Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 269

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJobe 31

UJobe uqinisa ukuthi ukuhamba kwakhe kwakulungile njalo

1“Ngenza isivumelwano namehlo ami:

ngingabuka kanjani intombi na?

2Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvela

kuNkulunkulu phezulu,

nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?

3Akusikho ukubhubha kwabangalungile

nengozi kwabenza okubi na?

4Yena akaboni izindlela zami,

abale izinyathelo zami zonke, na?

5“Uma ngihambile ngamanga,

nonyawo lwami luphuthume enkohlisweni,

6mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo,

ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.

7Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni,

inhliziyo yami yalandela amehlo ami,

uma kunamathela isisihla ezandleni zami,

8mangihlwanyele, kudle omunye,

yebo, zisishulwe izithelo zami.

9“Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane,

ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,

10umkami makasilele omunye,

kuguqe abanye phezu kwakhe.

11Ngokuba lokho ngabe kuyicala,

ngabe kungububi bokujeziswa.

12Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni,

kusishulwe yonke inzuzo yami.

13“Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami

noma okwencekukazi yami,

lapho bephikisana nami,

14ngiyakwenze njani,

lapho uNkulunkulu evuka,

nalapho engiphenya,

ngingaphendula ngokuthini na?

15Owangenza mina esiswini,

wabenza nabo;

owasibumba esizalweni munye.

16“Uma nginqabele abampofu abakufisayo,

ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,

17ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa,

ingaludlanga nentandane

18hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise;

kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi

19uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho,

kungekho okokuzimboza kompofu;

20uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga,

uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;

21uma ngiphakamisele intandane isandla sami,

ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,

22maliwe ihlombe lami esiphangeni,

nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.

23Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu;

ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.

24“Uma ngibeke igolide libe yithemba lami,

ngathi egolideni elihle:

‘Ngithemba wena;’

25uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu

nangokuba isandla sami sithole okuningi;

26uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula,

nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,

27kwayengwa inhliziyo yami esitha,

nomlomo wanga isandla sami,

28nalokho kwakungububi bokujeziswa,

ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.

29“Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo,

ngaxhuma lapho eficwa ngokubi

30kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lone

ngokucela ukuphila kwakhe ngesifungo

31uma abantu betende lami bengashongo ukuthi:

‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ –

32abafokazi kabalalanga phandle,

ngavulela izihambi iminyango yami –

33uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu

ngokufihla ububi bami esifubeni sami,

34ngokuba ngesaba isixuku esikhulu,

ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni,

ngaze ngathula, angaphuma emnyango –

35sengathi angaba khona ongizwayo

nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla –

ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!

36Ngangiyakuyithwala emahlombe ami,

ngiyibophe ibe ngumqhele kimi,

37ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami,

ngisondele kuye njengesikhulu.

38“Uma umhlaba wami ukhalile ngami,

nemisele yawo ililile kanyekanye;

39uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali,

ngenza ukuba bafe abaniniwo,

40makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni,

kuvele ukhula endaweni yebhali.”*

Amazwi kaJobe asephelile.

UJobe 32

U-Elihu uyaqhamuka

1Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe. 2Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu. 3Ulaka lwakhe lwavuthela nabangane bakhe abathathu, ngokuba noma bengafumananga impendulo, bamlahla nokho uJobe. 4U-Elihu wayelindele ukukhuluma kuJobe, ngokuba bona babebadala kunaye. 5Lapho u-Elihu esebona ukuthi ayikho impendulo emilonyeni yalawo madoda amathathu, lwavutha ulaka lwakhe.

6U-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi, wayesethatha-ke, wathi:

“Mina ngisemusha ngeminyaka,

nina nibadala;

ngalokho nganginamahloni,

ngesaba ukunitshela umqondo wami.

7Ngathi: ‘Makukhulume izinsuku,

ubuningi beminyaka bazise ukuhlakanipha.’

8Nokho kukhona umoya kumuntu;

ukuphefumula kukaSomandla kuyabaqondisa.

9Abakhulu abahlakaniphile,

nabadala abaqondi ukwahlulela.

10“Ngalokho ngithi: Ngizweni;

nami ngiyakusho umqondo wami.

11Bhekani, ngilindele amazwi enu,

ngabeka indlebe emiqondweni yenu,

nisaphenya eniyakukusho.

12Nganilalela nina;

bhekani, kwakungekho noyedwa owamahlula uJobe

nowaphendula amazwi akhe phakathi kwenu.

13Maningasho ukuthi:

‘Sifumene ukuhlakanipha;

uNkulunkulu angamphengulula,

hhayi umuntu.’

14Akahlelelanga mina amazwi akhe;

angiyikumphendula ngezinkulumo zenu.

15“Bayakhungatheka, abasaphenduli;

baphelelwa ngamazwi.

16Ngibalindele yini,

uma bengakhulumi, na?

Ngokuba bemi bengasaphenduli.

17Nami ngiyakuphendula okwami,

ngitshengise nami umqondo wami.

18Ngokuba ngigcwele amazwi;

umoya phakathi kwami uyangiqhubezela.

19Bhekani, okuphakathi kwami kunjengewayini elingenambobo;

kucishe ukuqhuma njengezimvaba ezintsha.

20Ngiyakukhuluma ukuba ngikhululeke;

ngiyakuvula izindebe zami ukuba ngiphendule.

21Mangingakhethi ubuso bamuntu,

ngingathophi nobani.

22Ngokuba angikwazi ukuthopha;

uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.

UJobe 33

U-Elihu ukhuza uJobe ngokusola kwakhe uNkulunkulu

1“Kepha manje, Jobe mawuzwe amazwi ami,

2Bheka-ke, sengivula umlomo wami;

ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.

3Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho;

okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.

4Umoya kaNkulunkulu ungenzile,

nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.

5Uma ukwazi, ngiphendule;

zihlele phambi kwami, ume.

6Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu:

ngibunjiwe nami ngebumba.

7Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa,

nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.

8“Impela wakhuluma ezindlebeni zami,

ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi:

9Ngimsulwa, anginasiphambeko;

ngimhlophe, akukho okubi kimi.

10Bheka, uthola amathuba ngami,

ungishaya isitha sakhe.

11Ufaka izinyawo zami ezingongolweni,

aqaphele zonke izindlela zami.

12“Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho,

ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.

13Umphikiselani ngokuthi:

Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.

14Ngokuba uNkulunkulu ukhuluma kanye,

yebo, nakabili, umuntu engakunaki.

15Ephusheni nasembonweni wasebusuku,

lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima,

bozela emacansini,

16khona uyavula izindlebe zabantu,

abeke uphawu ekufundisweni kwabo,

17ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe,

anqume ukuzidla kumuntu;

18unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni,

nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.

19Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe,

nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.

20Inhliziyo iyanengwa ngukudla,

nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.

21Inyama yakhe iyadliwa,

ingabe isabonwa;

amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.

22Umphefumulo wakhe uyasondela egodini,

nokuphila kwakhe kubabulali.

23“Uma kukhona ingelosi kuye,

nehumusha noma yiliphi enkulungwaneni

lokuba litshele umuntu okumlungeleyo,

24uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi:

‘Mkhulule ukuba angehleli egodini,

sengitholile ihlawulo,’

25inyama yakhe ibe ntsha kuneyomntwana,

abuyele emihleni yobusha bakhe,

26khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye,

abone ubuso bakhe ngokujabula,

abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.

27Usehlabelela phambi kwabantu, uthi:

‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga,

kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:

28uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini;

ngiyakubona ukukhanya ngiphila.’

29“Bhekani, konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza

kabili, yebo, kathathu kumuntu

30ukuba abuyise umphefumulo wakhe egodini,

akhanyiselwe ngokukhanya kwabaphilayo.

31Yizwa, Jobe, ungilalele;

thula, mina ngizakukhuluma.

32Uma unamazwi, ngiphendule;

khuluma, ngokuba ngifisa ukukuthethelela.

33Uma ungenawo, ngilalele wena;

thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”

UJobe 31:1-33:33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU