Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 259

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Esteri 4

Ukudabuka kukaMoridekayi

1UMoridekayi esekwazi konke okwenziweyo, uMoridekayi waziklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yamasaka nomlotha, waphumela phakathi komuzi, wakhala ngokukhala okukhulu okumunyu; 2waya naphambi kwesango lenkosi, ngokuba kwakungekho ongangena esangweni lenkosi embethe indwangu yamasaka. 3Kuzo zonke izifunda lapho kwafika khona izwi lenkosi nomthetho wayo, kwaba khona ukulila okukhulu phakathi kwabaJuda, nokuzila ukudla nokukhala ngezinyembezi, nokulila; abaningi balala phansi bembethe izindwangu zamasaka nomlotha.

U-Esteri uyabikelwa indaba.Impendulo yakhe

4Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga. 5U-Esteri wayesebiza uHathaki wezinduna zenkosi eyayimmisile ukuba amkhonze, wamyala ukuba aye kuMoridekayi, ukuze akwazi ukuthi kuyini nokuthi kungani na?

6UHathaki wayesehamba, waya kuMoridekayi esigcawini somuzi esasiphambi kwesango lenkosi. 7UMoridekayi wamtshela konke okumehleleyo nenani lemali uHamani ayethembisile ukulikhokhela esikhwameni senkosi ngabaJuda ukuba babhujiswe. 8Wamnika futhi impinda yomthetho olotshiweyo owashaywa eShushani wokuba babhujiswe, ukuze amtshengise yona u-Esteri, amtshele ngayo, amyale ukuba angene enkosini ukunxusa kuyo, acelele abantu bakhe phambi kwayo.

9Wafika uHathaki, wamtshela u-Esteri amazwi kaMoridekayi. 10Wayesethi u-Esteri kuHathaki, wayala ukuba kuthiwe kuMoridekayi: 11Zonke izinceku zenkosi nabantu bezifunda zenkosi bayazi ukuthi bonke abesilisa nabesifazane abeza enkosini egcekeni elingaphakathi bengabizwanga, kukhona umthetho munye ngabo wokuba babulawe, ngaphandle kwalowo inkosi eyakwelulela kuye intonga yegolide ukuba aphile; kodwa mina angibizwanga ukuba ngingene enkosini ngalezi zinsuku ezingamashumi amathathu.

12Bamtshela uMoridekayi amazwi ka-Esteri. 13Wayesesho uMoridekayi ukuba babuyisele impendulo ku-Esteri ngokuthi: “Ungacabangi enhliziyweni yakho ukuthi wena uyakusinda endlini yenkosi kunabaJuda bonke. 14Ngokuba uma uthula nokuthula ngalesi sikhathi, ukukhululwa nokophulwa kwabaJuda kuyakuvela kwenye indawo, wena nendlu kayihlo nibhubhe. Ngubani okwaziyo, uma ungafikanga embusweni ngenxa yesikhathi esinjengalesi na?”

15U-Esteri wayesesho ukuba kubuyiselwe impendulo kuMoridekayi yokuthi: 16“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”

17Wayesehamba uMoridekayi, wenza njengakho konke u-Esteri amyale ngakho.

U-Esteri 5

U-Esteri wenzela inkosi noHamani idili

1Kwathi ngosuku lwesithathu u-Esteri wembatha ingubo yobukhosi, wema egcekeni elingaphakathi lendlu yenkosi malungana nendlu yenkosi; inkosi yayihlezi esihlalweni sayo sobukhosi endlini yobukhosi malungana nomnyango wendlu. 2Kwathi lapho inkosi ibona u-Esteri inkosikazi emi egcekeni, wafumana umusa emehlweni ayo; inkosi yamelulela u-Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.

3Yayisithi inkosi kuye: “Ukhala ngani, nkosikazi Esteri, na? Yini oyifunayo na? Uyakunikwa kuze kube nenxenye yombuso.”

4Wathi u-Esteri: “Uma kukuhle enkosini, inkosi noHamani mabeze namuhla edilini engiyilungisele lona.”

5Yathi inkosi: “Msheshiseni uHamani ukuba kwenziwe njengezwi lika-Esteri.” Base beya inkosi noHamani edilini alilungisileyo u-Esteri. 6Inkosi yathi ku-Esteri ngasedilini lewayini: “Isicelo sakho siyini na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.”

7Wayesephendula u-Esteri, ethi: “Isicelo sami nengikufunayo nakhu: 8Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo, makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi.”

Ukuziphakamisa nokuthukuthela kukaHamani

9UHamani waphuma khona ngalolo suku, ethokoza enenhliziyo enhle; kepha lapho uHamani embona uMoridekayi esangweni lenkosi ukuthi akasukumanga, kanyakazanga ngaye, uHamani wagcwala ulaka ngoMoridekayi. 10Kepha uHamani wazibamba, waya ekhaya; wayesethuma, walanda abangane bakhe noZereshi umkakhe. 11UHamani wabalandisa udumo lwengcebo yakhe, nobuningi babantwana bakhe, nakho konke inkosi emkhulisile kukho, nalokho emphakamisile kukho phezu kwezikhulu nezinceku zenkosi. 12UHamani wathi futhi: “U-Esteri, inkosikazi, akangenisanga muntu kanye nenkosi edilini alilungisileyo ngaphandle kwami; nakusasa mina ngimenyiwe nguye kanye nenkosi. 13Kepha konke lokho akunganelisi ngalutho kuso sonke isikhathi engilokhu ngibona ngaso uMoridekayi, umJuda, ehlezi esangweni lenkosi.”

14Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye: “Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo, besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini.” Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.

U-Esteri 6

Ukuphakanyiswa kukaMoridekayi

1Ngalobo busuku ubuthongo babaleka enkosini, yayala ukuba kulethwe incwadi yezikhumbuzo zezindaba zemihla ngemihla, zafundwa phambi kwenkosi. 2Kwafumaniseka kulotshiwe ukuthi uMoridekayi wayelandile ngoBigithani noThereshi izinduna ezimbili zenkosi, abalindisango, ukuthi babefunile ukubeka isandla enkosini u-Ahashiveroshi.

3Inkosi yathi: “Ludumo luni nobukhulu buni okwenzelwe uMoridekayi ngalokho na?”

Zase zithi izinceku zenkosi ezaziyikhonza: “Akenzelwanga lutho.”

4Yayisithi inkosi: “Ngubani osegcekeni na?” UHamani wayesand'ukungena nje egcekeni elingaphandle lendlu yenkosi ukuba akhulume enkosini ngokuphanyekwa kukaMoridekayi emthini abemlungisele wona.

5Zathi-ke izinceku zenkosi kuyo: “Bheka, uHamani umi egcekeni.”

Yathi inkosi: “Makangene.”

6Yayisithi inkosi kuye: “Umuntu inkosi ethanda ukumdumisa wenzelwani na?”

UHamani wathi enhliziyweni yakhe: “Ngubani inkosi ebiyakuthanda ukumenzela udumo ngaphandle kwami na?” 7Wayesethi enkosini: “Umuntu inkosi ethanda ukumenzela udumo 8makalethelwe isambatho sobukhosi ekade isembethe inkosi, kanye nehhashi inkosi ekade ikhwela kulo nelifakwe enhloko yalo umqhele wobukhosi; 9isambatho nehhashi makunikezwe esandleni sesinye sezikhulu ezidumileyo ukuba zimembathise lowo muntu inkosi ethanda ukumdumisa, zimkhwelise ehhashini esigcawini somuzi, zimemeze phambi kwakhe ngokuthi: ‘Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.’ ”

10Yayisithi inkosi kuHamani: “Shesha, uthathe isambatho nehhashi njengokusho kwakho, wenze njalo kuMoridekayi, umJuda, ohlezi esangweni lenkosi. Makungaphuthi lutho lwakho konke okukhulumileyo.”

11UHamani wathatha-ke isambatho nehhashi, wamembathisa uMoridekayi, wamkhwelisa esigcawini somuzi, wamemeza phambi kwakhe ngokuthi: “Uyakwenzelwa kanjalo umuntu inkosi ethanda ukumdumisa.”

12UMoridekayi wabuyela esangweni, kepha uHamani waphuthuma ekhaya ekhala, embozile ikhanda. 13UHamani walandisa uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe konke okumehleleyo. Zase zithi kuye izihlakaniphi zakhe noZereshi umkakhe: “Uma uMoridekayi oqale ukuwa phambi kwakhe engowenzalo yabaJuda, awuyikumahlula, kepha uyakuwa nokuwa phambi kwakhe.” 14Besakhuluma naye, zafika izinduna zenkosi, zashesha ukumyisa uHamani edilini u-Esteri alilungisileyo.

U-Esteri 7

Ukuwa kukaHamani

1Yafika-ke inkosi noHamani edilini lika-Esteri inkosikazi. 2Inkosi yabuye yathi ku-Esteri ngosuku lwesibili lwedili lewayini: “Isicelo sakho siyini, nkosikazi Esteri, na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.”

3Wayesephendula u-Esteri inkosikazi, ethi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini, mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami, 4ngokuba kuthengisiwe ngathi, mina nesizwe sakithi, ukuba sichithwe, sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile, ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.”

5Yayisisho inkosi u-Ahashiveroshi, ithi ku-Esteri inkosikazi: “Ngubani lo, uphi yena onesibindi sokwenza lokho na?”

6U-Esteri wathi: “Ngumuntu omelene nathi, oyisitha, uHamani lo omubi.” UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi. 7Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u-Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.

8Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi, ingene endlini yedili lewayini, uHamani wayesewele embhedeni u-Esteri ayekuwo. Yayisithi inkosi: “Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na?” Lapho liphuma leli zwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani. 9Wayesethi uHaribona, enye yezinduna ezaziphambi kwenkosi: “Bheka, umuthi okuphakama kwawo kuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, uHamani ayewenzele uMoridekayi owakhuluma kahle ngenkosi, umi endlini kaHamani.”

Inkosi yathi: “Mphanyekeni kuwo.” 10Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.

U-Esteri 4:1-7:10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU