Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 120

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 112

Inhlanhla yomesabayo uNkulunkulu

1Haleluya!

Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,

othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.

2Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni;

isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.

3Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe;

ukulunga kwakhe kumi phakade.

4Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni:

umusa, nobubele, nokulunga.

5Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,

esekela izindaba zakhe ngokulunga.

6Ngokuba akayikugudluka kuze kube phakade;

olungileyo uyakukhunjulwa kuze kube phakade.

7Akesabi imibiko emibi;

inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.

8Imisekile inhliziyo yakhe, ayesabi,

aze azibuke izitha zakhe ziphansi.

9Uyaphana, uyabanika abampofu;

ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade;

uphondo lwakhe luyakuphakama ngodumo.

10Omubi uyakukubona, acunuke,

agedle amazinyo akhe, abesephela;

isifiso sababi siyakubhubha.

Ihubo 113

Ukumbonga uJehova ngokunaka kwakhe ompofu

1Haleluya!

Dumisani nina zinceku zikaJehova,

nidumise igama likaJehova.

2Malibongwe igama likaJehova

kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

3Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze

kube sekushoneni kwalo

igama likaJehova malidunyiswe.

4UJehova uphakeme phezu kwezizwe zonke,

inkazimulo yakhe iphezu kwezulu.

5Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu,

ohlezi phezulu,

6ozithoba ukubona ezulwini nasemhlabeni, na?

7Uyavusa odingayo othulini,

aphakamise ompofu ezaleni,

8ukuze amhlalise nezikhulu,

yebo, izikhulu zabantu bakhe.

9Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi,

ibe ngunina othokozayo wabantwana.

Haleluya!

Ihubo 114

Ukukhishwa okumangalisayo kuka-Israyeli eGibithe

1Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe,

indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,

2khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele,

u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.

3Ulwandle lwakubona, lwabaleka,

iJordani labuyiselwa emuva.

4Izintaba zatshekula njengezinqama,

amagquma njengamawundlu.

5Unani wena lulwandle ukuba ubaleke,

nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva,

6nani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama,

nani magquma eninjengamawundlu, na?

7Thuthumela, mhlaba,

ebusweni beNkosi,

ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe,

8yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi,

insengetsha ibe ngumthombo wamanzi.

Ihubo 115

Udumo malube kuJehova yedwa

1Ungasiphi thina, Jehova,

ungasiphi thina,

kepha uliphe igama lakho inkazimulo

ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.

2Abezizwe bayakusho ngani ukuthi:

“Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”

3Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini;

wenza konke akuthandayo.

4Izithombe zabo ziyisiliva negolide,

umsebenzi wezandla zomuntu.

5Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;

amehlo zinawo, kepha aziboni.

6Izindlebe zinazo, kepha azizwa;

zinamakhala, kepha azihogeli.

7Zinezandla, kepha aziphathi;

zinezinyawo, kepha azihambi;

azikhulumi ngomphimbo wazo.

8Abazenzayo bayafana nazo,

bonke abazethembayo.

9Israyeli, themba kuJehova;

yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

10O wena ndlu ka-Aroni,

themba kuJehova;

yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

11Nina enimesabayo uJehova thembani kuJehova;

yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

12UJehova usikhumbulile; uyakubusisa,

abusise indlu ka-Israyeli,

abusise indlu ka-Aroni.

13Uyakubusisa abamesabayo uJehova,

abancane nabakhulu.

14UJehova uyakunandisa,

nina nabantwana benu.

15Manibe ngababusisiweyo bakaJehova

owenzile izulu nomhlaba.

16Izulu liyizulu likaJehova,

kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.

17Abafileyo abamdumnisi uJehova,

qha, noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.

18Kepha thina siyakumbonga uJehova

kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.

Haleluya!

Ihubo 116

Ukudumisa kosindisiweyo

1Ngiyamthanda uJehova,

ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami.

2Ngokuba ubekile indlebe kimi

ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.

3Izintambo zokufa zangizungeza,

nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba;

ngafumana ukuhlupheka nosizi.

4Kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi:

“Ngiyakuncenga, Jehova,

khulula umphefumulo wami.”

5Unomusa uJehova, ulungile;

uNkulunkulu wethu unobubele.

6UJehova uyalondoloza ongenabuqili;

ngithotshisiwe phansi wangisindisa.

7Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami,

ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.

8Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni,

amehlo ami ezinyembezini,

nezinyawo zami ekuweni.

9Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.

10Ngiyakholwa,

ngalokho ngiyakhuluma;

ngahlushwa kakhulu.

11Ngathi osizini lwami:

“Bonke abantu banamanga.”

12Ngiyakubuyiselani kuJehova

ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?

13Ngiyakuthatha indebe yensindiso,

ngibize igama likaJehova.

14Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa,

yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.

15Kuyigugu emehlweni kaJehova

ukufa kwabangcwele bakhe.

16Ngiyinceku yakho impela, Jehova;

ngiyinceku yakho,

indodana yencekukazi yakho;

uthukululile izintambo zami.

17Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga,

ngibize igama likaJehova.

18Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa

yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke,

19emagcekeni endlu kaJehova,

phakathi kwakho, Jerusalema.

Haleluya!

Ihubo 117

Izizwe zonke mazibonge uJehova

1Dumisani uJehova nina bezizwe zonke,

nimbabaze nina bantu bonke.

2Ngokuba umusa wakhe mkhulu kithina;

iqiniso likaJehova limi phakade.

Haleluya!

Ihubo 118

Igama lokudumisa

1Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2Makathi u-Israyeli:

“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

3Mayithi indlu ka-Aroni:

“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

4Mabathi abamesabayo uJehova:

“Yebo, umusa wakhe umi phakade.”

5Engcingweni yami ngakhuleka kuJehova,

uJehova wangiphendula endaweni ebanzi.

6UJehova ungakimi, angiyikwesaba;

umuntu angangenzani na?

7UJehova ungakimi ekanye nabangisizayo;

ngalokho ngiyakubabuka bephansi abangizondayo.

8Kuhle ukuphephela kuJehova

kunokwethemba umuntu.

9Kuhle ukuphephela kuJehova

kunokwethemba izikhulu.

10Bonke abezizwe bayangizungeza;

egameni likaJehova ngiyakubachitha.

11Bayangikaka, yebo, bayangizungeza;

egameni likaJehova ngiyakubachitha.

12Bayangibunganyela njengezinyosi,

bacimeka njengomlilo wameva;

egameni likaJehova ngiyakubachitha.

13Bayangihlohloloza ukuba ngiwe,

kepha uJehova uyangisiza.

14UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami,

waba yinsindiso yami.

15Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo;

esokunene sikaJehova senza okwamandla.

16Esokunene sikaJehova siphakeme,

esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.

17Angiyikufa, kepha ngiyakuphila,

ngishumayele imisebenzi kaJehova.

18UJehova wangilaya nokungilaya,

kodwa akanginikelanga ekufeni.

19Ngivuleleni amasango okulunga,

ngingene ngawo,

ngimdumise uJehova.

20Yileli isango likaJehova;

olungileyo uyakungena ngalo.

21Ngiyakukudumisa,

ngokuba ungizwile,

waba yinsindiso yami.

22Itshe abalinqabayo abakhi

selaba yinhloko yegumbi.

23Lona lavela kuJehova;

liyisimangaliso emehlweni ethu.

24Yilolu usuku alwenzileyo uJehova;

siyakwethaba, sithokoze ngalo.

25Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;

hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.

26Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;

siyanibusisa sisendlini kaJehova.

27UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele;

hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.

28Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga;

Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.

29Bongani uJehova, ngokuba muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade.

Ihubo 119

Induduzo yokholwa yizwi likaNkulunkulu

1Babusisiwe abaqotho endleleni,

abahamba ngemithetho kaJehova.

2Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,

abamfuna ngenhliziyo yonke,

3abangenzi ukungalungi,

kepha behamba ezindleleni zakhe;

4wena usiyalezile

ukuba sizigcine ngokwempela.

5Sengathi zingaqondiswa izindlela zami

ukuba ngigcine izimiso zakho.

6Khona angiyikujabha;

ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.

7Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,

lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.

8Izimiso zakho ngiyakuzigcina;

ungangishiyi nakanci.

9Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?

Ngokuqaphela okwezwi lakho.

10Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;

mangingaphambuki emiyalweni yakho.

11Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,

ukuze ngingoni kuwe.

12Mawubongwe wena Jehova,

ungifundise izimiso zakho.

13Ngomlomo wami ngimemezele

zonke izahlulelo zomlomo wakho.

14Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.

15Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho,

ngihloniphe izindlela zakho.

16Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho;

angiyikukhohlwa izwi lakho.

17Yenzele okuhle inceku yakho

ukuba ngiphile, ngigcine izwi lakho.

18Vula amehlo ami

ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.

19Ngingumfokazi emhlabeni;

ungangifihleli imiyalo yakho.

20Umphefumulo wami waphukile

ngokulangazelela njalo izahlulelo zakho.

21Uyakhuza abazidlayo, abaqalekisiweyo,

abaduka emiyalweni yakho.

22Susa kimi isihlamba nokudelelwa,

ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho.

23Yebo, izikhulu zihlezi zikhuluma ngami;

inceku yakho iyazindla ngezimiso zakho.

24Ubufakazi bakho buyintokozo yami,

bungumluleki wami.

25Umphefumulo wami unamathela othulini;

ngiphilise ngokwezwi lakho.

26Ngimemezele izindlela zami,

wena wangizwa;

ngifundise izimiso zakho.

27Ngiqondise indlela yeziyalezo zakho

ukuba ngikhulume ngezimangaliso zakho.

28Umphefumulo wami uyakhala ngosizi;

ngivuse ngokwezwi lakho.

29Susa kimi indlela yamanga,

ungiphe ngomusa umthetho wakho.

30Ngikhethile indlela yeqiniso;

izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.

31Ngibambelele ebufakazini bakho;

ungangijabhisi, Jehova.

32Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho,

ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami.

Ihubo 112:1-119:32ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU