Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 196

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 3

1“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo,

abesemuka abe ngowenye indoda,

isayakubuyela kuye na?

Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na?

Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi

ubuyela kimi,” usho uJehova.

2“Phakamisela amehlo akho

emadulini angenalutho, ubone;

kuphi lapho ongalalwanga khona na?

Ngasezindleleni ubahlalele

njengomArabiya ehlane,

walingcolisa izwe ngobufebe

nangobubi bakho.

3Ngalokho izihlambi zinqandiwe,

nemvula yamuva ayibangakho.

Nokho wawunebunzi lesifebe,

wala ukuba namahloni.

4Awusand' ukukhala kimi ukuthi:

‘Baba, wena ungumngane wobusha bami, na?

5Uyakuhlala enentukuthelo njalonjalo,

ayigcine kuze kube nini na?’

Bheka, ukhuluma kanjalo;

uyenza okubi, uyaphumelela.”

6UJehova wathi kimi emihleni kaJosiya inkosi: “Ubonile okwenziwe ngu-Israyeli ohlehlayo na? Ukhuphukele kuzo zonke izintaba eziphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, wafeba khona. 7Ngathi uzakubuyela kimi esekwenzile konke lokhu, kodwa akabuyanga; udadewabo okhohlisayo, uJuda, wakubona. 8Ngabona ukuthi noma ngangimlahlile u-Israyeli ohlehlayo ngalesi sizathu sokuthi uphingile, ngamnika incwadi yesahlukaniso, udadewabo okhohlisayo, uJuda, akesabanga nokho, kepha waya wafeba naye, 9nangokuzwakala kokufeba kwakhe langcoliswa izwe, waphinga nemithi namatshe. 10Kepha kukho konke lokhu udadewabo okhohlisayo, uJuda, akabuyelanga kimi ngenhliziyo yonke, kuphela ngokuzenzisa nje,” usho uJehova.

11Wayesethi uJehova kimi: “U-Israyeli ohlehlayo ubonakele elungile kunoJuda okhohlisayo. 12Hamba umemezele lawa mazwi ngasenyakatho, uthi:

“ ‘Buya wena Israyeli ohlehlayo,’ usho uJehova;

‘angiyikuninyakamela,

ngokuba nginomusa,’ usho uJehova;

‘angiyakugcina intukuthelo kuze kube phakade.

13Yazi kuphela ububi bakho

ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho,

wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe

phansi kwayo yonke imithi eluhlaza;

anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.

14“Buyani, bantwana abahlehlayo,” usho uJehova, “ngokuba ngingumyeni wenu, nginithabathe, abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eSiyoni, 15ngininike abelusi ngokwenhliziyo yami, abayakunalusa ngokwazi nangokuhlakanipha. 16Kuyakuthi lapho nanda, nichume ezweni, ngalezo zinsuku,” usho uJehova, “bangasayikusho ukuthi: ‘Umphongolo wesivumelwano sikaJehova;’ awuyikungena enhliziyweni, abayikuwukhumbula; abayikuwuswela, akusayikwenziwa omusha. 17Ngalolo suku bayakulibiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; izizwe zonke ziyakubuthana kulo, kulo igama likaJehova eJerusalema; azisayikuhamba ngenkani yezinhliziyo zazo ezimbi. 18Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.

19“Mina bengithi:

“ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana,

ngikuphe izwe elinxanelekayo,

ifa elihle kakhulu ezizweni!’

Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’,

ningabuyi ekungilandeleni.

20Impela njengomfazi emkhohlisa umyeni,

kanjalo ningikhohlisile

nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova.

21Izwi liyezwakala emadulini angenalutho,

ukukhala nokukhuleka kwabantwana bakwa-Israyeli,

ngokuba bayihlanekezele indlela yabo,

bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo.

22“Buyani nina bantwana abahlehlayo,

ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.”

“Bheka, sesifikile kuwe,

ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.

23Impela amagquma ayize

kanye nomsindo wasezintabeni.

Ngokwempela ukusindiswa kuka-Israyeli

kukuJehova uNkulunkulu wethu.

24UBosheti* uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu,

izimvu zabo, nezinkomo zabo,

namadodana abo, namadodakazi abo.

25Masilale phansi namahloni,

ihlazo lethu lisisibekele,

ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu,

thina nawobaba,

kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla,

asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”

UJeremiya 4

1“Uma uphenduka, Israyeli,” usho uJehova,

“uyakuphendukela kimi;

uma ususa ebusweni bami izinengiso zakho,

awuyikuntengantenga.

2Uyakufunga ngeqiniso,

nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi:

‘Kuphila kukaJehova,’

izizwe ziyakuzibusisa kuye,

zizibonge kuye.”

3Ngokuba usho kanje uJehova kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi:

“Qathani umqatho wenu,

ningatshali phakathi kwameva.

4Zisokeleni kuJehova,

nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu

nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema,

funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo,

kuvuthe, kungabikho ongakucima,

ngenxa yobubi bezenzo zenu.

5“Khulumani kwaJuda,

nizwakalise eJerusalema, nithi:

‘Bethani amacilongo ezweni,’

nimemeze nithi:

‘Buthanani, singene emizini ebiyelweyo.’

6Misani ibhanela* elibheka ngaseSiyoni,

nibaleke ningemi,

ngokuba ngiyakuletha okubi kuvele

ngasenyakatho

nokubhujiswa okukhulu.”

7Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo,

umchithi wezizwe uyeza;

uphumile endaweni yakhe

ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo,

ichithwe imizi yakho,

kungabikho ohlala kuyo.

8Ngalokho bhincani izindwangu zamasaka,

nikhale, nihewule,

ngokuba ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga kithi.

9“Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova,

“inhliziyo yenkosi iphele

kanye nezinhliziyo zezikhulu;

abapristi bayakumangala,

abaprofethi bethuke.”

10Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova, ubakhohlisile nokubakhohlisa laba bantu neJerusalema ngokuthi: ‘Niyakuba nokuthula;’ nokho inkemba ifinyelele emphefumulweni.”

11Ngaleso sikhathi kuyakuthiwa kulaba bantu nakulo iJerusalema: “Ishisandlu elivela emadulini angenalutho liya endodakazini yabantu bami, lingayikubahlakaza, lingayikubahlunga. 12Umoya omkhulu kunokuba kwenziwe lokhu uyakuphuma kimi. Manje sengiyakukhuluma nami ukwahlulela kubo.”

13Bhekani, uyakhuphuka njengamafu,

izinqola zakhe zinjengesivunguvungu,

amahhashi akhe anejubane kunezinkozi.

Maye kithina, ngokuba sichithiwe!

14Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho,

kuphume ububi,

ukuze usindiswe.

Koze kube nini imicabango yakho

emibi ihlala phakathi kwakho na?

15Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani;

lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwa-Efrayimi.

16“Khumbuzani izizwe;

bhekani, nizwakalise eJerusalema

ukuthi kufika abavimbezeli abaphuma ezweni elikude;

baliphakamisa izwi labo ngakuyo imizi yakwaJuda.

17Njengabalinda insimu baphezu kwalo nxazonke,

ngokuba lingihlubukile,” usho uJehova.

18“Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu;

lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu;

ifinyelele enhliziyweni yakho.”

19Zibilini zami, zibilini zami,

nginobuhlungu enhliziyweni yami;

inhliziyo yami ikhala phakathi kwami,

anginakuthula,

ngokuba ulizwile, mphefumulo wami,

izwi lecilongo,

ukuhlatshwa komkhosi wempi.

20Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa,

ngokuba izwe lonke liyachithwa.

Amatende ami ayachithwa masinyane,

nezilenge zami ngokuphazima kweso.

21Koze kube nini ngibona ibhandela,*

ngizwe izwi lecilongo, na?

22“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi;

bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda;

bahlakaniphele ukwenza okubi,

kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”

23Ngabuka umhlaba;

bheka, wawuyize, wawungenalutho,

nezulu lalingenakukhanya.

24Ngabuka izintaba; bheka, zazamazama;

onke amagquma anyakaza.

25Ngabuka;

bheka, kwakungekho muntu;

izinyoni zonke zezulu zazibalekile.

26Ngabuka;

bheka, izwe elivundileyo laliyihlane,

nemizi yalo yonke yayidiliziwe ebusweni bukaJehova

naphambi kolaka lwakhe oluvuthayo.

27Ngokuba uJehova usho kanje, uthi:

“Izwe lonke liyakuba yincithakalo,

kepha angiyikuliqeda ngokupheleleyo.

28Umhlaba uyakhala ngalokhu,

izulu phezulu limnyama,

ngokuba ngikukhulumile,

ngikuhlosile, ngingazisolanga;

futhi angiyikubuya kukho.”

29Umuzi wonke uyabaleka

ngenxa yomsindo wabamahhashi

nowabemicibisholo;

bayangena ezihlahleni,

bakhuphukele emadwaleni;

imizi yonke ishiyiwe,

akakho ohlala kuyo.

30Lapho usuchithiwe, uyakwenzani na?

Noma wembatha okubomvu,

noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide,

noma ugqaba amehlo akho ngomuthi,

uzenza muhle ngeze;

izithandwa zakho ziyakudelela,

zifuna ukukubulala.

31Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo,

usizi lozibulayo,

izwi lendodakazi yaseSiyoni

eheheza, ezelula izandla zayo, ithi:

“Maye kimina!

Ngokuba umphefumulo wami

uphele amandla ngababulali.”

UJeremiya 3:1-4:31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU