Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 212

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 49

Isiprofetho ngeDamaseku

23NgeDamaseku.

“IHamati ne-Aripadi kujabhile,

ngokuba kuzwile imibiko emibi,

kuphela amandla.

Kuyahlupheka njengolwandle,

akunakuthula.

24IDamaseku selibuthakathaka,

liyaphenduka ukuba libaleke;

ingebhe ilibambile,

ukudabuka nosizi kulibambile

njengowesifazane obelethayo.

25Yeka ukushiywa komuzi wodumo,

umuzi wokuthokoza kwami!

26Ngalokho izinsizwa zawo

ziyakuwa ezitaladini zalo,

nawo onke amadoda empi

ayakuthuliswa ngalolo suku,” usho uJehova Sebawoti.

27“Ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseDamaseku,

uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi.”

Isiprofetho ngeKedari neHasori

28NgeKedari, nangemibuso yaseHasori ayinqobayo uNebukadinesari, inkosi yaseBabele.

Usho kanje uJehova, uthi:

“Sukani, nikhuphukele eKedari,

nichithe abantwana basempumalanga.

29Amatende abo nemihlambi yabo niyakukuthatha,

bazithuthele izilenge zabo,

nazo zonke izimpahla zabo,

namakamela abo,

bamemeze kubo, bathi:

‘Luvalo nxazonke.’

30“Balekani, nizulazulele kude,

nihlale ezigoxini

nina bakhileyo eHasori,” usho uJehova,

“ngokuba uNebukadinesari,

inkosi yaseBabele

wenze amasu ngani,

waceba amacebo ngani.

31“Sukani,

nikhuphukele kuso isizwe esizinzileyo,

esihlala ngokulondeka,” usho uJehova,

“esingenazicabha nemigoqo,

sakhe sodwa.

32Amakamela aso ayakuba yimpango,

nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa.

Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke,

bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,

ngehlisele phezu kwabo

izingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.

33“IHasori liyakuba yindawo yokuhlala kwamakhanka

nencithakalo kuze kube phakade;

akuyikuhlala muntu khona,

nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.”

Isiprofetho nge-Elamu

34Izwi elafika kuJeremiya umprofethi nge-Elamu ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngokuthi:

35Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:

“Bheka,

ngiyakwaphula umnsalo we-Elamu,

okokuqala kwamandla abo.

36Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu

imimoya emine emikhawulweni yomine yezulu,

ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya,

kungabe kusabakho sizwe

lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.

37Ngiyakwenza ukuba i-Elamu liphele amandla

ngaphambi kwezitha zalo

naphambi kwabafuna ukuphila kwabo,

ngibehlisele okubi,

ukufutheka kwentukuthelo yami,” usho uJehova,

“ngithume inkemba emva kwabo,

ngize ngibaqede.

38Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu,

ngichithe khona inkosi nezikhulu,” usho uJehova.

39“Kepha kuyakuthi ezinsukwini zokugcina

ngibuyise ukuthunjwa kwe-Elamu,” usho uJehova.

UJeremiya 50

Isiprofetho ngeBabele

1Izwi uJehova alikhuluma ngeBabele, izwe lamaKaledi, ngesandla sikaJeremiya umprofethi.

2“Memezani phakathi kwezizwe,

nikuzwakalise, nimise ibhanela,*

nikuzwakalise, ningakufihli, nithi:

‘IBabele linqotshiwe,

uBeli ujabhile,

uMerodaki uphelile amandla;

izithombe zalo zijabhile,

imifanekiso yalo iphelile amandla.’

3Ngokuba kukhuphukela kulo isizwe sivela enyakatho,

esiyakwenza izwe lalo libe yincithakalo,

kungabikho ohlala kulo;

abantu nezilwane kuyakubaleka, kuhambe.

4“Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova,

“bayakufika abantwana bakwa-Israyeli,

bona nabantwana bakwaJuda kanyekanye,

behamba bekhala,

befuna uJehova uNkulunkulu wabo.

