Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 170

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHoseya 5

Ukukhohlisa kuka-Israyeli

1“Yizwani lokhu nina bapristi,

nilalele nina ndlu ka-Israyeli,

nibeke indlebe nina ndlu yenkosi,

ngokuba ukwahlulela kukinina,

lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.

2Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo,

kepha ngingumlayi wabo bonke.

3Ngiyamazi mina u-Efrayimi,

u-Israyeli akafihlekile kimi,

ngokuba manje, Efrayimi, ufebile,

u-Israyeli uzingcolisile.

4“Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu,

ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo,

noJehova abamazi.

5Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe;

o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo;

naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.

6Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zabo

ukuyofuna uJehova;

kepha abayikumfumana;

umonyukile kubo.

7Bamkhohlisile uJehova,

ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi;

manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.

8“Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama;

hlabani umkhosi eBeti Aveni:

basemva kwakho, Benjamini!

9U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa,

ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.

10Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele;

ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.

11U-Efrayimi ucindezelekile,

uchotshoziwe ekwahlulelweni,

ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.

12Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi,

nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.

13“Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhe

noJuda isilonda sakhe,

u-Efrayimi waya e-Asiriya,

wathumela enkosini uJarebi;

kepha ingeniphulukise,

ayinakusipholisa isilonda senu.

14Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi,

nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda;

mina yebo, mina ngiyakudwengula,

besengimuka;

ngiyakususa, kungekho owophulayo.

15Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami,

baze bazithwese icala labo,

bafune ubuso bami;

osizini lwabo bayakungifunisisa.”

UHoseya 6

Abakwa-Israyeli bayabizwa ukuba baphenduke

1“Wozani sibuyele kuJehova,

ngokuba yena usidwengulile;

uyakusiphulukisa;

usishayile, uyakusibopha.

2Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili,

asivuse ngosuku lwesithathu,

siphile phambi kwakhe.

3Masimazi, sijonge ukumazi uJehova;

ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa;

uyakufika kithi njengemvula,

njengemvula yamuva enethisa umhlaba.

4“Ngiyakwenzani kuwe Efrayimi,

ngiyakwenzani kuwe Juda, na?

Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.

5Ngalokho ngiyabashaya ngabaprofethi,

ngibabulale ngamazwi omlomo wami,

ukwahlulelwa kwakho kuqhame ekukhanyeni.

6Ngokuba ngifuna uthando,

hhayi umhlatshelo;

ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.

7Kepha baseqile isivumelwano njengo-Adamu;

bangikhohlisa ngalokho.

8IGileyadi lingumuzi wabenza okubi,

linemikhondo yegazi.

9Njengabaphangi beqamekela umuntu,

isigaba sabapristi siyabulala endleleni eya eShekemi,

yebo, benza okunengekayo.

10Endlini yakwa-Israyeli ngibonile into eyesabekayo:

kukhona ubufebe kwa-Efrayimi,

u-Israyeli ungcolile.

11“Nawe Juda ulungiselwe ukuvunwa,

lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.

UHoseya 7

Ukungazisoli kuka-Israyeli

1“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli,

bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya,

ngokuba benza inkohliso,

amasela ayafohla,

nabaphangi baphanga ngaphandle.

2Abacabangi ezinhliziyweni zabo

ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo;

sebezungeziwe yizenzo zabo,

ziphambi kobuso bami.

3“Ngobubi babo bayathokozisa inkosi,

nezikhulu ngamanga abo.

4Bayiziphingi bonke;

banjengeziko elishiswa ngumphekisinkwa

oyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlama

kuze kube sekubileni kwayo.

5Ngosuku lwenkosi yethu

izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini;

yona yayiselulela izideleli isandla.

6Lapho sebeshisile izinhliziyo zabo ngamacebo zibe njengeziko,

umphekisinkwa wabo ulala ubusuku bonke;

ekuseni liyavutha njengomlilo wamalangabi.

7Bonke bashisa njengeziko,

badla abahluleli babo;

onke amakhosi abo ayawa,

kungekho phakathi kwabo ongibizayo.

8“U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu:

u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.

9Abafokazi badlile amandla akhe,

kepha yena akazi;

izimvi zikhahlele kuye,

kepha yena akazi.

10Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe,

nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo,

abamfunanga kukho konke lokhu.

11“U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo;

bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.

12Lapho sebehamba,

ngiyabenekela inetha lami,

ngibehlise njengezinyoni zezulu,

ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.

13Maye kubo, ngokuba bangibalekele!

Makube ngukuchithwa kubo,

ngokuba baphambukile kimi!

Bengiyakubahlenga mina

labo abakhulume amanga ngami na?

14Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo,

kepha bahhewula emibhedeni yabo;

banovalo ngamabele abo nangewayini labo,

kepha mina bayangihlubuka.

15Mina-ke ngafundisa,

ngaqinisa izingalo zabo,

nokho baceba okubi ngami.

16Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu,

bafana nomnsalo ogejayo;

izikhulu ziyakuwa ngenkemba

ngenxa yolaka lolimi lwabo.

Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.

UHoseya 8

Ukuhlwanyela umoya nokuvuna isivunguvungu

1“Beka icilongo emlonyeni wakho;

onjengokhozi wehlela indlu kaJehova;

ngokuba beqile isivumelwano sami,

baphambuka emthethweni wami.

2Bakhala kimi ngokuthi:

‘Nkulunkulu wethu,

thina Israyeli siyakwazi.’

3U-Israyeli ukulahlile okuhle;

isitha siyakumxosha.

4Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi;

bamisa izikhulu, ngingazi;

isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo,

ukuze banqunywe.

5Ithole lakho, Samariya, linengekile;

intukuthelo yami iyabavuthela;

koze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?

6Ngokuba livela ku-Israyeli;

umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu;

yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.

7“Ngokuba bahlwanyele umoya,

bayakuvuna isivunguvungu;

izele alinahlumela, alivezi impuphu;

uma liyiveza,

iyakuqedwa ngabafokazi.

8U-Israyeli uyagwinywa;

manje sebephakathi kwabezizwe

njengesitsha okungekho intokozo kuso.

9Ngokuba benyukele e-Asiriya

bezihambele njengezimbongolo zasendle;

u-Efrayimi uyaqasha ngenkokhelo yothando.

10Noma beqasha phakathi kwabezizwe,

manje sengiyakubabutha,

bakhululwe kancane emthwalweni wenkosi yezikhulu.

11“Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-altare aba ngukona;

ama-altare ayakuba ngukona kuye.

12Noma ngimlobela imithetho yami kaningi,

iyashaywa okungaziwayo.

13Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba,

bayidle inyama,

kepha uJehova akayenameli.

Useyakhumbula ububi babo,

abahambele ngezono zabo,

babuyele eGibithe.

14Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe,

wakha izindlu zamakhosi,

noJuda wandisile imizi ebiyelweyo,

ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe,

uqede izindlu zayo zobukhosi.”

UHoseya 9

Isiprofetho ngokuthunjwa

1Ungajabuli, Israyeli,

kube ngukuthokoza njengokwabezizwe,

ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba,

wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.

2Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza,

iwayini elisha liyakumkhohlisa.

3Abayikuhlala ezweni likaJehova;

u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe,

nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.

4Abayikuthululela uJehova iwayini;

imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye,

isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo;

bonke abasidlayo bayakungcola,

ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango,

singangeni endlini kaJehova.

5Niyakwenze njani ngosuku lomhlangano

nangosuku lomkhosi kaJehova na?

6Bhekani,

ngokuba bemukile ekuchithweni

iGibithe liyakubabutha,

iNofi libembele;

izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane,

kube ngameva ematendeni abo.

7Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa,

izinsuku zempindiselo zisondele;

u-Israyeli uyakukwazi.

Umprofethi uyakuba njengesiwula,

umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho

nangobutha obukhulu;

8umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami,

ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe,

nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.

9Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya;

uyakhumbula ububi babo,

uyabahambela ngezono zabo.

UHoseya 5:1-9:9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU