Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 124

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 141

Umkhuleko wocela ukusizwa ezilingweni nasezitheni

Ihubo likaDavide.

1Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume;

lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.

2Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho,

nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.

3Jehova, bekela umlomo wami umlindi,

ugcine umnyango wezindebe zami.

4Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi

ukuba ngenze imisebenzi yobubi

kanye nabantu abenza okubi,

ngingadli izibilebile zabo.

5Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;

angisole, kungamafutha ekhanda;

ikhanda lami malingawenqabi,

ngokuba nasebubini babo umkhuleko

wami uyobe usekhona.

6Abahluleli babo bayakuphonswa eweni;

bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.

7Njengalokhu umuntu elima,

eklaya umhlabathi,

amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.

8Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami;

ngiyakwethemba wena;

ungathululi umphefumulo wami.

9Ngihlenge ogibeni abangibekele lona,

nasezihibeni zabenza okubi.

10Ababi mabawele emanetheni abo,

mina ngidlule kuwo.

Ihubo 142

Ukukhalela ukusindiswa ebudlwangudlwangwini babazingelayo

IMaskili* likaDavide esemhumeni. Umkhuleko.

1Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami,

ngincenga uJehova ngezwi lami.

2Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami,

ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.

3Lapho umoya wami udangala phakathi kwami,

wena uyawazi umkhondo wami;

endleleni engihamba ngayo

bangifihlele ugibe.

4Bheka ngakwesokunene sami,

ubone ukuthi akakho onginakekelayo;

isiphephelo singiphuthele,

akakho okhathalela umphefumulo wami.

5Ngikhala kuwe Jehova, ngithi:

“Wena uyisiphephelo sami

nesabelo sami ezweni labaphilayo.”

6Lalela ukukhala kwami,

ngokuba ngicindezelekile kakhulu;

ngikhulule kubo abangizingelayo,

ngokuba banamandla kunami.

7Khipha umphefumulo wami etilongweni

ukuba ngibonge igama lakho;

abalungileyo bayakungizungeza,

ngokuba uyakungiphatha kahle.

Ihubo 143

Ukukhala nokukhuleka

Ihubo likaDavide.

1Jehova, yizwa umkhuleko wami,

ubeke indlebe ekuncengeni kwami;

ungiphendule ngokuthembeka kwakho nokulunga kwakho.

2Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho,

ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.

3Ngokuba isitha siyazingela umphefumulo wami,

sicindezela phansi emhlabathini ukuphila kwami;

singihlalisile ebumnyameni njengabakade bafa.

4Umoya wami uphelile kimi;

inhliziyo yami igongobele phakathi kwami.

5Ngiyakhumbula izinsuku zasendulo,

ngizindla ngemisebenzi yakho yonke,

ngicabange ngezenzo zezandla zakho.

6Ngiyazelulela izandla zami kuwe;

umphefumulo wami womela wena

njengomhlaba owomileyo. Sela*

7Shesha ungiphendule, Jehova;

umoya wami uyaphela;

ungangifihleli ubuso bakho,

funa ngifane nabashona egodini.

8Ngizwise umusa wakho ekuseni,

ngokuba ngiyethemba kuwe;

ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo,

ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.

9Ngikhulule ezitheni zami;

Jehova, ngicashe kuwe.

10Ngifundise ukwenza intando yakho,

ngokuba wena unguNkulunkulu wami;

umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo.

11Jehova, ngiphilise ngenxa yegama lakho,

ngokulunga kwakho uwukhiphe umphefumulo wami ekuhluphekeni.

12Zinqume izitha zami ngomusa wakho,

ubabhubhise bonke abahlupha umphefumulo wami,

ngokuba ngiyinceku yakho.

Ihubo 144

Ukubonga nokucela ukusindiswa nempumelelo

ElikaDavide.

1Makabongwe uJehova, idwala lami,

ofundisa izandla zami ukuhlasela

neminwe yami ukulwa,

2umusa wami nenqaba yami,

umbhoshongo wami ophakemeyo nomkhululi wami,

isihlangu sami, nengiphephela kuye,

nothobisa abantu bami phansi kwami.

3Jehova, uyini umuntu ukuba umazi,

nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?

4Umuntu ufana nomoya;

izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.

5Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle;

thinta izintaba, zithunqe.

6Imibani mayinyazime, ubahlakaze;

thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.

7Yelula isandla sakho phezulu,

ungikhulule, ungophule emanzini amakhulu

nasesandleni sabafokazi

8abamlomo wabo ukhuluma inkohliso,

nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

9Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha;

ngogubhu olunezintambo eziyishumi ngiyakukuhubela.

10Nguye onika amakhosi insindiso,

okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.

11Ngikhulule, ungophule esandleni sabafokazi

abamlomo wabo ukhuluma inkohliso,

nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.

12Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo,

namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;

13lapho izingobo zethu zigcwele,

ziveza izinhlobo ngezinhlobo,

nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane,

yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;

14lapho izinkabi zethu zithweswe kakhulu,

nalapho kungekho ukufohla kwesitha nokungena empini nezikhalo ezitaladini zethu,

15babusisiwe abantu abanjalo;

babusisiwe abantu abaNkulunkulu

wabo unguJehova.

Ihubo 145

Ubukhulu nobumnene bukaJehova

Indumiso kaDavide.

1Ngiyakukuphakamisa wena Nkulunkulu wami, Nkosi,

ngilituse igama lakho phakade naphakade.

2Imihla yonke ngiyakukubonga,

ngilidumise igama lakho phakade naphakade.

3Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu;

ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.

4Isizukulwane siyakubabaza kwesinye imisebenzi yakho,

simemezele izenzo zakho zamandla.

5Ngiyakuzindla ngenkazimulo nodumo lobukhosi bakho

nangezimangaliso zakho.

6Abantu bayakukhuluma ngamandla ezenzo zakho ezesabekayo;

ubukhulu bakho ngiyakubumemezela.

7Bayakweneka kakhulu inkumbulo yobuhle bakho obukhulu,

bahube ngokulunga kwakho.

8UJehova unesihe nobumnene;

uyephuza ukuthukuthela,

mkhulu ngomusa.

9UJehova muhle kubo bonke;

uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.

10Yonke imisebenzi yakho iyakukudumisa,

abangcwele bakho bakubonge.

11Ngenkazimulo yombuso wakho bayakukhuluma,

bashumayele ngamandla akho

12ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandla

nenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.

13Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade;

ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.

14UJehova uyaphasa bonke abawayo,

abavuse bonke abathotshisiweyo.

15Amehlo abo bonke alinda wena;

uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.

16Uyavula isandla sakho,

usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.

17UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,

unomusa emisebenzini yakhe yonke.

18UJehova useduze nabo bonke abambizayo,

bonke abambizayo ngeqiniso.

19Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo;

uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.

20UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo,

kepha ababi bonke uyakubabhubhisa.

21Umlomo wami uyakukhuluma udumo lukaJehova,

inyama yonke ibonge igama lakhe elingcwele kuze kube phakade.

Ihubo 146

Ukudumisa uJehova, umsizi olungileyo

1Haleluya!

Dumisa uJehova, mphefumulo wami.

2Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova,

ngihube kuNkulunkulu wami ngisekhona.

3Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu

okungekho kuyo ukusiza.

4Umoya wakhe uyaphuma,

yena abuyele emhlabathini wakhe;

ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela.

5Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe,

othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe

6owenzile izulu nomhlaba,

nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho,

ogcina iqiniso kuze kube phakade;

7obenzela abacindezelweyo ukwahlulela,

obapha abalambileyo ukudla;

uJehova uyakhulula iziboshwa.

8UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone;

uJehova uyavusa abathotshisiweyo;

uJehova uyathanda abalungileyo.

9UJehova uyalondoloza abafokazi;

uyaphasa intandane nomfelokazi;

kepha indlela yababi uyayiphambanisa.

10UJehova uyabusa kuze kube phakade,

uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Haleluya!

Ihubo 147

Ukudumisa uJehova, uSomandla noMninimusa

1Haleluya!

Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi;

ukudumisa kufanele.

2UJehova uyalakha iJerusalema;

abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha.

3Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo;

izilonda zabo uyazibopha.

4Uyabala inani lezinkanyezi,

azibize zonke ngamagama.

5INkosi yethu inkulu,

makhulu amandla ayo;

ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa.

6UJehova uyaphakamisa abathobekileyo;

ababi uyabawisa phansi emhlabathini.

7Hubelani uJehova ngokubonga,

nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,*

8osibekela izulu ngamafu,

olungisela umhlaba imvula,

ohlumisa utshani ezintabeni.

9Unika izinkomo ukudla kwazo,

namazinyane egwababa akhalayo.

10Akathokozi ngamandla ehhashi,

akajabuleli imilenze yomuntu.

11UJehova uyathokoza ngabamesabayo,

abathemba umusa wakhe.

12Jerusalema, mbabaze uJehova;

Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho.

13Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango;

ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho.

14Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho;

uyakusuthisa ngokolweni omuhle.

15Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni;

izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu.

16Uyanika iqhwa njengoboya;

uhlakaza isithwathwa njengomlotha.

17Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu;

ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na?

18Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise;

uyavusa umoya wakhe,

amanzi agobhoze.

19Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe,

izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.

20Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa:

izahlulelo zakhe asizazi.

Haleluya!

Ihubo 148

Izulu nomhlaba makudumise uJehova

1Haleluya!

Dumisani uJehova ezulwini,

nimdumise kweliphezulu.

2Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke,

nimdumise nina mabandla akhe onke.

3Mdumiseni nina langa nenyanga,

nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.

4Mdumiseni nina mazulu amazulu,

nina manzi aphezu kwezulu.

5Makuthathe kudumise igama likaJehova,

ngokuba wayaleza, kwadaleka.

6Futhi wakumisa kuze kube phakade;

washaya umthetho ongenakweqiwa.

7Mdumiseni uJehova emhlabeni

nina mikhomo nezintwa zonke,

8nawe mlilo nesichotho,

liqhwa nenkwezane,

nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,

9nani zintaba namagquma onke,

nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,*

10nani zilwane nezinkomo zonke,

nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,

11nani makhosi omhlaba nabantu bonke,

nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,

12nani zinsizwa nezintombi,

nani maxhegu nabafana.

13Mabadumise igama likaJehova,

ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme;

inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.

14Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe;

ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe,

abantwana bakwa-Israyeli,

abantu abaseduze naye.

Haleluya!

Ihubo 149

Dumisani uJehova

1Haleluya!

Hlabelelani kuJehova igama elisha,

indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele.

2U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo,

abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.

3Mabadumise igama lakhe ngokusina,

bamhubele ngesigubhu nehabhu.*

4Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe;

abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso.

5Abalungileyo mabethabe ngobukhosi,

6Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo,

nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo,

7ukuba benze impindiselo kubo abezizwe

nezijeziso kubantu,

8babophe amakhosi abo ngamaketanga

nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi,

9bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo;

kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe.

Haleluya!

Ihubo 150

Udumiso lukaNkulunkulu

1Haleluya!

Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,

nimdumise emkhathini wakhe wamandla.

2Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla,

nimdumise ngenxa yobukhosi bakhe obukhulu.

3Mdumiseni ngezwi lecilongo,

nimdumise ngogubhu nehabhu.*

4Mdumiseni ngesigubhu nokusina,

nimdumise ngezingubhu ezinezintambo eziyishumi nemitshingo.

5Mdumiseni ngamasimbali* ancencethayo,

nimdumise ngezinsimbi ezikhencezayo.

6Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.

Haleluya!

Ihubo 141:1-150:6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU