1LAPO nga pakamisa amehlo ami nga bona, bhekake, umuntu e nentambo yokulinganisa esandhleni sake.
2Nga se ngi ti, U ya pi na wena? Yena wa ti kimi, Ukulinganisa iJerusalema, ukubona, bu ngakanani ububanzi, bu ngakanani nobude balo.
3Bhekake ingelosi e bi kuluma nami ya puma, nengelosi enye ya puma uku yi hlangabeza.
4Yona ya ti kuyo, Gijima u kulume kuyo insizwa le, u ti, iJerusalema li za kwakiwa njengemizi e nga biyiwe ngobuningi babantu nezinkomo pakati kwalo.
5Ngokuba, Mina, u tyo uJehova, ngo ba kulo udonga lomlilo, ngo ba nokukazimula pakati kwalo.
6He! He! Zanini ni baleke ezweni la senyakato, u tyo uJehova: ngokuba njengomoya abane bezulu ngi ni hlakazile, u tyo uJehova.
7We Zioni! o hlezi nendodakazi ya seBabulona zisindise.
8Ngokuba njalo u tyo uJehova wamabandhla; Emva kokukazimula u ngi tumile kuzo izizwe e zi ni pangileyo; ngokuba yena o tyayana nawe u tyayana nenhlamvu yeso lake.
9Ngokuba, bheka, ngo zamazamisa isandhla sami pezu kwabo, bona ba ya kuba impango kuzo izinceku zabo: ko ti nazi ukuba uJehova wamabandhla u ngi tumile.
10Hlabelela wetabe Ndodakazi ya seZioni; ngokuba bheka mina ngi yeza, ngo hlala pakati kwako, u tyo uJehova.
11Ku ya kuti izizwe eziningi zi hlangane kuJehova nga lomhla, ba be abantwana bami bona: mina ngo hlala pakati kwako, wazi wena ukuba uJehova wamabandhla u ngi tumile kuwe.
12Lapo uJehova wo zuza iJuda inxenye yake ezweni eli ingcwele, a kete neJerusalema futi.
13Tula Nyama yonke pambi kuka Jehova; ngokuba u vusiwe enhlalweni yake eyingcwele.