15Ngokuba washo kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kimi, wathi: “Thatha le ndebe yewayini lokufutheka esandleni sami, uphuzise kuyo zonke izizwe engikuthuma kuzo. 16Ziyakuphuza, zintengantenge, zihlanye ngaphambi kwenkemba engiyakuyithuma phakathi kwazo.”
17Ngase ngiyithatha indebe esandleni sikaJehova, ngaziphuzisa zonke izizwe uJehova angithuma kuzo: 18iJerusalema nemizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikwenze kube yincithakalo, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nesiqalekiso njenganamuhla; 19kanye noFaro inkosi yaseGibithe, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nabantu bakhe bonke, 20nayo yonke ingxubevange yabantu; onke amakhosi ase-Uzi, nawo onke amakhosi asezweni lamaFilisti e-Ashikeloni, naseGaza, nase-Ekroni, nensali yase-Ashidodi; 21o-Edomi, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, 22nawo onke amakhosi aseTire, nawo onke amakhosi aseSidoni, namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle; 23iDedani, neThema, neBuzi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, 24nawo onke amakhosi ase-Arabiya, nawo onke amakhosi engxubevange yabantu ehlala ehlane, 25nawo onke amakhosi aseZimri, nawo onke amakhosi ase-Elamu, nawo onke amakhosi aseMediya, 26nawo onke amakhosi asenyakatho, akude naseduze, yileyo naleyo, nayo yonke imibuso yezwe esebusweni bomhlaba; nenkosi yaseSheshaki iyakuphuza emva kwabo.
27“Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’ 28Kuyakuthi lapho bala ukuthatha indebe esandleni sakho ukuba bayiphuze, usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Impela niyakuphuza. 29Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami; nina beniyakuba ngabangenacala na? Aniyikuba ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova Sebawoti.’
30“Manje, profetha kubo onke lawa mazwi, uthi kubo:
“ ‘UJehova uyakuduma ephezulu,
aliphumise izwi lakhe
esendaweni yakhe engcwele;
uyakuduma nokuduma phezu kwekhaya lakhe,
amemeze njengabanyathela iwayini
kubo bonke abakhileyo emhlabeni.
31Umsindo uyakufinyelela emkhawulweni womhlaba,
ngokuba uJehova uyamelana nezizwe;
uyahlulela inyama yonke,
kepha ababi uyakubanikela enkembeni,’ ” usho uJehova.
32Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:
“Bheka, okubi kuyaphuma
kwesinye isizwe kuye kwesinye,
nesivunguvungu siyavuswa emikhawulweni yomhlaba.”
33Ngalolo suku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba ngumquba ebusweni bomhlaba.
34Hhewulani nina belusi, nikhale,
nihuquzele emlotheni
nina zikhulu zomhlambi,
ngokuba seziphelele
izinsuku zenu zokuba nihlatshwe,
nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.
35Abelusi abayikuba nandawo ukubalekela kuyo,
izikhulu zomhlambi zingabi nasiphephelo.
36Yizwi lokukhala kwabelusi,
nokuhhewula kwezikhulu zomhlambi,
ngokuba uJehova uyachitha idlelo labo,
37nezibaya ezithuleyo ziqediwe
ngenxa yokufutheka kolaka oluvuthayo lukaJehova.
38Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama,
ngokuba izwe labo seliyincithakalo
ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelayo
nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.