5Bayakubuza indlela yaseSiyoni,

ubuso babo bubhekene nalo, bethi:

Wozani nizihlanganise noJehova

ngesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.

6“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo;

abelusi babo babadukisile,

babazulazulisa ezintabeni,

basuka entabeni, baya egqumeni,

bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.

7Bonke ababafumanayo babaqeda;

abamelene nabo bathi:

‘Asitholi icala;

ngokuba bonile kuJehova,

ikhaya lokulunga,

ithemba lawoyise, uJehova.’

8“Balekani eBabele,

niphume ezweni lamaKaledi,

nibe njengezimpongo phambi kwezimvu.

9Ngokuba bheka, ngiyakuvusa,

ngenyusele eBabele ibandla lezizwe ezinkulu,

livela ezweni lasenyakatho,

lizihlelele lona, linqotshwe lapho;

imicibisholo yalo iyakuba njengeyeqhawe eliphumelelayo,

elingabuyi ze.

10IKalideya liyakuba yimpango;

bonke abaliphangayo bayakusutha,” usho uJehova.

11“Noma nithokoza,

noma nijabula nina baphangi befa lami,

noma nixhuma njengesithokazi etshanini obuluhlaza,

niyiyizela njengamahhashi anamandla,

12unyoko uyakujabha kakhulu,

owangizalayo ayangaze;

bheka, uyakuba ngesokugcina sezizwe,

ihlane, nomhlabathi owomileyo, nogwadule.

13Ngenxa yentukuthelo kaJehova aliyikuhlalwa muntu,

kepha liyakuba yincithakalo lonke;

bonke abadlula eBabele bayakumangala,

bancimfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zalo.

14“Zihleleleni iBabele nxazonke

nina nonke eninsala umnsalo,

nicibishele kulo,

ninganqandi imicibisholo,

ngokuba lonile kuJehova.

15Memezani kulo nxazonke;

lizinikele, izisekelo zalo ziwile,

izingange zalo zidiliziwe,

ngokuba kuyimpindiselo kaJehova;

phindiselani kulo,

nenze kulo njengokwenza kwalo.

16Nqumani umhlwanyeli eBabele

nobamba isikela ngesikhathi sokuvuna;

ngenxa yenkemba ecindezelayo

yilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe,

yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.

17“U-Israyeli uyimvu ezingelwayo;

izingonyama zimxoshile.

Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya,

nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele,

ugedlile amathambo akhe.”

18Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:

“Bheka,

ngiyakujezisa inkosi yaseBabele nezwe layo,

njengalokho ngijezisile inkosi yase-Asiriya.

19Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe,

aklabe eKarmeli naseBashani,

umphefumulo wakhe waneliswe ezintabeni

zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.

20Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,” usho uJehova,

“kuyakufunwa ukona kuka-Israyeli,

akuyikubakho, nezono zakwaJuda,

kepha aziyikufunyanwa,

ngokuba ngiyakubathethelela

engibashiya ukuba babe yinsali.

21“Khuphukela ezweni laseMeratayimi,*

kulona nakwabakhileyo ePhekodi,*

uchithe, uqede nya emva kwabo,” usho uJehova,

wenze konke engikuyale ngakho.

22Kukhona umsindo wokulwa ezweni

nowencithakalo enkulu.

23Yeka ukunqunywa nokuchithwa kwesando somhlaba wonke,

yeka ukwenziwa kweBabele

incithakalo phakathi kwezizwe!

24Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi;

wafunyanwa, wabanjwa,

ngokuba ulwile noNkulunkulu.

25UJehova uvulile indlu yakhe yezikhali,

ukhiphile izikhali zokufutheka kwakhe,

ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti

inomsebenzi ezweni lamaKaledi.

26Lifikeleni nivele emkhawulweni,

nivule izinqolobane zalo,

nilinqwabele libe yizinqwaba,

niliqede nya, kungasali lutho kulo.

27Hlabani zonke izinkunzi zalo;

mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona!

Ngokuba usuku lwazo lufikile,

isikhathi sokuhanjelwa kwazo.

28Yizwi lababalekayo nabaphunyuka ezweni laseBabele

ukuba bamemeze eSiyoni

impindiselo kaJehova uNkulunkulu wethu,

impindiselo ngethempeli lakhe!

29“Bizani abacibishelayo,

balwe neBabele,

bonke abansala umnsalo,

nimise nxazonke zalo,

lingabi nophunyukayo,

niliphindisele njengezenzo zalo,

nenze kulo njengakho konke elikwenzileyo,

ngokuba lizikhukhumezile kuJehova, oNgcwele ka-Israyeli.

30Ngalokho izinsizwa zalo

ziyakuwa ezitaladini zalo,

nawo onke amadoda alo empi

ayakunqunywa ngalolo suku,” usho uJehova.

31“Bheka,

ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti,

“ngokuba usuku lwakho lufikile,

isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.

32Ozikhukhumezayo uyakukhubeka, awe,

angabi naye omvusayo;

ngiyakuphemba umlilo emizini yakhe,

udle konke okumzungezayo.”

33Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:

“Abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda

bacindezelwe kanyekanye;

bonke ababathumbileyo bababamba,

abavumi ukuba bahambe.

34Kepha umkhululi wabo unamandla,

nguJehova Sebawoti igama lakhe;

uyakumela nokumela indaba yabo

ukuba aphumuze umhlaba,

anyakazise abakhileyo eBabele.

35“Makufike inkemba phezu kwamaKaledi,” usho uJehova,

naphezu kwabakhileyo eBabele,

naphezu kwezikhulu zalo,

naphezu kwezihlakaniphi zalo.

36Inkemba ifike phezu kwabaprofethi bamanga,

babe yiziwula,

inkemba ifike phezu kwamaqhawe alo,

aphele amandla.

37Inkemba ifike phezu kwamahhashi alo,

naphezu kwezinqola zalo,

naphezu kwayo yonke ingxubevange yabantu

ephakathi kwalo,

babe njengabesifazane;

inkemba ifike phezu kwengcebo yalo,

ize iphangwe.

38Makufike ukusha phezu kwamanzi alo,

aze ome,

ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo,

bahlanya ngemifanekiso yabo.

39“Ngalokho izilwane zasehlane

ziyakuhlala nezimpungushe,

kuhlale khona nezintshe;

alisayikuhlalwa kuze kube phakade,

lingabe lisakhiwa izizukulwane ngezizukulwane.

40Njengalokho uNkulunkulu wachitha iSodoma neGomora

nemizi yawo eyakheleneyo,” usho uJehova,

“kanjalo akuyikuhlala muntu khona,

kungagogobali khona indodana yomuntu.

41“Bheka, kuvela abantu enyakatho,

isizwe esikhulu namakhosi amaningi,

kuvuswe ekugcineni komhlaba.

42Babamba umnsalo nomkhonto;

banonya, abanamusa;

izwi labo liduma njengolwandle;

bakhwele amahhashi,

behleliwe njengabantu abayakulwa nawe

ndodakazi yaseBabele.

43Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo,

izandla zayo zaba buthakathaka;

usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.

44Bheka,

njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani,

iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma,

ngibagijimise, basuke kuyo;

nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo,

ngokuba ngubani onjengami,

ngubani onginqumelayo,

ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”

45Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova

asinike ngeBabele namacebo

awacebe ngezwe lamaKaledi ukuthi:

Abancinyane bomhlambi bayakudonswa,

basuswe impela,

ikhaya labo limangale ngabo.

46Ngomsindo wokuthathwa kweBabele

umhlaba uyazamazama,

ukukhala kuzwakale phakathi kwezizwe.

UJeremiya 49:23-50:46ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU