Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 187

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UMika 1

Ukwahlulelwa kukaJuda no-Israyeli

1Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.

UMika 2

Ukuxwayiswa kwabacindezeli

1Wo! kwabaceba ububi,

benze okubi emibhedeni yabo!

Ekukhanyeni kokusa bayakwenza,

ngokuba kusemandleni ezandla zabo.

2Bafisa amasimu, bawadluzule,

nezindlu, bazisuse;

bacindezela indoda nendlu yayo,

umuntu nefa lakhe.

3Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:

“Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni,

eningayikukhipha kukho izintamo zenu;

futhi ningahambi ngokuzidla,

ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.

4Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani,

bakhale isililo, bathi:

‘Sichithiwe nokuchithwa;

isabelo sabantu bami sinikwa omunye;

yeka ukubuya kwakhe kimi;

abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”

5Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkatho

ebandleni likaJehova.

6“Ningaprofethi,” baprofetha,

basho njalo,

“ningaprofethi ngalokho;

ihlazo aliyikusifica.”

7Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe,

ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile;

yizenzo zakhe lezi na?

“Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?

8Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha;

nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba,

befulathele ukulwa.

9Niyaxosha abesifazane babantu bami ezindlini zokuthokoza kwabo,

nisusa ezinganeni zabo ubukhosi bami kuze kube phakade.

10Sukumani nihambe,

ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu;

ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.

11Uma bekuhambahamba umuntu

okhuluma umoya nje namanga, athi:

‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’

ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.

12“Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho;

ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli;

ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira,

njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo,

kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.

13Umfohli ukhuphuka ngaphambi kwabo;

sebefohlile, badlulela esangweni,

baphuma ngalo;

inkosi yabo idlulile phambi kwabo,

noJehova usesihlokweni sabo.”

UMika 3

Ukusolwa kwabaholi ababi

1Ngathi:

“Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe,

nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi:

Akusikho okwenu ukwazi ukulunga

2nina enizonda okuhle,

nithanda okubi,

enebula kubo isikhumba sabo,

nenyama yabo emathanjeni abo,

3enidla inyama yabantu bami,

nihlinza kubo isikhumba sabo,

naphula amathambo abo,

yebo, nibaqoba njengokwasekhanzini

nanjengenyama phakathi kwebhodwe.”

4Khona bayakukhala kuJehova,

kepha akayikubaphendula;

uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi

ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.

5Usho kanje uJehova:

“Ngabaprofethi abadukisa abantu bami,

abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo,

bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’

nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.

6Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono,

kuhlwe kini, ningabe nisabhula;

ilanga liyakushonela abaprofethi,

usuku lube mnyama phezu kwabo.

7Ababoni bayakuba namahloni,

ababhuli bayangaze;

bayakumboza amadevu abo bonke,

ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.”

8Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova

ngokulunga nangobuqhawe

ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe,

u-Israyeli izono zakhe.

9Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobe

nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli

eninengwa ngukwahlulelwa,

nihlanekezela konke ukulunga,

10enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,

11elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo,

nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo,

nelibaprofethi balo babhula ngemali,

bencike nokho kuJehova, bethi:

“UJehova akaphakathi kwethu na?”

Asiyikwehlelwa ngokubi.

12Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu,

iJerusalema libe yincithakalo,

intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.

UMika 4

Isithembiso sokuthula

1Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayo

intaba yendlu kaJehova

iqiniswe esiqongweni sezintaba,

iphakame kunamagquma,

nabantu bayakugobhozela khona.

2Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi:

“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova

nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe;

uyakusifundisa izindlela zakhe,

sihambe emikhondweni yakhe,

ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,

nezwi likaJehova eJerusalema.

3Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi,

anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude;

ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba,

imikhonto yazo ibe ngocelemba;

isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,

zingabe zisafuna ukulwa.

4Bayakuhlala,

kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe

naphansi komkhiwane wakhe;

akakho oyakubesabisa,

ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.

5Ngokuba bonke abantu bahamba,

kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe,

kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu

kuze kube phakade naphakade.

6“Ngalolo suku,” usho uJehova,

“ngiyakubutha abaqhugayo,

ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo,

7ngenze abaqhugayo babe yinsali,

abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla;

uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyoni

kusukela manje kuze kube phakade.

8Wena mbhoshongo womhlambi,

negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe,

yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika,

umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”

9Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na?

Ayikho inkosi kuwe,

ubhubhile umluleki wakho,

lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.

10Yiba nemihelo, uzale,

ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo,

ngokuba manje uyakuphuma emzini,

uhlale endle,

ufike naseBabele,

lapho uzakophulwa khona;

lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.

11Manje izizwe eziningi zikubuthanele;

zithi: “Malingcoliswe,

amehlo ethu alibuke iSiyoni.”

12Kepha azazi imicabango kaJehova,

aziqondi amasu akhe,

ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni.

13“Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni,

ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi,

nezinselo zakho ngizenze insimbi;

uyakuchoboza abantu abaningi,”

kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo,

nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.

UMika 5

Umbusi ozayo wakwa-Israyeli

1Buthana ngamaviyo,

ndodakazi yamaviyo;

usivimbezele,

bayakumshaya umahluleli wakwa-Israyeli ngenduku esihlathini.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU