Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 195

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 1

Ukubizwa kukaJeremiya

1Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini, 2okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe; 3lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.

4Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi:

5“Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi;

ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa,

ngakubeka umprofethi ezizweni.”

6Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.”

7Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma. 8Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.

9UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho. 10Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”

11Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?”

Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”*

12Wayesethi uJehova kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.”

13Lase lifika kimi izwi likaJehova ngokwesibili, lithi: “Ubonani na?”

Ngathi: “Ngibona ikhanzi elibilayo. Ubuso balo bungasenyakatho.”

14Wayesethi kimi uJehova: “Okubi kuyakuqhambuka ngasenyakatho, kubehlele bonke abakhileyo bomhlaba. 15Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” usho uJehova.

“Iyakufika, yilowo nalowo

ubeke isihlalo sawo sobukhosi

ezikhaleni zamasango aseJerusalema,

nakuzo zonke izingange zalo nxazonke,

nakuyo yonke imizi yakwaJuda.

16Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami

phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo,

ngokuba bangihlubukile,

bashisela abanye onkulunkulu impepho,

bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.

17“Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo. 18Ngokuba bheka, ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo, nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke, nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe. 19Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”

UJeremiya 2

Ukuhlubuka kuka-Israyeli

1Lase lifika izwi likaJehova, lithi: “Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema, uthi: Usho kanje uJehova, uthi:

2“ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho,

nothando lwakho, usengumakoti,

nokungilandela kwakho ehlane,

izwe elingatshalwanga.

3U-Israyeli ungcwele kuJehova,

ululibo lwezithelo zakhe;

bonke abazidlayo bayathola icala,

okubi kuyakubehlela,’ ” usho uJehova.

4Zwanini izwi likaJehova

nina ndlu kaJakobe,

nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.

5Usho kanje uJehova, uthi:

“Ububi buni oyihlo ababufumene kimi,

baze badeda kude nami,

balandela okuyize, baba yize, na?

6Abashongo ukuthi:

‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe,

wasihola ehlane

ezweni lezingwadule nelemigodi,

ezweni elomileyo nelethunzi lokufa,

ezweni elingadatshulwa muntu,

nalapho kungahlali muntu khona, na?’

7Nganingenisa ezweni elivundileyo

ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo,

kepha lapho seningenile,

nalingcolisa izwe lami,

nenza ifa lami laba yisinengiso.

8Abapristi abashongo ukuthi:

‘Uphi uJehova?’

Abaphethe umthetho babengazi,

ababusi baphambuka kimi,

abaprofethi baprofetha ngoBali,

balandela okungenakusiza.

9“Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova,

“ngiphikisane nabantwana babantwana benu.

10Dlulani eziqhingini zaseKitimi, nibone,

nithume eKedari, niqonde kahle,

nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?

11Isizwe sike senana ngawonkulunkulu

abangesibo onkulunkulu na?

Kepha abantu bami benanile udumo lwabo

ngokungenakusiza.

12Mangalani ngalokho, mazulu,

nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova.

13“Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili:

bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo,

bazigubhele imithombo,

imithombo evuzayo,

amanzi angenakuhlala kuyo.

14U-Israyeli uyisigqila yini,

uyisigqila esazalelwa ekhaya na?

Waba kanjani impango na?

15Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya,

alenza izwe lakhe laba yincithakalo;

imizi yakhe ishisiwe,

kungekho owakhe kuyo.

16Nabantwana baseNofi naseThahipanesi

baphuca ukhakhayi lwakho.

17Awuzenzeli lokhu wena

ngokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho,

lapho ekuhola endleleni, na?

18Manje unani endleleni eya eGibithe

ukuba uphuze amanzi aseSihori, na?

Unani endleleni eya e-Asiriya

ukuba uwaphuze amanzi omfula na?

19Ububi bakho buyakukulaya,

nokuhlehla kwakho kuyakukusola;

yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo

yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho

nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.

20“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo,

wazigqabula izibopho zakho,

wathi: ‘Angiyikukhonza.’

Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo

naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza

walala njengesifebe.

21Mina ngakutshala ungumvini omuhle,

imbewu elungileyo yodwa;

pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi,

elomvini wabezizwe, na?

22Ngokuba noma ugeza ngesoda,*

uzithathele insipho eningi,

ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” isho iNkosi uJehova.

23“Ungasho kanjani ukuthi:

‘Angingcolile,

angilandelanga oBali,’ na?

Bheka indlela yakho esigodini,

wazi ukuthi wenzeni:

uyikamela lensikazi elinejubane,

elizulazula ezindleleni zalo,

24nembongolo yasendle ejwayele ihlane,

esezela umoya ngokukhanuka kwayo;

ngubani ongavimbela inkanuko yayo na?

Bonke abayifunayo abayikukhathala,

bayakuyifumana ngenyanga yayo.

25Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo,

nomphimbo wakho ukuba ungomi;

kepha wathi: ‘Kuyize;

cha, ngithandile abafokazi,

ngiyakubalandela.’

26“Njengesela linamahloni,

lapho selifunyenwe,

kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni,

bona kanye namakhosi abo,

nezikhulu zabo,

nabapristi babo, nabaprofethi babo

27abathi emthini: ‘Ungubaba,’

nasetsheni: ‘Wena wangizala.’

Ngokuba bangifulathele, abangibheki;

kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabo

bayakusho ukuthi:

‘Vuka, usisindise.’

28Baphi onkulunkulu bakho

ozenzele bona na?

Mabavuke, uma bengakusindisa

ngesikhathi sokuhlupheka kwakho,

ngokuba njengomumo wemizi yakho,

banjalo onkulunkulu bakho, Juda.

29“Niphikisanelani nami na?

Niphambukile kimi nonke,” usho uJehova.

30“Ngibashayele ize abantwana benu,

abakwamukelanga ukulaywa;

inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu

njengengonyama echithayo.

31“Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova.

“Bengiyihlane ku-Israyeli,

noma izwe lesigayegaye, na?

Basholoni abantu bami ukuthi:

‘Sesidlubulundile,

asisayikubuyela kuwe,’ na?

32Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo,

nomakoti ixhama lakhe, na?

Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.

33Ulungisa kahle kanjani

indlela yakho ukufuna uthando!

Ngalokho nabesifazane ababi

ubafundisile izindlela zakho.

34Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi

labampofu abangenacala,

kungabi ngukuthi ubafumene befohla.

Kepha kukho konke lokhu

35uthi: ‘Anginacala.’

Nempela intukuthelo yakhe ibuyile kimi.

Bheka, ngiyakwahlulelana nawe,

ngokuba uthi: ‘Angonanga.’

36Usheshelani kangaka

ukuyiguqula indlela yakho na?

Uyakujabha nangeGibithe,

njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.

37Uyakuphuma nalapho,

izandla zakho zisekhanda,

ngokuba uJehova uyabalahla obethembayo,

awuyikuphumelela kubo.

UJeremiya 1:1-2:37ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU