1NGA bona izulu elitya nonmlaba omutya, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala wa be u dhlulile; a ku se ko nolwandhle.
2Nga bona umuzi ongcwele, iJerusalema elitya, wehla ezulwini kuTixo, u lungisiwe njengomakoti e hlobele indoda yake.
3Ngezwa izwi elikulu li vela ezulwini, li ti, Bheka, utente ka Tixo u kona kubantu u ya kuhlala nabo, ba be abantu bake, yena uTixo a be nabo, a be uTixo wabo.
4uTixo u ya kwesula izinyembezi emehlweni abo; a ku sa yi ku ba ko ukufa, nokudabuka, nokukala, nokuhlupeka a ku sa yi ku ba ko; ngokuba okokuqala ku dhlulile.
5Wa tyo yena owa e hlala esihlalweni sobukosi, wa ti, Bheka, ngi kwenza konke ku be kutya. Wa ti, Loba; ngokuba lawamazwi a isiminya, a qinisile.
6Wa ti kimi, Kwenziwe Ngi nguAlfa noOmega, ukuqala nokupela Ngi ya kumnika owomileyo, ukuba a puze ngesihle emtonjeni wamanzi okupila.
7O nqobayo u ya kulidhla ifa la loku; ngo ba uTixo wake, yena a be umntwana wami.
8Kepa amagwala, nabangakolwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabatakati, nabakonzayo izitombe, nabo bonke aba qamba manga, ba ya kwabelwa indawo ecibini eli vuta umlilo nesolufa, oku ngukufa kwesibili
9Kwa fika enye ingelosi kuzo ezi isikombisa, ezi namagaba a isikombisa a gcwele izinhlupo ezi isikombisa ezokupela, ya kuluma nami, ya ti. Woza lapa, ngo ku bonisa umakoti, umka Undhlu.
10Ya muka nami, ngi nomoya, ya ngi zisa entabeni enkulu ende, ya ngi bonisa umuzi ongcwele, iJerusalema, wehla ezulwini kuTixo.
11U nokukazimula kuka Tixo; ukukanya kwawo kwa ku njengetye elihle kakulu, njengetye ijasipi elikanyisa okwesibuko.
12U nogange olukulu, olupakamileyo; u namasango a ishumi nambili, nezingelosi ezi ishumi nambili emasangweni, namagama a lotyiwe pezu kwawo, a ngamagama ezizwe zamadodana ka Israeli;
13Ngasempumalanga amasango amatatu, na ngasenyakato amasango amatatu, na ngaseningizimu amasango amatatu, na ngasentyonalanga amasango amatatu.
14Ugange lomuzi lwa lu namatye okusekela a ishumi nambili, a e kona kuwo amagama abapostoli aba ishumi nambili beUndhlu.
15Yona eya kuluma nami ya i nohlanga lwegolide lokulinganisa, ukuba i linganise umuzi, namasango awo nogange lwawo.
16Umuzi wakiwe ngamagumbi amane, ubude bawo bu lingene nobubanzi bawo. Ya linganisa umuzi ngohlanga, amastadiu a izinkulungwane ezi ishumi nambili; ubude nobubanzi nokupakama kwawo ku lingene.
17Ya linganisa ugange lwawo, izingalo ezi ikulu namashumi amane nane, isilinganiso somuntu, esengelosi.
18Ugange lwawo lwakiwa ngejasipi; umuzi wakiwa ngegolide elihle, li njengesibuko esihle.
19Izisekelo zogange lomuzi za vunuliswa ngawo onke amatye amahle. Isisekelo sokuqala sa si ijasipi; esesibili, isafeiro; esesitatu, ikalkedoni; esesine, isimaragido;
20Esesihlanu, isardoniki; esesitupa, isardio; esesikombisa ikrusoliti; esesishiyagalombili iberule; esesihiyagololunye, itopazi; eseshumi ikrusoprasu, eseshumi nanye, ijakinto; eseshumi nambili, iametiste.
21Amasango a ishumi nambili a ngamaparele a ishumi nambili; ilelosango la li iparele; indhlela yomuzi ya i igolide elihle, li njengesibuko esicwebileyo.
22A ngi bonanga itempeli kuwo; ngokuba iNkosi uTixo uSomandhla, i itempeli lawo, neUndhlu.
23Umuzi a u dingi ilanga nenyanga ukuba i kanye pakati kwawo, ngokuba ukukazimula kuka Tixo ku ya u kanyisa, neUndhlu li ngukukanya kwawo.
24Izizwe zi ya kuhamba ngokukanya kwawo; amakosi omhlaba a ya zisa kuwo ubukosi bawo nodumo lwawo.
25Amasango awo a ka yi kuvalwa emini; (a bu ko ubusuku kona;)
26Ba ya kuzisa kuwo ubukosi nodumo lwezizwe.
27A ku yi kungena nanye into embi, neyenza okunengekayo nokubi; kupela abalotyiweyo encwadini yokupila yeUndhlu.