Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 200

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 13

Ibhande* lelineni

1Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Hamba uzithengele ibhande* lelineni, ulibeke ezinkalweni zakho, ungalingenisi emanzini.” 2Ngalithenga ibhande njengezwi likaJehova, ngalibeka ezinkalweni zami.

3Lase lifika izwi likaJehova ngokwesibili, lithi: 4“Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e-Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.” 5Ngase ngihamba, ngalifihla ngase-Ewufrathe njengokungiyala kukaJehova.

6Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.” 7Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.

8Lase lifika izwi likaJehova, lithi: 9“Usho kanje uJehova: ‘Ngale ndlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema. 10Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi. 11Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda,’ usho uJehova, ‘ukuba babe ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.’

Izimvaba ezaphukileyo

12“Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini.’ Bayakusho kuwe ukuthi: ‘Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?’ 13Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema. 14Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”

15Zwanini, nibeke indlebe;

ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.

16Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo,

engakalihlwisi,

futhi zingakakhubeki izinyawo zenu

ezintabeni zokuhwelela,

nothi nisabheka ukukhanya,

akuphendule ithunzi lokufa,

akwenze kube yisigayegaye.

17Kepha uma ningalaleli,

umphefumulo wami uyakukhala

ngasese ngokuzidla kwenu;

iso lami liyakukhala nokukhala,

limululeka izinyembezi,

ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.

18Yisho kuyo inkosi

nakuyo indlovukazi ukuthi:

“Hlalani phansi ngokuzithoba,

ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi,

umqhele wodumo lwenu.”

19Imizi yaseningizimu ivaliwe,

akakho ovulayo;

wonke uJuda uthunjiwe,

uthunjiwe ngokupheleleyo.

20Phakamisani amehlo enu,

nibone abavela enyakatho;

uphi umhlambi owaphiwa wona,

izimvu zakho ezinhle, na?

21Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho

labo okade ubafundisile

ukuba babe ngabangane bakho,

babe yinhloko, na?

Awuyikubanjwa lusizi

njengowesifazane obelethayo na?

22Uma uthi enhliziyweni yakho:

Ngehlelelweni yilezi zinto na?

Ngobukhulu bokona kwakho

imiphetho yakho iphakanyisiwe,

nezithende zakho ziyadlovulwa.

23UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe,

nengwe amabala ayo, na?

Khona ningenza okuhle

nina enifundisiwe ukwenza okubi.

24“Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi

adlula ngomoya wasehlane.

25Lokhu kungokwenkatho yakho,

isabelo osilinganiselwe yimi,” usho uJehova,

“ngokuba wangikhohlwa,

wethemba emangeni.

26Ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho,

kubonakale ihlazo lakho.

27Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho,

ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho,

ngikubonile emagqumeni asendle.

Maye kuwe Jerusalema!

Awuyikuhlambuluka

koze kube nini na?”

UJeremiya 14

Isiprofetho ngesigagadu

1Izwi likaJehova elafika kuJeremiya ngesigagadu.

2“UJuda uyalila,

amasango akhe adangele,

ahlezi emhlabathini edabukile,

nokukhala kweJerusalema kwenyukile.

3Abakhulu babo bathuma abancane babo emanzini;

bafika emigodini, kepha abafumani manzi,

babuya, izitsha zabo zingenalutho;

banamahloni, bajabhile,

bamboza amakhanda abo.

4Ngenxa yomhlabathi odabukileyo,

ngokuba akubangakho mvula ezweni,

abalimi banamahloni,

bamboza amakhanda abo.

5Yebo, nendluzele izalela endle,

ilishiye izinyane,

ngokuba utshani abukho.

6Izimbongolo zasendle ziyema emadulini angenalutho,

zihogela umoya njengamakhanka;

amehlo azo ayaphela,

ngokuba kungekho tshani.”

7Noma izono zethu zifakaza ngathi,

sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho;

ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi,

sonile kuwe.

8Themba lika-Israyeli,

msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka,

yini ukuba ube njengomfokazi ezweni

nanjengesihambi esingenisayo

ukuba silale ubusuku nje na?

9Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo,

njengeqhawe elingenakusindisa, na?

Nokho uphakathi kwethu, Jehova,

sibiziwe ngegama lakho;

ungasishiyi.

10Usho kanje uJehova ngalaba bantu, uthi:

“Bathanda ukuzula kanjalo,

abazibambi izinyawo zabo;

uJehova akathokozi ngabo;

manje uyakubukhumbula ububi babo,

azihambele izono zabo.”

11UJehova wathi kimi: “Ungabakhulekeli laba bantu ukuba baphiwe okuhle. 12Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kwabo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu, angiyikuthokoza ngabo, kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.”

13Ngase ngithi: “E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: ‘Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela, kepha ngiyakuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.’ ”

14Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo. 15Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe,’ uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi. 16Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.

17“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi:

“ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku,

zinganqamuki,

ngokuba intombi,

indodakazi yabantu bami,

ilimele ngokulimala okukhulu,

ngokushaywa okunzima kakhulu.

18Uma ngiphumela endle,

bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba,

nalapho ngingena emzini, bheka,

nampo abaphethwe yindlala,

ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe

bengazi lutho.’ ”

19Umlahlile nokumlahla uJuda na?

Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na?

Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na?

Sihlalela ukuthula,

kepha okuhle akukho;

nesikhathi sokuphulukiswa,

kepha luvalo.

20Jehova,

siyazi ububi bethu nokona kwawobaba,

ngokuba sonile kuwe.

21Ungasideleli ngenxa yegama lakho,

ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho;

sikhumbule, ungasaphuli isivumelwano sakho nathi.

22Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu

babezizwe abayize onganisa imvula?

Amazulu angaletha izihlambi na?

Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na?

Ngokuba wena wenzile konke lokhu.

UJeremiya 15

1Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume. 2Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Siyakuphuma siyephi na?’ usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Abokufa, mabaye ekufeni,

nabenkemba, enkembeni,

nabendlala, endlaleni,

nabokuthunjwa, ekuthunjweni.’

3“Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha. 4Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngalokho akwenza eJerusalema.

5“Ngokuba ngubani oyakukuhawukela

wena Jerusalema na?

Ngubani oyakukukhalela?

Ngubani oyakuphambukela

ukubuza ngempilo yakho na?

6Wena ungishiyile,” usho uJehova,

“wabuyela emuva;

ngiselulele isandla sami kuwe,

ngakuchitha;

sengikhathele ukuhawukela.

7Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe,

ngabaphuca abantwana,

ngachitha abantu bami;

ababuyanga ezindleleni zabo.

8Abafelokazi babo bandile kimi

kunesihlabathi solwandle,

ngehlisele phezu kwawonina

bezinsizwa umchithi emini,

ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.

9Owazala abayisikhombisa usedangele,

waphuma umoya;

ilanga lakhe lishonile kuse semini;

ujabhile, wayangaza;

insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni

ngaphambi kwezitha zabo,” usho uJehova.

Ukukhala kukaJeremiya

10Maye kimina, mame,

ukuthi ungizalile,

ngibe ngumuntu wokuphikisana

nokuxabana emhlabeni wonke!

Angibizanga inzalo,

futhi akubizwanga inzalo kimi,

nokho bayangiqalekisa bonke.

11Wathi uJehova:

“Ngiyakukukhulula

kube kuhle;

impela ngiyakwenza ukuba isitha sikunxuse

ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.

12“Umuntu angaphula insimbi yini,

insimbi yasenyakatho, nethusi, na?

13Ngiyakunikela imfuyo yakho

nengcebo yakho kube yimpango

kungengantengo,

ngazo zonke izono zakho

emikhawulweni yakho yonke.

14Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakho

ezweni ongalaziyo,

ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwami

oyakuvutha kini.”

15Uyazi wena Jehova;

ngikhumbule, ngihambele,

ungiphindisele kwabangizingelayo;

ungangisusi ngokubekezela kwakho;

yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.

16Amazwi akho afunyanwa, ngawadla;

amazwi akho aba ngukujabula kimi

nokuthokoza kwenhliziyo yami,

ngokuba ngibizwa ngegama lakho,

Jehova Nkulunkulu Sebawoti.

17Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo,

angithokozanga;

ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho,

ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.

18Yini ukuba ubuhlungu bami

bube khona njalonjalo,

nesilonda sami singapholiswa,

sala ukuphulukiswa, na?

Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi,

amanzi angathembekile, na?

19Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:

“Uma ubuya, ngiyakukubuyisa,

ume phambi kwami;

uma ukhipha okuyigugu kokungamanyala,

uyakuba ngumlomo wami;

laba bayakubuyela kuwe,

kepha wena awuyikubuyela kubo.

20Ngiyakukwenza ukuba ube lugange

lwethusi oluqinileyo kulaba bantu;

bayakulwa nawe,

kepha abayikukwahlula,

ngokuba mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” usho uJehova.

21“Ngiyakukophula esandleni sababi,

ngikuhlenge esandleni sabacindezeli.”

UJeremiya 13:1-15:21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU