Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 150

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 iziKronike 13

U-Abiya uyinkosi kwaJuda. Unqoba uJerobowamu

1Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu u-Abiya waba yinkosi kwaJuda. 2Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina lalinguMikhaya indodakazi ka-Uriyeli waseGibeya. Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiya noJerobowamu. 3U-Abiya waqala ukulwa enempi yamaqhawe anamandla, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, kepha uJerobowamu wahlela ukulwa naye enabantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili, bengamaqhawe anamandla.

4U-Abiya wema entabeni yaseSemarayimi esezintabeni zakwa-Efrayimi, wathi: “Ngizweni wena Jerobowamu no-Israyeli wonke: 5Bekunganifanele ukwazi yini ukuthi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanika uDavide umbuso kwa-Israyeli kuze kube phakade, yena namadodana akhe, ngesivumelwano sikasawoti, na? 6Nokho uJerobowamu indodana kaNebati, inceku kaSolomoni indodana kaDavide, wavuka, wahlubuka inkosi yakhe. 7Kwabuthana kuye amayiyane, abantu ababi, aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.

8“Manje nithi niyakumelana nobukhosi bukaJehova obusesandleni samadodana kaDavide, lokhu niyisixuku esikhulu, futhi kukhona amathole egolide enenzelwa wona nguJerobowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu. 9Anixoshanga yini abapristi bakaJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi, nazenzela abapristi ngendlela yabantu bezizwe; bonke abafika ukwahlukaniselwa, bephethe iduna nezinqama eziyisikhombisa, bangaba ngabapristi babangesibo onkulunkulu.

10“Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo; 11bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo, basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile. 12Futhi bhekani, uNkulunkulu unathi, uyinhloko yethu, kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani; bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo, ngokuba aniyikuphumelela.”

13Kepha uJerobowamu wayegwegwesisile abaqamekeli ukuba bafike emuva; babe phambi kukaJuda, abaqamekeli babe semva kwabo. 14Lapho uJuda esephenduka, bheka, impi yayingaphambili nangasemva kwabo; bakhala kuJehova, abapristi bakhalisa amacilongo. 15Base bekhamuluka abantu bakwaJuda, nalapho abantwana bakwaJuda bekhamuluka, uNkulunkulu washaya oJerobowamu no-Israyeli wonke phambi kuka-Abiya noJuda. 16Abantwana bakwa-Israyeli babaleka ebusweni bukaJuda, uNkulunkulu wabanikela esandleni sabo. 17U-Abiya nabantu bakhe babaceka ngokuceka okukhulu; kwawa amadoda akhethiweyo akwa-Israyeli abuleweyo ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu. 18Bathotshiswa-ke ngaleso sikhathi abantwana bakwa-Israyeli; kepha abantwana bakwaJuda bahlula, ngokuba babencika kuJehova uNkulunkulu wawoyise.

19U-Abiya wamxosha uJerobowamu, wamaphuca imizi: iBethele nemizana yalo, neJeshana nemizana yalo, ne-Efroni nemizana yalo. 20Futhi uJerobowamu akabe esaba namandla emihleni ka-Abiya; uJehova wamshaya, wafa.

21Kepha u-Abiya waba namandla, wazithathela abafazi abayishumi nane, wazala amadodana angamashumi amabili nambili namadodakazi ayishumi nesithupha.

22Ezinye izindaba zika-Abiya, nezindlela zakhe, namazwi akhe, kulotshiwe esichasiselweni somprofethi u-Ido.

2 iziKronike 14

U-Asa uyinkosi kwaJuda. Unqoba amaKushe

1U-Abiya wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe: emihleni yakhe izwe lazola iminyaka eyishumi.

2U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe. 3Wawasusa ama-altare abezizwe nezindawo eziphakemeyo, wazibhidliza izinsika, wabagawula o-Ashera,* 4wamtshela uJuda ukuba amfune uJehova uNkulunkulu wawoyise, awenze umthetho nemiyalo. 5Wasusa kuyo imizi yakwaJuda izindawo eziphakemeyo, nama-altare empepho; umbuso wazola phambi kwakhe. 6Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, ngokuba izwe lazola, engenampi kuleyo minyaka, ngokuba uJehova wayemphumuzile.

7Wathi kuJuda: “Masakhe le mizi, siyihaqe ngogange, nangemibhoshongo, nangezivalo, nangemigoqo; izwe lisephambi kwethu, ngokuba simfunile uJehova uNkulunkulu wethu; simfunile, wasiphumuza nxazonke.” Base bakha-ke, baphumelela.

8U-Asa wayenempi ephethe izihlangu nemikhonto, evela kwaJuda, iyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nevela kwaBenjamini, ephethe amahawu nensala iminsalo, iyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe anamandla.

9Kwaphuma ukulwa nabo uZera umKushe enempi eyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinqola ezingamakhulu amathathu, wafika eMaresha. 10U-Asa wayesephuma ukuhlangabezana naye, bahlela impi esigodini saseSefata ngaseMaresha.

11U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amakhulu nongenawo; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu, ngokuba sencika kuwe, sifike ngegama lakho kulesi sixuku. Jehova, wena unguNkulunkulu wethu, mawungahlulwa muntu.”

12UJehova wawashaya amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka. 13U-Asa nabantu ababe naye bawaxosha kwaze kwaba seGerari, kwawa amaKushe kwaze kwangasala muntu ophilayo, ngokuba achithwa phambi kukaJehova naphambi kwempi yakhe, bamuka nempango enkulu kakhulu. 14Bachitha yonke imizi ezungeza iGerari, ngokuba ingebhe ngoJehova yayiphezu kwabo; baphanga yonke imizi, ngokuba kwakukhona impango eningi kuyo. 15Bachitha namatende ezinkomo, bamuka nezimvu eziningi namakamela, babuyela eJerusalema.

2 iziKronike 15

Isiprofetho sika-Azariya. Umkhosi wokubonga kuka-Asa

1UMoya kaNkulunkulu waba phezu kuka-Azariya indodana ka-Odedi; 2waphuma ukuhlangabeza u-Asa, wathi kuye: “Ngizweni, Asa, noJuda wonke, noBenjamini, uJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani. 3Kwakuyizinsuku eziningi u-Israyeli engenaye uNkulunkulu oqinisileyo, namfundisi ofundisayo, namthetho; 4kepha ekuhluphekeni kwabo baphendukela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bamfuna; wafunyanwa yibo. 5Ngaleso sikhathi kwakungekho kuthula kophumayo nakongenayo, ngokuba ukuphaphatheka okukhulu kwakukhona phezu kwabo bonke abakhe ezweni. 6Isizwe saphahlazwa yisizwe nomuzi ngumuzi, ngokuba uNkulunkulu wabesabisa ngezinkathazo zonke. 7Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo wawo.”

8Lapho u-Asa esezwa lawo mazwi nesiprofetho sika-Azariya ka-Odedi umprofethi, waziqinisa isibindi, wasusa izinengiso ezweni lonke lakwaJuda noBenjamini, nasemizini ayeyithathile ezintabeni zakwa-Efrayimi, walivusa i-altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova.

9Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa-Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.

10Babuthana eJerusalema ngenyanga yesithathu ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kuka-Asa. 11Bahlabela uJehova ngalolo suku empangweni ababeyilethile, izinkabi ezingamakhulu ayisikhombisa nezimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa. 12Bangena esivumelwaneni sokumfuna uJehova uNkulunkulu wawoyise ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, 13nesokuba bonke ababengamfuni uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli babulawe, noma bebancane noma bebakhulu, owesilisa noma owesifazane. 14Bafunga kuJehova ngezwi elikhulu, nangokukhamuluka, nangamacilongo, nangemitshingo. 15Wonke uJuda wathokoza ngesifungo, ngokuba babefungile ngayo yonke inhliziyo yabo, bamfuna ngakho konke ukufisa kwabo; wafunyanwa yibo; uJehova wabaphumuza nxazonke.

16Wamsusa uMahakha unina ka-Asa inkosi ebukhosikazini, ngokuba wayemenzele u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wagawula isithombe sakhe, wasicolisisa, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. 17Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga kwa-Israyeli; nokho inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zakhe. 18Wangenisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.

19Akwabe kusaba khona ukulwa kwaze kwaba semnyakeni wamashumi amathathu nanhlanu wokubusa kuka-Asa.

2 iziKronike 16

Isivumelwano sika-Asa noBeni Hadadi

1Ngomnyaka wamashumi amathathu nesithupha wokubusa kuka-Asa, uBahasha, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuphuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.

2U-Asa wakhipha isiliva negolide engcebeni yendlu kaJehova nasendlini yenkosi, wathumela kuBeni Hadadi, inkosi yase-Aramu owahlala eDamaseku, wathi: 3“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe, njengalokho sasikhona phakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.”

4UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli; zanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Mayimi, nayo yonke imizi yokubekelela yakwaNafetali. 5Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wamisa umsebenzi wakhe. 6Kepha u-Asa inkosi wahamba naye wonke uJuda; basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayelakhe ngakho; wakha ngakho iGeba neMispa.

Isiprofetho sikaHanani

7Ngaleso sikhathi kweza uHanani, umboni ka-Asa, inkosi yakwaJuda, wathi kuye: “Ngokuba wencike enkosini yase-Aramu, ungencikanga kuJehova uNkulunkulu wakho, ngalokho impi yenkosi yase-Aramu iphunyukile esandleni sakho. 8AmaKushe namaLubi ayengesiyo impi enkulu yini, inezinqola nabamahhashi abaningi kakhulu na? Kepha ngenxa yokwencika kwakho kuJehova wawanikela esandleni sakho. 9Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”

10U-Asa wacunuka ngomboni, wamfaka endlini yezitokisi,* ngokuba wamfutha ngenxa yale nto. U-Asa wabadlova nabathile babantu ngaleso sikhathi.

Ukugula nokufa kuka-Asa

11Bheka, izindaba zika-Asa, ezokuqala nezokugcina, bheka-ke, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwa-Israyeli. 12Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye wokubusa kwakhe u-Asa waba nesifo ezinyaweni zakhe; isifo sakhe sasinzima kakhulu; kepha akafunanga uJehova esifweni sakhe, izinyanga zodwa. 13U-Asa wayeselala koyise, wafa ngomnyaka wamashumi amane nanye wokubusa kwakhe. 14Bammbela emathuneni akhe owayeziqophele wona emzini kaDavide, bambeka embhedeni ogcwele iphunga elimnandi namakha ayizinhlobonhlobo, alungisiwe ngokwenza komthaki; bamenzela ukushisa kwempepho okukhulu kakhulu.

2 iziKronike 13:1-16:14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.25.3
SITHOLE KU