Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 143

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UmShumayeli 1

Konke kuyize leze

1Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema.

2“Ize leze,” usho uMshumayeli,

“ize leze, konke kuyize.”

3Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe

awushikashikayo phansi kwelanga na?

4Isizukulwane siyamuka,

isizukulwane siyeza,

kepha umhlaba umi phakade.

5Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona,

lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona.

6Umoya uya ngaseningizimu,

uzungeze, uye ngasenyakatho;

uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo,

nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.

7Yonke imifula iyangena elwandle,

kepha ulwandle alugcwali;

endaweni eya kuyo imifula,

ibuye iye khona njalo.

8Zonke izinto ziyakhandleka,

akakho ongakuphimisa;

iso alisuthi ngokubona,

nendlebe ayigcwali ngokuzwa.

9Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona,

nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa;

akukho okusha phansi kwelanga.

10Kukhona yini into okuthiwa ngayo:

“Bheka, intsha le.”

Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.

11Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile,

nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo

phakathi kwabalandela bona.

Nokufuna ukuhlakanipha kuyize

12Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. 13Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. 14Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya. 15Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa.

16Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.” 17Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya. 18Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.

UmShumayeli 2

Intokozo nokufuna intokozo kuyize

1Ngase ngithi mina enhliziyweni yami: “Woza, ngizakukulinga ngentokozo; mawubone okuhle nje.” Kepha nalokho kwakuyize. 2Ngathi ngokuhleka: “Ngubuhlanya,” nangentokozo: “Yenzani na?” 3Ngaphenya enhliziyweni yami ukuba ngiyakuthokozisa kanjani umzimba wami ngewayini, inhliziyo ingihole nokho ngokuhlakanipha, nokuba ngibambe ubuwula, ngize ngibone ukuthi kuyini okuhle kumadodana abantu ukuba akwenze phansi kwezulu ezinsukwini zonke zokuphila kwawo.

4Ngazenzela imisebenzi emikhulu, ngazakhela izindlu, ngazitshalela izivini, 5ngazenzela izivande namahlathi, ngatshala khona imithi enezithelo zezinhlobo zonke, 6ngazenzela amachibi amanzi ukuba kuniselwe ngawo ihlathi lemithi emilayo. 7Ngathenga izinceku nezincekukazi, nganginazo ezazalwa endlini; yebo, nganginemfuyo enkulu yezinkomo neyezimvu phezu kwakho konke okwakuphambi kwami eJerusalema. 8Ngazibuthela futhi isiliva negolide, nemfuyo yamakhosi, nezifunda; ngathola abahlabeleli, abesilisa nabesifazane, nalokho athokoza ngakho amadodana abantu: isancinza, yebo, izancinza eziningi. 9Ngase ngikhula ngaba mkhulu kunabo bonke ababe phambi kwami eJerusalema. Nokuhlakanipha kwami kwakumi ngakimi.

10Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami. 11Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.

12Ngase ngiphenduka ukuba ngibone ukuhlakanipha, nokuhlanya, nobuwula, ngokuba angenzani umuntu olandela inkosi ngaphandle kwalokho okwenziweyo ngaphambili na? 13Ngase ngibona ukuthi ukuhlakanipha kudlula ubuwula njengalokhu ukukhanya kudlula ubumnyama. 14Ohlakaniphileyo unamehlo ekhanda lakhe, kepha isiwula sihamba ebumnyameni; nokho ngabona ukuthi umehlo munye wehlela bonke. 15Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Njengokwehlelwa kwesiwula ngiyakwehlelwa nami; ngisidluleleni ngokuhlakanipha na?” Ngathi-ke enhliziyweni yami ukuba nalokho kwakuyize. 16Ngokuba akukho ukukhunjulwa kohlakaniphileyo nokwesiwula kuze kube phakade, lokhu ezinsukwini ezizayo konke kuyakube sekukhohlakele. Nohlakaniphileyo akafi njengesiwula na?

17Ngase ngizonda ukuphila, ngokuba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga mubi kimi, lokhu konke kuyize nokufuna umoya nje. 18Yebo, ngazonda wonke umshikashika wami engangiwushikashika phansi kwelanga, lokhu ngabona ukuthi ngizakuwushiya kumuntu ofika emva kwami. 19Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize. 20Ngase ngibuye ngaphela ithemba ngawo wonke umshikashika engangiwushikashikile phansi kwelanga. 21Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikeza kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu. 22Ngokuba umuntu unanzuzoni yawo wonke umshikashika wakhe nokukhandleka kwenhliziyo yakhe akushikashikile phansi kwelanga na? 23Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.

24Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu. 25Ngokuba ngubani ongadla, ngubani ongajabula ngaphandle kwakhe na? 26Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha, nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe, siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.

UmShumayeli 3

Konke kunesikhathi sakho

1Konke kunesikhathi sakho,

yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu.

2Kukhona isikhathi sokuzalwa

nesikhathi sokufa,

isikhathi sokutshala

nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;

3isikhathi sokubulala

nesikhathi sokuphilisa,

isikhathi sokudiliza

nesikhathi sokwakha;

4isikhathi sokukhala

nesikhathi sokuhleka,

isikhathi sokulila

nesikhathi sokusina;

5isikhathi sokuphonsa amatshe

nesikhathi sokuqoqa amatshe,

isikhathi sokugona

nesikhathi sokungagoni;

6isikhathi sokufuna

nesikhathi sokulahlekelwa,

isikhathi sokugcina

nesikhathi sokuhlahla;

7isikhathi sokuklebhula

nesikhathi sokuthunga,

isikhathi sokuthula

nesikhathi sokukhuluma;

8isikhathi sokuthanda

nesikhathi sokuzonda,

isikhathi sokulwa

nesikhathi sokuzola.

9Unanzuzoni osebenzayo ngalokho akushikashikayo na? 10Ngibonile umshikashika uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. 11Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni. 12Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. 13Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho. 14Ngiyazi ukuthi konke akwenzayo uNkulunkulu kuyakuba khona kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kukho, futhi akukho okungasuswa kukho. UNkulunkulu ukwenzile ukuba abantu besabe phambi kwakhe.

15Lokhu okukhona yikho okwakukhona,

nalokhu okuyakuba khona kade kwakukhona;

uNkulunkulu ufuna okudlulileyo.

Umuntu ufana nezilwane

16Futhi ngabona phansi kwelanga ukuthi kukhona okubi endaweni yokwahlulela nokuthi kukhona ukushinga endaweni yokulunga.

17Ngase ngithi enhliziyweni yami:

“UNkulunkulu uyakwahlulela nolungileyo nomubi,

ngokuba kukhona lapha isikhathi sezindaba zonke

nesemisebenzi yonke.”

18Ngathi enhliziyweni yami: “Kungenxa yamadodana abantu ukuze uNkulunkulu awavivinye, wona azibonele ukuthi anjengezilwane nje. 19Ngokuba okwehlela amadodana abantu kwehlela nezilwane, into inye ikwehlela kokubili: njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, umuntu akazidluli ngalutho izilwane, ngokuba konke kuyize. 20Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini. 21Ngubani owaziyo ukuthi umoya wamadodana abantu ukhuphukela phezulu, nomoya wezilwane ukuthi wehlela phansi emhlabathini, na?”

22Ngase ngibona-ke ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngemisebenzi yakhe, lokhu kuyisabelo sakhe, ngokuba ngubani ongambuyisa ukuba abone okuyakuba semva kwakhe na?

UmShumayeli 4

1Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla, kepha bona babengenamduduzi. 2Ngase ngibusisa abafileyo asebafa kunabaphilayo abasekhona, 3kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho, ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.

4Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.

5Isiwula siyasonga izandla zaso,

sidle umzimba waso.

6Kungcono ukhweshe lokuthula

kunezandla zombili zigcwele umshikashika

kanye nokufuna umoya.

7Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga:

8Kukhona oyedwa,

kanaye owesibili,

yebo, akanamntwana, kanamfowabo,

nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho,

namehlo akhe awasuthi ngengcebo.

Uthi: “Ngishikashikela-bani,

ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?”

Nalokho kuyize nenhlupheko embi.

9Kungcono ababili kunoyedwa,

ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo.

10Ngokuba uma bewa,

omunye uyavusa umngane wakhe;

kepha maye kuye oyedwa lapho ewa,

engenawesibili wokumvusa!

11Futhi uma ababili belele ndawonye,

banokufudumala,

kepha oyedwa angafudumala kanjani na?

12Nakuba umuntu ahlula oyedwa,

ababili bayakuma phambi kwakhe,

nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.

13Kungcono umfana ompofu ohlakaniphileyo kunenkosi egugileyo eyisiwula, engasakwazi ukuxwayiswa, 14ngokuba waphuma etilongweni ukuba abe yinkosi, yebo, wazalwa embusweni wayo empofu. 15Ngabona bonke abaphilayo ababehamba phansi kwelanga bekanye nalowo mfana obeyakuma esikhundleni sakhe; 16kwakungekho ukuphela kwabantu bonke, bonke ayephambi kwabo; nokho abafika emuva abayikuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize nokufuna umoya.

UmShumayeli 1:1-4:16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU