1KWA ti kwa ba kona izwi lika Jehova wamabandhla, li ti,
2Njalo u tyo uJehova wamabandhla; Nga ngi nomona ngenxa yeZioni ngomona omkulu, nga ngi nomona ngenxa yalo ngokuvuta okukulu.
3Njalo u tyo uJehova; ngi buyele kulo iZioni ngo ti ngi hlale pakati kweJerusalema: lona iJerusalema lo tiwa umuzi weqiniso; intaba yika Jehova wamabandhla, intaba eyingcwele.
4Njalo u tyo uJehova wamabandhla, ko hlala kona futi amadoda amadala, nabafazi abadala ezindhleleni za seJerusalema, ilomuntu e nentonga esandhleni sake ngobuningi bemihla.
5Nezindhlela zomuzi zo gcwala abafana namatombazana be dhlala ezindhleleni zawo.
6Najlo u tyo uJehova wamabandhla; Uma ku ngomangalisayo emehlweni ensalo ya lababantu ngalezizinsuku; ku nga ba okumangalisayo emehlweni ami na? u tyo uJehova wamabandhla.
7Njalo u tyo uJehova wamabandhla; Bheka mina ngo sindisa abantu bami ezweni la sempumalanga, na sezweni la sentyonalanga.
8Ngo ba zisa mina, ba hlale pakati kweJerusalema; bona bo ba abantu bami, mina ngo ba kubo uTixo ngeqiniso na ngokulunga.
9Njalo u tyo uJehova wamabandhla: Izandhla zenu ma zi qine nina e ni zwa nga lezizinsuku amazwi lawa ngomlomo wabazisi, a ba be kona ngosuku ya sekelwa ngalo indhlu ka Jehova, wamabandhla ukuze kwakiwe itempeli.
10Ngokuba ngapambili kwa ku ngeko ukukokelwa komuntu, kwa ku ngeko nokukokelwa kwesilwane; kwa ku ngeko nokuhlala kahle kuye o wa puma, na kuye o wa ngena ngenxa yenhlupeko; ngokuba nga beka bonke abantu ilo ngakuye umngane wake.
11Kepa kaloku a ngi yi ku ba njenga sezinsukwini ezidhlulileyo kuyo insalo ya lababantu, u tyo uJehova wamabandhla.
12Ngokuba inzalo yo ba nenhlalo enhle; isinwazi so tela ukudhla kwaso, nomhlaba wo tela isitelo sawo, nezulu lo nika umbete walo; ngo ti ngenze ukuba insalo ya laba bantu i be na loku konke.
13Ko ti ku be njenga loku ni be isituko pakati kwezizwe, Ndhlu ka Juda, nendhlu ka Israeli; njalo ngo ni sindisa, ni be ubusiso; ni nga sabi, izandhla zenu ma zi qine.
14Ngokuba njalo u tyo uJehova wamabandhla; njenga loku ngi be ngi cabanga ukunihlupa lapo oyihlo benu ba ngi tukutelisa kona, u tyo uJehova wamabandhla, ngi nga penduki:
15Njalo ngi buyile ngi cabangile ngalemihla ukwenza kahle kulo iJerusalema na kuyo indhlu kaJuda: ni nga sabi.
16Ilawa amazwi e ni ya ku wenza; Kulumani iqiniso ilomuntu nomngane wake; Yahlulani iqiniso nesahlulo sokuhlalisa kahle emasangwini enu.
17Ma ni nga cabangi nina namunye muntu wenu okubi ezinhliziyweni zenu nga kuye umhlobo wake, ni nga tandi nina isifungo samanga, ngokuba iloku konke e ngi ku zondayo; ukutyo kuka Jehova.
18Kwa ti kwa ba kona kimi izwi lika Jehova wamabandhla, li ti,
19Njalo u tyo uJehova wamabandhla; ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kwe yesihlanu, nokuzila kwe yesikombisa nokuzila kwe yeshumi ko ba kuyo indhlu ka Juda, ukwetaba nokujabula, namadili amahle; ngako tandani iqiniso nokuhlala kahle.
20Njalo u tyo uJehova wamabandhla, Ku ya kwenziwa futi ukuba ku vele abantu, nabahleziyo bemizi eminingi.
21Ko ti abahleziyo bomuzi munye ba ye komunye, be ti, Ma si hambe si ye si kuleke ebusweni buka Jehova, si fune uJehova wamabandhla; ngo hamba nami.
22Ku ya kuti, abantu abaningi, nezizwe ezi namandhla zi ze zi fune uJehova wamabandhla eJerusalema, zi tandaze ebusweni buka Jehova.
23Njalo u tyo uJehova wamabandhla; Ngalezozinsuku ku ya kwenziwa, ukuba abantu aba ishumi bezilimi zonke zezizwe, ba bambe bona icopo lomuntu e umJuda, ba ti, So hamba nani; ngokuba si zwile ukuba uTixo u kini.