1BAZALWANE, ku ukufisa kwenhliziyo yami nokukuleka kuTixo ngabo abaIsraeli, ukuba ba sindiswe.
2Ngi ya ba qinisela ngi ti, ba kutalele uTixo, kepa be nga qondisisi.
3Loku be ngazi ukulunga kuka Tixo, ba funa ukumisa ukulunga kwabo, a ba lalelanga ukulunga kuka Tixo.
4Ukugcina komteto ku uKristu, ku be ukulunga kubo bonke abakolwayo.
5uMosi u ya loba ukulunga oku ngomteto, u ti, Umuntu o zenza lezizinto u ya kupila ngazo.
6Kepa ukulunga oku ngokukolwa ku ya tyo ukuti, U nga tyo enhliziyweni yako ukuti, Ubani o za kwenyukela ezulwini na? (loku ku ukuti, ukumehlisa uKristu;)
7Nokuti, Ubani o za kwehlela ekujuleni na? (loku ku ukuti, ukumkupula uKristu, kwabafileyo.)
8Kepa ku tini na? Izwi li seduze nawe, li semlonyeni wako, na senhliziyweni yako; ilona izwi lokukolwa, esi li shumayelayo;
9Lokuti, uma u vuma ngomlomo wako iNkosi uJesu, u kolwe ngenhliziyo yako ukuti uTixo wa m vusa kwabafileyo, u ya kusindiswa.
10Ngokuba umuntu u ya kolwa ngenhliziyo yake ku be ukulunga; u ya vuma ngomlomo wake, ku be ukusindiswa.
11Umbalo u ti, Ilowo o kolwa uye ka yi kujaba.
12A ku ko ukwahlukana kwabaJuda namaGreki; ngokuba lowo u iNkosi yabo bonke, i fuyele bonke aba kuleka kuye.
13Bonke aba ya kukuleka egameni leNkosi, ba ya kusindiswa.
14Kepa ba ya kukuleka kanjani kuyena, aba nga kolwanga uye na? ba ya kukolwa kanjani uyena, aba ngezwanga ngaye na? ba ya kuzwa kanjani, ku nge ko oshumayelayo na?
15Ba ya kushumayela kanjani, be nga tunywa na? Njengokulotyiweyo ukuti, Yeka, zinhle izinyawo zaba shumayela ivangeli lokutula, abashumayela ivangeli lokulungileyo.
16Kepa a ba lalelanga ivangeli bonke; ngokuba uIsaya u ti, Nkosi, ku ya kolwa ubani inshumayelo yetu na?
17Njalo ukukolwa ku ya ngokushunyayezwa, ku ti ukushunyayezwa ku ngezwi lika Tixo.
18Kepa ngi ti, a bezwanga na? Yebo, ukushumayela kwabo kwa pumela ezweni lonke, amazwi abo a ya nasemikaulweni yomhlaba.
19Kepa ngi ti, abaIsraeli ba be ngazi na? Kuqala, uMosi u ti, Ngi ya kunivusela umona ngaba nge siso isizwe, ngi ni cunule ngesizwe esi nga qondiyo.
20Kepa uIsaya u mi isibindi, u ti, Nga funyaniswa aba nga ngi funiyo, nga bonakala kwa ba nga buzi ngami.
21Kodwa u ti kubaIsraeli Usuku lonke ngelulele izandhla zami kubantu aba nga laleliyo nabapikayo.