Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 111

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 66

Ukubonga nokudumisa uNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Igama. Ihubo.

1Mhubeleni ngenjabulo uNkulunkulu, mhlaba wonke.

2Hlabelelelani inkazimulo yegama lakhe,

nibabaze ukudunyiswa kwakhe.

3Yishoni kuNkulunkulu, nithi:

“Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho.

Ngenxa yobukhulu bamandla akho

izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.

4Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukudumise;

bayakuhubela igama lakho.” Sela*

5Wozani nibone izenzo zikaNkulunkulu;

uyesabeka ekwenzeni kwakhe kubantwana babantu.

6Ulwandle waluguqula lwaba yizwe elomileyo;

bawela umfula ngezinyawo;

lapho sathokoza kuye.

7Ubusa ngamandla akhe kuze kube phakade;

amehlo akhe ayahlozinga izizwe;

abanenkani mabangaziphakamisi. Sela*

8Bongani uNkulunkulu wethu nina zizwe,

nizwakalise izwi lokudunyiswa kwakhe

9ogcina umphefumulo wethu ekuphileni,

engaluvumeli unyawo lwethu lushelele.

10Ngokuba wena Nkulunkulu usilingile,

wasihlanza njengokuhlanzwa kwesiliva.

11Wasingenisa enetheni;

wabeka umthwalo onzima ezinkalweni zethu.

12Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu;

sangena emlilweni nasemanzini;

kepha wasikhiphela ekubuseni.

13Ngiyakungena endlini yakho ngineminikelo yokushiswa;

ngizakugcwalisa kuwe izithembiso zami

14ezaphinyiselwa yizindebe zami,

zakhulunywa ngumlomo wami ngisekuhluphekeni.

15Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo

kanye nephunga lezinqama;

ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela*

16Wozani nizwe nina nonke enesaba uNkulunkulu;

ngizakulandisa akwenzele umphefumulo wami.

17Ngakhala kuye ngomlomo wami;

ukudumisa kwakuphansi kolimi lwami.

18Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami,

ibingayikungizwa iNkosi.

19Ngempela uNkulunkulu uzwile,

walalela izwi lomkhuleko wami.

20Makabongwe uNkulunkulu

ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.

Ihubo 67

Ukubonga izibusiso zikaNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo. Igama.

1UNkulunkulu makabe nomusa kithina, asibusise;

makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela*

2ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni,

insindiso yakho kubo bonke abezizwe.

3Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;

mabakubonge abantu bonke.

4Izizwe mazijabule, zethabe;

ngokuba izizwe uzahlulela ngokulunga,

uzihola izizwe emhlabeni. Sela*

5Abantu mabakubonge, Nkulunkulu;

mabakubonge abantu bonke.

6Umhlaba uthelile izithelo zawo;

uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.

7UNkulunkulu uyasibusisa;

imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.

Ihubo 68

Ukunqoba kukaNkulunkulu ka-Israyeli

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo. Igama.

1Makavuke uNkulunkulu,

zihlakazeke izitha zakhe;

abamzondayo babaleka phambi kwakhe.

2Bamukiswa njengokumukiswa komusi;

njengokuncibilika kwengcina phambi komlilo

ababi bachithwa phambi kukaNkulunkulu.

3Kepha abalungileyo bayajabula;

bayethaba phambi kukaNkulunkulu

bethokoza nokuthokoza.

4Hlabelelani kuNkulunkulu,

nidumise igama lakhe;

menzeleni umendo lowo odabula amahlane;

igama lakhe linguJehova;

yethabani phambi kwakhe,

5uyise wezintandane,

umahluleli wabafelokazi,

uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,

6uNkulunkulu ohlalisa imihlalaqha ezindlini,

akhiphele iziboshwa ekubuseni;

ngabahlubukileyo bodwa abakhe ezweni elomileyo.

7Nkulunkulu, ekuphumeni kwakho phambi kwabantu bakho,

ekudabuleni kwakho ihlane, Sela*

8umhlaba wazamazama,

izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu,

neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu,

uNkulunkulu ka-Israyeli.

9Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu;

ifa lakho selahlulekile, waliqinisa.

10Ibandla lakho lakha kulo;

ngobuhle bakho wabalungisela abahluphekayo, Nkulunkulu.

11INkosi iphumisa izwi;

abesifazane ababika indaba ejabulisayo bayisixuku esikhulu.

12Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona;

isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.

13Nxa nilala phakathi kwezibaya,

kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva,

izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.

14Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo,

likhithika iqhwa eSalimoni.

15Intaba yaseBashani iyintaba kaNkulunkulu;

intaba yaseBashani iyintaba eneziqongo.

16Nina zintaba ezineziqongo,

yini ukuba niyibuke ngomhawu intaba

uNkulunkulu athanda ukuhlala kuyo na?

Yebo, uJehova uyakuhlala kuyo kuze kube phakade.

17Izinqola zikaNkulunkulu ziyizinkulungwane ezingamashumi amabili,

izinkulungwane nezinkulungwane;

iNkosi iphakathi kwazo;

iSinayi lisendaweni engcwele.

18Wena wenyukela phezulu,

wathumba izithunjwa,

wamukela izipho kubantu nakwabahlubukileyo,

ukuze uJehova uNkulunkulu ahlale khona.

19Mayibongwe iNkosi.

Iyasithwala imihla ngemihla;

uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela*

20Kithina uNkulunkulu unguNkulunkulu wezinkululo;

ukukhipha ekufeni kungokukaJehova iNkosi.

21Impela uNkulunkulu uyakuliphohloza ikhanda lezitha zakhe,

ukhakhayi olunesihluthu lwalowo osahamba ezonweni zakhe.

22INkosi yathi: “Ngiyakubabuyisa eBashani,

ngibabuyise ekujuleni kolwandle

23ukuba unyawo lwakho ulucwilise egazini,

ulimi lwezinja zakho lube nesabelo salo ezitheni.”

24Bayazibona izindwendwe zakho, Nkulunkulu,

izindwendwe zikaNkulunkulu wami,

iNkosi yami, ziya endlini engcwele.

25Ngaphambili kuhamba abahlabeleli,

ngasemuva abashaya ugubhu,

ngaphakathi izintombi ezishaya izingubhu.

26Bongani uNkulunkulu emihlanganweni;

bongani iNkosi, nina bomthombo ka-Israyeli.

27Nango uBenjamini, omncane, umbusi wabo,

neviyo lezikhulu zakwaJuda,

izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.

28UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho;

qinisa, Nkulunkulu,

lokho ozenzela khona.

29Ngenxa yethempeli lakho eJerusalema

amakhosi ayakukulethela izipho.

30Zikhuze izilwane zasemhlangeni,

umhlambi wezinkunzi kanye namankonyane abantu,

azithobise phansi ngezinqamu zesiliva;

uyazihlakaza izizwe ezithanda ukulwa.

31Izikhulu ziyakuvela eGibithe;

amaKushe ayakwelulela ngokushesha

izandla zawo kuNkulunkulu.

32Nina mibuso yomhlaba mhubeleni uNkulunkulu,

nidumise iNkosi, Sela*

33yona ekhwela phezu kwamazulu ezulu asendulo;

bhekani, iyezwakalisa izwi layo,

izwi elinamandla.

34Nikani uNkulunkulu amandla;

ubukhosi bakhe buphezu kuka-Israyeli;

amandla akhe asemafwini.

35Nkulunkulu, uyesabeka ezindaweni zakho ezingcwele;

uNkulunkulu ka-Israyeli nguyena owenzela abantu amandla nokuqina;

makadunyiswe uNkulunkulu.

Ihubo 69

Ukuhlupheka kolungileyo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze. ElikaDavide.

1Ngisindise, Nkulunkulu,

ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.

2Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma;

ngingene emanzini alutwa;

imisinga iyangicwilisa.

3Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile;

amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.

4Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami;

baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici;

nengingakuphanganga ngakubuyisela.

5Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami,

nezono zami azifihlakele kuwe.

6Mabangajabhiswa ngami abakulindeleyo,

Nkosi Jehova Sebawoti;

mabangahlazeki ngami abakufunayo,

Nkulunkulu ka-Israyeli.

7Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho;

ihlazo lisibekela ubuso bami.

8Sengaba ngumfokazi kubafowethu,

nowezizwe kubantwana bakamame.

9Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile;

izithuko zabakuthukayo zingehlele.

10Ngakhala, umphefumulo wami wazila;

kwaba ngukudunyazwa kwami.

11Isaka ngalenza isambatho sami;

ngaba yisaga kubo.

12Abahlezi esangweni bakhuluma ngami;

izidakwa ziyangihaya.

13Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova

esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu;

ngenxa yomusa wakho omkhulu

ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.

14Ngikhiphe odakeni, mangingashoni;

mangisindiswe kubo abangizondayo,

nasemanzini alutwa.

15Isikhukhula samanzi masingangicwilisi,

utwa lungangigwinyi,

umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.

16Ngiphendule, Jehova,

ngokuba umusa wakho ulungile;

uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.

17Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho,

ngokuba ngiyahlupheka;

shesha ungiphendule.

18Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge,

ngikhulule ngenxa yezitha zami.

19Wena uyakwazi ukuthukwa kwami,

namahloni ami nokudunyazwa kwami;

zonke izitha zami ziphambi kwakho.

20Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami,

ngigula kakhulu;

bengibheka ukuhawukelwa,

kepha akwabakho,

nabaduduzayo,

kepha angibatholanga.

21Banginika inyongo ibe ngukudla kwami;

ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.

22Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo,

libe lugibe kwabahlezi bezithulele.

23Amehlo abo mawafiphale,

ukuze bangaboni;

izinkalo zabo zintengezele njalo.

24Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho;

intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.

25Umuzi wabo mawuchitheke;

makungabikho ohlala ematendeni abo.

26Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela,

baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.

27Yengezela ukona ekoneni kwabo;

mabangezi ekulungeni kwakho.

28Mabesulwe encwadini yabaphilayo,

bangalotshwa kanye nabalungileyo.

29Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu;

insindiso yakho,

Nkulunkulu mayingilondoloze.

30Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,

ngimphakamise ngokubonga.

31Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo,

kunenkunzi enezimpondo nezinselo.

32Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule;

nina enifuna uNkulunkulu,

inhliziyo yenu mayiphile.

33Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu,

neziboshwa zakhe akazideleli.

34Uyakubongwa yizulu nomhlaba,

yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.

35Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni,

akhe imizi yakwaJuda;

bazakuhlala khona, ibe yifa labo.

36Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa;

abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.

Ihubo 66:1-69:36ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU