa nqoba; ngokuba li nguMbusi wababusi, neNkosi yamakosi; labo aba nalo ba ngababiziweyo, nabaketiweyo, nabesiminya.
15Ya ti kimi, Amanzi owa wa bonayo, lapa si hlala kona isifebe, a ngabantu, nezixuku, nezilimi.
16Izimpondo ezi ishumi owa zi bonayo, nesilo, lezi zi ya kuzonda isifebe, zi si cite, zi senze si be ze, zi dhle inyama yaso, zi si tyise ngomlilo.
17Ngokuba uTixo u bekile ezinhliziyweni zazo, ukuba zi yenze intando yake zenze intando inye, zi si nike isilo umbuso wazo, a ze a gcwaliseke amazwi ka Tixo.
18Umfazi owa m bonayo u ngumuzi omkulu, o nombuso pezu kwamakosi.