Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 190

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 AmaKhosi 21

UManase uyinkosi kwaJuda

1UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema; igama likanina lalinguHefisiba. 2Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 3Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera* njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. 4Wakha ama-altare endlini kaJehova, uJehova asho ngayo ukuthi: “Ngiyakubeka igama lami eJerusalema.” 5Wakhela nalo lonke ibandla lasezulwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova. 6Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

7Wabeka isithombe esibaziweyo sika-Ashera* asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade; 8futhi angisayikuzulisa izinyawo zika-Israyeli, zisuke ezweni engalinika oyise, uma beyakugcina kuphela ukwenza njengakho konke engibayale ngakho nanjengawo wonke umthetho eyabayala ngawo inceku yami uMose.” 9Kepha abalalelanga; uManase wabaphambukisa baze benza okubi kunabezizwe abachithayo uJehova phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

10UJehova wayesekhuluma ngezinceku zakhe abaprofethi, wathi: 11“Ngokuba uManase inkosi yakwaJuda enzile lezi zinengiso, enze kabi kunakho konke ukwenza kwama-Amori ayephambi kwakhe, wonisa noJuda ngezithombe zakhe, 12ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiletha okubi phezu kweJerusalema naphezu kukaJuda ngangokuthi bonke abakuzwayo, izindlebe zabo zombili ziyakunkeneza ngakho. 13Ngiyakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya, nomthofu wokumisa indlu ka-Ahabi; ngiyakwesula iJerusalema njengalokho umuntu esula isitsha, esesula asigumbuqele. 14Ngiyakushiya insali yefa lami, ngiyinikele esandleni sezitha zayo, ibe yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo; 15ngokuba yenzile okubi emehlweni ami, ingicunulile kusukela osukwini oyise abaphuma ngalo eGibithe kuze kube namuhla.’ ”

16Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala, waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.

17Ezinye izindaba zikaManase, nakho konke akwenzayo, nesono sakhe ona ngaso, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 18UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe, insimu ka-Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

19U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema; igama likanina lalinguMeshulemeti, indodakazi kaHarusi waseJothiba. 20Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise. 21Wahamba ngezindlela zonke uyise ahamba ngazo, wakhonza izithombe azikhonzayo uyise, wakhuleka kuzo; 22washiya uJehova uNkulunkulu wawoyise, kahambanga ngendlela kaJehova.

23Izinceku zika-Amoni zamenzela ugobe, zayibulala inkosi endlini yayo. 24Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzela inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.

25Ezinye izindaba zika-Amoni azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 26Wembelwa ethuneni lakhe ensimini ka-Uza; uJosiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 21:1-26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 iziKronike 33

OManase no-Amoni bangamakhosi kwaJuda

1UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema. 2Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 3Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azidilizile; wamisela oBali ama-altare, wenza o-Ashera,* wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. 4Wakha ama-altare endlini kaJehova, uJehova asho ngayo ukuthi: “Igama lami liyakuba khona eJerusalema kuze kube phakade.” 5Wakhela nalo lonke ibandla lasezukwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova. 6Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

7Wabeka umfanekiso obaziweyo wesithombe awenzileyo endlini kaNkulunkulu asho ngayo uNkulunkulu kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade; 8futhi angisayikususa unyawo luka-Israyeli ezweni engilimisele oyihlo, uma beyakugcina kuphela ukwenza konke engibayale ngakho, wonke umthetho, nezimiso, nezahlulelo, ngesandla sikaMose.” 9UManase wadukisa uJuda nabakhileyo eJerusalema, baze benza okubi kunabezizwe uJehova abachitha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

10UJehova wakhuluma kuManase nakubantu bakhe, kepha kabalalelanga. 11Ngalokho-ke uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya; zambamba uManase ngamaketanga, zambopha ngawozankosi, zamuyisa eBabele. 12Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise. 13Wakhuleka kuye; wancengwa nguye, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. Wayesekwazi uManase ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu.

14Emva kwalokho wakha ugange olungaphandle komuzi kaDavide ngasentshonalanga kwaseGihoni esigodini kuze kube sekungeneni kweSango Lezinhlanzi; walihaqa i-Ofeli, waliphakamisa kakhulu; wabeka izinduna ezinamandla emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda.

15Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova, nawo onke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema, wakulahla ngaphandle komuzi. 16Wakha i-altare likaJehova, wanikela phezu kwalo ngemihlatshelo yeminikelo yokuthula neyokubonga, washo kuJuda ukuba bamkhonze uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. 17Nokho abantu babesahlaba ezindaweni eziphakemeyo, kodwa kuJehova uNkulunkulu wabo kuphela.

18Ezinye izindaba zikaManase, nomkhuleko wakhe kuNkulunkulu wakhe, namazwi ababoni ababewakhuluma kuye egameni likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, bheka, kulotshiwe ezindabeni zamakhosi akwa-Israyeli. 19Umkhuleko wakhe, nokunxuswa kukaNkulunkulu nguye, nazo zonke izono zakhe, nazo zonke iziphambeko zakhe, nezindawo akha kuzo izindawo eziphakemeyo, amisa kuzo o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo, engakazithobi, bheka, lokho kulotshiwe ezindabeni zikaHozayi. 20UManase wayeselala koyise; bammbela endlini yakhe; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

21U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema. 22Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise; u-Amoni wahlabela zonke izithombe ezibaziweyo ayezenzile uManase uyise, wazikhonza. 23Akazithobanga phambi kukaJehova njengalokho ebezithobile uManase uyise kepha yena lowo Amoni wenza amacala akhe aba maningi.

24Izinceku zakhe zamenzela ugobe, zambulala endlini yakhe. 25Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzele inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 34

UJosiya uyinkosi kwaJuda. Isivuselelo sakhe

1UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema. 2Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.

3Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, nawo-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo. 4Bawadiliza phambi kwakhe ama-altare awoBali; nama-altare empepho ayephezu kwawo wawanquma; waphula o-Ashera,* nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo, wakucolisisa, wakuvumvuzela phezu kwamathuna ababenikele kukho. 5Wawashisa amathambo abapristi ema-altare abo, wahlambulula uJuda neJerusalema. 6Emizini yakwaManase, nakwa-Efrayimi, nakwaSimeyoni kwaze kwaba nakwaNafetali wacinga ezindlini zabo nxazonke. 7Wawadiliza ama-altare, waphula o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo kwaba luthuli, wawanquma onke ama-altare empepho ezweni lonke lakwa-Israyeli, wabuyela eJerusalema.

8Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kwakhe esehlambululile izwe nendlu, wathuma uShafani, indodana ka-Asaliya, noMahaseya umbusi womuzi, noJowa indodana kaJowahazi, umabhalana, ukuba bayilungise indlu kaJehova uNkulunkulu wakhe.

9Bafika kuHilikiya umpristi omkhulu, bayinikeza imali eyayilethwe endlini kaNkulunkulu iqoqwe ngamaLevi, abalindisango, esandleni sakwaManase no-Efrayimi, nakuyo yonke insali yakwa-Israyeli, nakuye wonke uJuda noBenjamini, nakwabakhileyo eJerusalema; 10bayinikeza ezandleni zababewenza umsebenzi ababeyiphethe indlu kaJehova; bona bayinika ababesebenza umsebenzi wasendlini kaJehova ukuba bayilungise, bayiqinise indlu; 11bayinika nababazi nabakhi ukuba bathenge amatshe abaziweyo nemithi yokuhlanganisa, benze imishayo yezindlu amakhosi akwaJuda abezichithile.

12Amadoda enza umsebenzi wawo ngokuthembeka; ababonisi phezu kwabo babe ngoJahati no-Obadiya amaLevi, emadodaneni akwaMerari, noZakariya noMeshulamu emadodaneni amaKohati, ukuba babahole, kanye namaLevi onke ayeqonda izinto zokubethwa. 13Ayephezu kwabathwala imithwalo, ahola bonke abenza umsebenzi wezinkonzo ngezinkonzo; kumaLevi kwakukhona nababhali, nezinduna, nabalindisango.

2 iziKronike 33:1-34:13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU