1MAYE kopambeneyo ongcolileyo, umuzi ohlupayo!
2A u lalelanga izwi; a wamkelanga ukulungiswa; a wetembanga kuJehova; a u sondelanga kuTixo.
3Izikulu zawo pakati kwawo zi izingonyama ezibodhlayo; abahluli bawo ba izimpisi zokuhlwa; a ba shiyeli uluto kwangomso.
4Abazisi bawo ba abaqenayo abantu abakohlisayo; abakonzi bawo ba ku ngcolisile oku ingcwele, ba wonile umteto.
5uJehova olungileyo u pakati kwawo; a ka yi kwenza okubi: kusasa na kusasa u ya beka ukwahlula kwake ekukanyeni, a ka puti; kepa omubi a ka zazi izinhloni.
6Ngi nqumile izizwe; iziqongo zazo zi citiwe: ngi citakalisile izindhlela zazo, ku nga dabuli kona umuntu: imizi yazo i hlakaziwe a ku se ko muntu, a ka bi ko ohlalayo.
7Nga ti, Wena wo ngesaba isibili, wo kwamkela ukulungiswa; ukuze inhlalo yake i nga nqunywa, ngako konke e ngi ku bekisile pezu kwake: kanti ba tyetya ba vuke, ba zonakalisa zonke izenzo zabo.
8Ngako ngi bekeleni u tyo uJehova, ku ze ku be usuku e ngi vukela impango ngalo; ngokuba ku ukwahlula kwami ukubuta izizwe; ngi hlanganise imibuso, ukutela pezu kwazo intukutelo yami, ukuti lonke ulaka lwami olu vutayo: ngokuba izwe lonke li ya kudhliwa ngomlilo womona wami.
9Ngokuba lapo ngo buyisela kubantu ukukuluma okwahlukanisiweyo, ukuze ba kuleke bonke ngegama lika Jehova uku m konza ngenhliziyonye.
10Ku pume nga pesheya kwemifula ya seKushi abakulekayo bami a ba indodakazi yabahlakaziweyo bo leta isipiwo sami.
11Ngalolosuku wena a u yi ku jaba ngezenzo zonke zako o pambekile ngazo ngakimi: ngokuba lapo ngo susa pakati kwako bona abetaba ekuzidhleni kwako, a u sa yi ku pinda ukuzipakamisa entabeni yami e ingcwele.
12Ngi ya kuti ngi shiye pakati kwako abantu abahlupekileyo abampofu, bona ba zo temba egameni lika Jehova.
13Abensalo ba seIsraeli a ba yi kwenza okubi, a ba yi ku kuluma amanga; nolimi lwenkohliso a lu yi ku funyanwa emlonyeni wabo: ngokuba bona ba ya kudhla, ba lale pansi, ku nga biko o betusayo.
14Hlabelela, Ndodakazi ya seZioni; memezani, baIsraeli, jabula wetabe ngenhliziyo yonke Ndodakazi ya seJerusalema.
15uJehova u susile ukwahlulwa kwako, u guqulele emuva isita sako: iNkosi ya seIsraeli uJehova i pakati kwako; wena a u yi ku bona okubi futi.
16Ngosuku lolo ko tiwa kuJerusalema, U ngesabi! na kuZioni, Izandhla zako ma zi nga dangali.
17uJehova uTixo wako pakati kwako u namandhla, wo sindisa; wetabe pezu kwako ngenjabulo: wo tula ngenxa yokutanda kwako, wo jabula pezu kwako ngokuhlabelela.
18Ngo buta bona aba lingozela umhlangano omiselweyo a ba vele kuwe, e be i ihlazo kubo inkulumo ngawo.
19Bhekani nga lesisikati ngi ya kwenza nga kubo bonke a ba ku katazayo: ngo ti ngi sindise abaxukayo, ngi bute yena o kapezwayo; ngo ti ngi ba bekele ukudunyiswa nodumo emazweni onke okuhlaziswa kwabo.
20Nga lesosikati ngo ni leta, kusona isikati e ngi ni buta ngaso: ngokuba ngo ni nika igama nokudunyiswa kubo bonke abantu bomhlaba, lapo ngi buyisa abatunjiweyo benu emehlweni enu, u tyo uJehova.