Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 189

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UNahume 1

Ukushisekela kukaNkulunkulu nomusa wakhe

1Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi.

2UJehova unguNkulunkulu

oshisekelayo nophindiselayo;

uJehova uyaphindisela,

ugcwele ukufutheka;

uJehova uphindisela kwabamelene naye,

ugcinela izitha zakhe intukuthelo.

3UJehova wephuza ukuthukuthela,

mkhulu ngamandla,

akenzi onecala abe msulwa;

uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni,

namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.

4Uyakhuza ulwandle, alomise,

ashise nemifula yonke;

iBashani liyawuma kanye neKarmeli,

nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.

5Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe,

amagquma ayancibilika;

umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe,

yebo, nakho konke okuhlala kuwo.

6Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na?

Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na?

Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo,

namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.

7UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,

uyabazi abaphephela kuye.

8Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo

uyakuqeda indawo yakhona,

axoshele izitha zakhe ebumnyameni.

9Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena;

ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.

10Lapho bethandela njengameva,

benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo,

bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.

11Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi,

wanika isiluleko esibi.

12Usho kanje uJehova, uthi:

“Noma benamandla, futhi bebaningi,

nokho bayakuqedwa, banyamalale;

noma ngikuhluphile,

angisayikukuhlupha.

13Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho,

ngigqabule izibopho zakho.”

14Kepha uJehova uyalezile ngawe

ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho;

endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma

izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo;

ngiyakulungisa ithuna lakho,

ngokuba awuyinto yalutho.

15Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle,

omemezela ukuthula.

Gubha imikhosi yakho, Juda,

ugcwalise izithembiso zakho,

ngokuba omubi akasayikudabula kuwe;

unqunyiwe ngokupheleleyo.

UNahume 2

Ukuchithwa kweNineve

1Kukhuphukela umchithi kuwe; gcina inqaba,

ulinde indlela,

uqinise izinkalo zakho,

uwenze amandla akho ukuba aqine.

2Ngokuba uJehova uyabuyisa ukuphakama kukaJakobe

njengokuphakama kuka-Israyeli,

lokhu abathululayo bebathululile,

bachitha amagatsha emivini yabo.

3Izihlangu zamaqhawe akhe zibomvu,

amadoda anamandla embethe okubomvu;

izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe;

imikhonto iyaveva.

4Izinqola ziyahlanya ezitaladini,

ziyaficana ezigcawini;

ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa,

zigijima njengemibani.

5Useyakhumbula izikhulu zakhe,

ziyakhubeka ekuhambeni kwazo;

zisheshela izingange zakhona,

izivikelo ziyalungiswa.

6Amasango emifula ayavulwa,

indlu yamakhosi iyancibilika.

7Kunqunyiwe: liyambulwa, lisuswe;

izincekukazi zalo zibubula ngezwi lamajuba,

zibetha phezu kwezinhliziyo zazo.

8Kepha iNineve linjengechibi lamanzi kwasendulo,

nokho bayabaleka.

“Yimani, yimani!”

Kepha akakho ophendukayo.

9Phangani isiliva!

Phangani igolide!

Ngokuba akukho ukuphela kokunqwatshelweyo

nokukhazimula kwazo zonke izinto ezinxanelekayo.

10Liyize, alisenalutho, lichithekile;

inhliziyo iyancibilika,

amadolo ayashayana,

imihelo isezinkalweni zonke,

nobuso babo bonke buphaphathekile.

11Uphi umphandu wezingonyama,

nedlelo lamabhongo ezingonyama,

lapho kwahamba ingonyama nengonyamakazi nebhongo lengonyama,

kungekho okwesabisayo na?

12Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo,

yabindela izingonyamakazi zayo;

yagcwalisa imiphandu yayo ngempango

nemigede yayo ngengcugco.

13“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti;

“ngiyakushisa izinqola zakho emsini,

inkemba idle amabhongo akho ezingonyama;

ngiyakunquma impango yakho emhlabeni,

nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”

UNahume 3

Ukuziphakamisa kweNineve nokujeziswa kwalo

1Wo kumuzi wezingazi!

Wonke ugcwele amanga nempango,

ukuphanga akupheli.

2Ngukuqhuma kwesiswebhu,

nomsindo wokugodlozela kwamasondo,

namahhashi agadulayo,

nezinqola ezixhumayo;

3ngabamahhashi abasukelayo,

nenkemba enjengelangabi, nomkhonto onyazimayo,

abaningi ababuleweyo nenqwaba yezidumbu,

kungekho ukuphela kwezidikadika;

bakhubeka ngezidikadika zabo,

4ngenxa yobuningi bobufebe besifebe esibukekayo,

umnikazi wokulumba,

esithengisa izizwe ngobufebe baso,

nemindeni ngamalumbo aso.

5“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti;

“ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho,

ngibonise izizwe ubunqunu bakho,

nemibuso ihlazo lakho.

6Ngiyakuphonsa okunengakayo phezu kwakho,

ngikuhlazise,

ngikubeke ube yinto ebukwayo.

7Kuyakuthi bonke abakubonayo bakubalekele, bathi:

‘INineve lichithekile,

ngubani oyakulililela na?’

Ngiyakukufunelaphi abaduduzi na?”

8Umuhle wena kuneNo Amoni elaliphakathi kwemifula,

elalizungezwe ngamanzi,

elilugange lwalo lwalululwandle,

nelidonga lwalo lungamanzi, na?

9IKushe neGibithe kwakungamandla alo angenakuphela;

uPhuthi namaLubi babe ngabasizi bakho.

10Nalo lamukiswa,

laya ekuthunjweni,

nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi;

benza inkatho ngezikhulu zalo,

nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.

11Uyakudakwa nawe, ufihlwe;

futhi uyakufuna inqaba yokubalekela izitha.

12Zonke izinqaba zakho ziyimikhiwane

enamakhiwane ayingqalabutho;

uma inyakaziswa,

awela emlonyeni wodlayo.

13Bheka, abantu bakho phakathi kwakho bangabesifazane nje;

amasango ezwe lakho avulekele impela izitha zakho,

umlilo udlile imigoqo yakho.

14Zikhelele amanzi okuvinjezelwa,

uqinise izinqaba zakho;

ngena odakeni,

uxove ibumba,

uqinise uhonela.

15Lapho umlilo uyakukuqeda,

inkemba ikunqume,

ikudle njengenkasa;

zandise njengenkasa,

zandise njengesikhonyane!

16Wandisile abathengisi bakho kunezinkanyezi zezulu;

inkasa iyakhula, indize imuke.

17Izikhulu zakho zinjengezinkumbi,

nezinduna zakho zinjengamaqulo esikhonyane

esihlezi phakathi kwezingange ngosuku olumakhaza,

kepha lapho liphuma ilanga, sindize simuke,

ingabe isaziwa indawo yaso ukuthi iphi.

18Abelusi bakho balele,

nkosi yase-Asiriya;

abakhulu bakho bayaphumula;

abantu bakho bahlakazekile ezintabeni,

akakho obabuthayo.

19Akukho ukupholiswa kokwaphulwa kwakho;

umvimbo wakho unzima;

bonke abezwa umbiko ngawe bashaya izandla ngawe,

ngokuba ngubani ububi bakho

obungadlulelanga njalo phezu kwakhe na?

UNahume 1:1-3:19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU