Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 20

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Eksodusi 15

Ihubo lokudumisa kuka-Israyeli

1Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi:

“Ngizakuhlabelela kuJehova,

ngokuba uphakeme kakhulu;

ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.

2UJehova ungamandla ami nehubo lami;

waba yinsindiso kimi;

unguNkulunkulu wami: ngizakumdumisa,

noNkulunkulu kababa: ngizakumphakamisa.

3UJehova uyindoda yempi;

nguJehova igama lakhe.

4Izinqola zikaFaro nempi yakhe

ukuphonse elwandle;

izinduna zakhe ezikhethiweyo

zaminza eLwandle Olubomvu.

5Izintwa ziyabasibekela;

bashona ezinzulwini njengetshe.

6“Isandla sakho sokunene, Nkosi,

sidumisekile ngamandla aso;

esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.

7Ngobukhulu bobukhosi bakho

uyachitha abakuvukelayo;

uyathuma intukuthelo yakho,

ibaqede njengamabibi.

8Ngokufutha kwamakhala akho

amanzi anqwabeleka;

izifufula zema njengenqwaba,

amadlambi ashuqa phakathi kolwandle.

9“Isitha sathi: ‘Ngiyakubaxosha, ngibafice,

ngahlukanise impango,

inhliziyo yami idele ngabo;

ngiyakuhosha inkemba yami,

isandla sami sibachithe.’

10Waphephetha ngomoya wakho,

ulwandle lwabasibekela;

baminzisa okomthofu emanzini anamandla.

11“Ngubani onjengawe Jehova

phakathi kwawonkulunkulu;

ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele,

owesabeka ngezibongo,

owenza izimangaliso, na?

12Welula isandla sakho sokunene,

umhlaba wabagwinya.

13“Ngomusa wakho wabahola abantu obahlengileyo;

ngamandla akho wabayisa

endlini yakho engcwele.

14Izizwe zizwile; ziyakuthuthumela;

abakhe eFilistiya behlelwe luvalo.

15Khona aphaphatheka amakhosi akwa-Edomi;

izikhulu zakwaMowabi zabanjwa yitwetwe;

bonke abakhe eKhanani baphelile amandla.

16Bayehlelwa luvalo nokwesaba;

ngokobukhulu bengalo yakho bathulisa okwetshe,

baze bawele abantu bakho, Jehova,

baze bawele abantu bakho obathengileyo.

17Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yefa lakho,

indawo ozenzele yona, Jehova, ukuba uhlale kuyo,

indlu engcwele, Nkosi, eziyimisile izandla zakho.

18UJehova uyakubusa kuze kube phakade.”

19Ngokuba amahhashi kaFaro angena elwandle kanye nezinqola zakhe nabamahhashi bakhe, uJehova wabuyisela amanzi olwandle phezu kwabo; kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo ngaphakathi kolwandle. 20UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina. 21UMiriyamu wabaphendula ngokuthi:

“Hlabelelani kuJehova,

ngokuba uphakeme kakhulu;

ihhashi nenkweli yalo

ukuphonse elwandle.”

Amanzi ababayo aseMara

22UMose wayesebahola abakwa-Israyeli besuka eLwandle Olubomvu, baya ehlane laseShuri; bahamba ehlane izinsuku ezintathu bengafumani manzi. 23Sebefika eMara babengenakuphuza amanzi aseMara, lokhu ayebaba; ngalokho igama lalo lathiwa iMara.* 24Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?”

25Wayesekhala kuJehova; uJehova wambonisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti. Wabamisela khona isimiso nomthetho; wabavivinya lapho, 26wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”

Ukufika kwabakwa-Israyeli e-Elimi

27Bafika e-Elimi, lapho kwakukhona imithombo eyishumi nambili yamanzi namasundu angamashumi ayisikhombisa; bamisa khona ngasemanzini.

U-Eksodusi 16

Ukukhonona kwabakwa-Israyeli ehlane laseSini

1Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe. 2Lonke ibandla labantwana bakwa-Israyeli lakhonona ngoMose nango-Aroni ehlane. 3Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”

Abantu basuthiswa ngezigwaca nangemana*

4UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma, babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha. 5Kuzakuthi ngosuku lwesithupha bakulungise abakungenisileyo; kuzakuba ngokuphindwe kabili kwalokhu abakubutha imihla ngemihla.”

6OMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: “Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe. 7Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?” 8UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”

9UMose wathi ku-Aroni: “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘Sondelani phambi kukaJehova, ngokuba uzwile izinkonono zenu.’ ”

10Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.

11UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 12“Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, kusasa nisuthe isinkwa, nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”

13Kwathi kusihlwa kwenyuka izigwaca, zasibekela ikamu;* ngakusasa kwakulele amazolo ekamu nxazonke. 14Esenyukile amazolo akade elele khona, bheka, nakho okuthile okuncane okunjengenkwethu, kuncane njengongqoqwane emhlabathini. 15Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle. 16Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Kubutheni, kube yilowo nalowo njengokudla kwakhe; anothatha iyomere* ngomuntu ngokwenani labantu benu, yilowo nalowo abathathele abasetendeni lakhe.’ ”

17Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo: abanye babutha okuningi abanye okuyingcosana. 18Lapho sebelinganisa ngeyomere,* yena owayebuthe okuningi akabanga nokuseleyo, nowayebuthe okuyingcosana akaswelanga. Yilowo nalowo wabutha njengokudla kwakhe.

19UMose wayesethi kubo: “Makungashiywa lutho kukho ngumuntu kuze kuse.”

20Kodwa abamlalelanga uMose; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa, kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.

21Bakubutha ekuseni njalo imihla ngemihla, kwaba yilowo nalowo muntu njengokudla kwakhe; kepha nxa ilanga selibalele, kwancibilika. 22Kwathi ngosuku lwesithupha babutha isinkwa esiphindwe kabili, amayomere* amabili kumuntu munye; zonke izinduna zomhlangano zafika, zamtshela uMose. 23Wathi kuzo: “Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo: kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova; yosani lokho eniyakukosa, nipheke lokho eniyakukupheka, nizibekele konke okuseleyo, kulondolozwe kuze kuse.”

24Bakubeka kwaze kwasa, njengalokho eyalile uMose; akunukanga, akwaba nampethu. 25Wayesethi uMose: “Yidlani lokhu namuhla, ngokuba namuhla kuyisabatha likaJehova; namuhla aniyikukuthola endle. 26Anokubutha izinsuku eziyisithupha, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha; akuyikubakho ngalo.”

27Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaphuma abanye abantu ukuba bakubuthe, kepha kabakutholanga. 28UJehova wathi kuMose: “Niyakwala kuze kube nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na? 29Bhekani, njengalokho uJehova eniphile isabatha, ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili; hlalani, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.” 30Base bephumula-ke abantu ngosuku lwesikhombisa.

31Indlu yakwa-Israyeli yaqamba igama lakho ngokuthi imana;* kwakunjengembewu yekoriyanderi,* kumhlophe; kwezwakala emlonyeni kungathi ngamaqebelengwane anezinyosi. 32UMose wathi: “Lokhu kuyikho uJehova ayalile ngakho ukuthi: ‘Makulondolozwe ezizukulwaneni iyomere* eligcweleyo lalokhu ukuba babone isinkwa enganipha sona ehlane ngisanikhipha ezweni laseGibithe.’ ”

33UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha, ufake iyomere* eligcweleyo lemana, ukubeke phambi kukaJehova, kulondolozelwe izizukulwane zenu.”

34Njengalokho uJehova emyala uMose, kanjalo u-Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe. 35Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana, baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.

36Iyomere* lingokweshumi kwe-efa.*

U-Eksodusi 17

Abantu bakhonona eMasa

1Ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lasuka ehlane laseSini, bahamba ngamabanga njengesiyalo sikaJehova, bamisa eRefidimi; kwakungekho manzi okuba abantu baphuze. 2Ngalokho abantu baphikisana noMose, bathi: “Siphe amanzi, siphuze.”

UMose wathi kubo: “Yini ukuba niphikisane nami na? Nimlingelani uJehova na?”

3Abantu bomela khona amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale, thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?”

4UMose wayesekhala kuJehova, ethi: “Ngizakwenzani kulaba bantu na? Sekukancane ukuba bangikhande ngamatshe.”

5UJehova wathi kuMose: “Dlulela phambi kwabantu, uthathe amalunga akwa-Israyeli; nenduku yakho owashaya ngayo umfula, yiphathe ngesandla sakho, uhambe. 6Bheka, ngiyakuma phambi kwakho edwaleni laseHorebe; uzakushaya itshe, kuphume amanzi kulo, abantu baphuze.” Wenze njalo uMose emehlweni amalunga akwa-Israyeli. 7Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMasa* neMeriba* ngenxa yokuphikisana kwabantwana bakwa-Israyeli, nangokuba bemlinga uJehova, bethi: “Ukhona yini uJehova phakathi kwethu noma qha?”

Ukulwa no-Amaleki

8Kwase kufika u-Amaleki, walwa no-Israyeli eRefidimi. 9UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume ulwe no-Amaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.”

10UJoshuwa wenze njalo, njengalokho uMose eshilo kuye, walwa no-Amaleki; oMose, no-Aroni, noHure bakhuphukela esiqongweni sentaba. 11Kwathi uMose esephakamisile isandla sakhe, u-Israyeli wahlula, kepha nxa esehlisa, u-Amaleki wahlula. 12Kodwa izandla zikaMose zaba nzima; bathatha itshe, walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe, omunye engalapha, omunye engalapha; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga. 13UJoshuwa wamchitha u-Amaleki nabantu bakhe ngosiko lwenkemba.

14UJehova wathi kuMose: “Kulobe lokhu kube yisikhumbuzo encwadini, ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.”

15UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi. 16Wathi: “Isandla singasesihlalweni sobukhosi sikaJehova sokuthi uJehova uyakulwa no-Amaleki izizukulwane ngezizukulwane.”

U-Eksodusi 15:1-17:16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.25.3
SITHOLE KU