1SENGATI a u njengomfo wetu, o wa ncela amabele ka mame! Uma ngi ku fumana ngapandhle, nga ngi kwanga; ehe, ku ti ngi nge delwe.
2Nga ngi ku hola, ngi ku lete endhlini ka mame, o nga ngi fundisayo: Ngi nga kwenza ukuba u puze iwaini eli vutyelwe ngencindi yerimoni lami.
3Isandhla sake sokohlo nga si ba pansi kwekanda lami, nesandhla sake sokunene si ngi gone.
4Ngi ya ni yala, madodakazi a seJerusalema, ukuba ni nga si babasi ni nga si vusi isihlobokazi sami, si nga ka tandi.
5Ubani lo oza e kupuka ehlane, e ncike pezu komtandwa wake? Nga ku vusa nga pansi komuti wamaapula; lapa unyoko wa ku veza kona, lapa a ku veza kona owa ku zalayo.
6Ngi beke njengopau enhliziyweni yako, njengopau engalweni yako, ngokuba utando lu namandhla njengokufa; isikwele si lukuni njengesheoli: amalahle abo amalahle omlilo, a nelangabi eli dangazelayo kakulu.
7Amanzi amaningi a ka nakulucima utando, nemisinga a i nakulukukula: nokuba umuntu e nikela impahla yonke yendhlu yake ngenxa yotando, i nga delwa kupela.
8Si nodade wetu omncane, kepa a ka namabele: si ya kwenze njani ngodade wetu mhla e ya ku hlatyezwa na?
9Uma e be udonga, be si ngaka pezu kwake isigodhlo sesiliva: noma e be umnyango be si nga m bekela ngamapulangwe esedare.
10Ngi udonga, namabele ami a njengezinqaba: emehlweni ake nga ba njengofumene umusa.
11uSolomona wa e nesivini e Baalhamoni; wa si nikela isivini kubalindi; bonke ngamunye ngesitelo saso wa e leta izinhlamvu ezinkulungwane zesiliva.
12Isivini sami, esi nge sami, si nga pambi kwami; wena Solomona inkulungwane i eyako, nokwa labo aba gcina isitelo saso amakulu amabili.
13Wena o hlala emasimini abangane ba ya li lalela izwi lako: a ke u ngi zwise lona nami.
14Tyetya, mtandwa wami, u baleke njengendhluzele na njengesixumu sembabala pezu kwezintaba zamaka amnandi.