1SE ngi ngene ensimini yami, dadekazi wami, mtshakazi wami: se ngi yi butile imure yami namaka ami; se ngi wa dhlile amakekeba ami noju lwami; se ngi li puzile iwaini lami nobisi lwami; yidhlanike zihlobo; puzanike, ni puze kakulu, batandwa.
2Ngi ya lala, kepa inhliziyo yami i ya papama, ku izwi lomtandwa wami eli ngqongqotayo li ti ngi vulela, dadekazi wami, mtandwa wami jabakezi lami, ngcwelekazi yami: ngokuba ikanda lami li gcwele umbete, nesihlutu sami amatonsi a sebusuku.
3Se ngi si susile isivato sami; ngi ya ku si faka kanjani? se ngi zihlanzile izinyawo zami; ngi ya ku zi ngcolisa kanjani?
4Umtandwa wami u ngenise isandhla sake ngesikala somnyango kwa ti izibilini zami za nyakaza ngaye.
5Nga vuka ukusivulela isitandwa sami; kwa ti izandhla zami za tonsa imure, neminwe yami imure e nepunga elimnandi, pezu kwezikibaniso zesivalo.
6Nga m vulela umtandwa wami; kodwa umtandwa wami wa e se zi catyisile, e se mukile: umpefumlo wami wa u dangala uma e kuluma: nga m biza kepa a ka ngi nikanga mpendulo.
7Abalindi a ba be vagatya emzini ba ngi fumana, ba ngi tyaya, ba ngi limaza; abalondolozi bezindonga ba ngamuka iveli lami.
8Ngi ya ni yala, nina madodakazi a seJerusalema, ukuba ni ti uma ni m fumana umtandwa wami, ni m tyele, ukuba ngi ya fa utando.
9Isitandwa sako si si dhlula ngani isitandwa somunye, wena omuhle pakati kwesifazana? isitandwa sako si si dhlula ngani isitandwa somunye, ukuba u si yale kangaka na?
10Umtandwa wami u mhlope u bomvu, u inhloko pakati kwezinkulungwane ezi ishumi.
11Ikanda lake li njengegolide elihle kakulu, isihlutu sake si ya nutuzela, si mnyama njengegwababa.
12Amehlo ake a njengamehlo amajuba ngasemifuleni yamanzi, a hlanzwe ngobisi, e miswa ngokufanela.
13Izihlati zake zi njengombundu wamaka, njengezimbali ezimnandi: Izindebe zake zi njengentebe, zi tonsa imure e nepunga elimnandi.
14Izandhla zake zi njengezindandato zegolide ezi fakelwe ngamatye oberule: isisu sake si njengopondo lwendhlovu olukanyayo lu qondelwe ngamatye e safire.
15Imilenze yake i njengezinsika zetye elitye, ezi bekwe pezu kwezisekelo zegolide elihle: ubuso bake bu njengeLebanoni bu igugu njengesedare.
16Umlomo wake u mnandi kakulu: ehe, u tandeka wonke kanye. Lowo umtandwa wami, nomhlobo wami, nina madodakazi a seJerusalema.