Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 276

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 9

Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni

18Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.” 19Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe.

20Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe. 21Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.”

22UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.

23UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo, 24wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu. 25Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana. 26Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona.

UJesu uyahawukela izimpumputhe, nesimungulu, nabantu abakhathazekileyo

27Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!”

28Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.”

29Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.” 30Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.” 31Kepha zaphuma, zamdumisa kulo lonke lelo zwe.

32Ekuphumeni kwazo, bheka, kwalethwa kuye isimungulu esinedemoni. 33Idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.”

34Kepha abaFarisi bathi: “Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.”

35UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke. 36Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi. 37Wayesethi kubafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana. 38Ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”

NgokukaMathewu 10

UJesu uthuma abaphostoli bakhe abayishumi nambili

(Mark. 3:13; 6:7; Luk. 6:12; 9:1)

1Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.

2Amagama abaphostoli abayishumi nambili yilawa: owokuqala nguSimoni othiwa uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, 3noFiliphu, noBartolomewu, noTomase, noMathewu umthelisi, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, 4noSimoni umKhanani, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.

5Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi:

“Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya; 6kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zendlu ka-Israyeli. 7Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: ‘Umbuso wezulu ususondele.’ 8Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle. 9Ningaphathi golide, nasiliva, nathusi emixhakeni yenu, 10nasikhwama sendlela, namabhantshi amabili, nazicathulo, naludondolo, ngokuba isisebenzi sifanele ukudla kwaso.

11“Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke. 12Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele. 13Uma indlu ifanele, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini. 14Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu, anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi, nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu. 15Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono ezweni laseSodoma nakwelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi. 16Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.

17“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni* abo. 18Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.

19“Kepha kuyakuthi, nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma. 20Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.

21“Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. 22Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni lowo uyakusindiswa. 23Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.

24“Umfundi kaphezu komfundisi, nenceku kayiphezu kwenkosi yayo. 25Kumanele umfundi abe njengomfundisi wakhe, nenceku ibe njengenkosi yayo. Uma bebizile umninindlu ngokuthi uBelzebule, kakhulu abendlu yakhe.

26“Ngakho-ke ningabesabi; ngokuba akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa nokufihliweyo okungayikwaziwa. 27Lokhu enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni; nalokhu enikuzwayo endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu. 28Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni. 29Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo. 30Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu. 31Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.

32“Ngalokho-ke yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, nami ngiyakumvuma phambi kukaBaba osezulwini; 33kepha lowo oyakungiphika phambi kwabantu, nami ngiyakumphika phambi kukaBaba osezulwini.

34“Ningasho ukuthi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni; angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba. 35Yebo, ngize ukuphambanisa umuntu noyise, nendodakazi nonina, nomalokazana noninazala. 36Nezitha zomuntu kuyakuba ngabendlu yakhe.

37“Othanda uyise nonina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele; 38nongathabathi isiphambano sakhe, angilandele, kangifanele. 39Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.

40“Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo. 41Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo. 42Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”

NgokukaMathewu 11

1Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili, wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo.

Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu

2Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe, 3wathi kuye: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”

4UJesu waphendula, wathi kubo: “Hambani nimlandise uJohane lokhu enikuzwayo nenikubonayo ukuthi: 5Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli; 6ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”

7Kepha sebemuka laba, uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, wathi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? 8Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe ezinothonotho na? Bhekani, abembethe ezinothonotho basezindlini zamakhosi. 9Kodwa naphumelani na? Ukubona umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. 10Nguye okulotshwe ngaye ukuthi:

“ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho

esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’

11“Ngiqinisile ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi; kepha omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye. 12Kepha kusukela emihleni kaJohane uMbhapathizi kuze kube manje umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuphanga. 13Ngokuba abaprofethi bonke nomthetho baprofetha, kwaze kwafika uJohane. 14Uma nivuma ukukwamukela, lo ungu-Eliya obezakufika. 15Onezindlebe makezwe.

16“Kepha lesi sizukulwane ngiyakusifanisa nani na? Sifana nabantwana abahlezi ezigcawini bememeza abanye bethi: 17‘Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.’

18“Ngokuba uJohane wafika engadli, engaphuzi; bathi: ‘Unedemoni.’ 19INdodana yomuntu yafika idla, iphuza; bathi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni.’ Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho.”

Ukusolwa kwemizi engaphendukanga

20Wayeseqala ukujezisa imizi okwakwenziwe kuyo iningi lemisebenzi yakhe yamandla, ngokuba ingaphendukanga, wathi: 21“Maye kuwe Korazini! Maye kuwe Betsayida! Ngokuba uma kwakwenziwe eTire naseSidoni imisebenzi yamandla eyenziwe kini, ngakube kade yaphenduka ngesaka nangomlotha. 22Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo iTire neSidoni ngosuku lokwahlulelwa kunakini. 23Nawe Kapernawume uyakuphakanyiselwa ezulwini na? Uyakwehliselwa eHayidese* ngokuba uma yayenziwe eSodoma imisebenzi yamandla eyenziwe kuwe, ngabe likhona nanamuhla. 24Kepha ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulelwa kunakuwe.”

UJesu uyamdumisa uYise, emema abahluphekileyo beze kuye

25Ngalelo hora uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo nabanokuqonda, wakwambulela izingane; 26yebo, Baba, ngokuba kwaba kuhle phambi kwakho ukuba kube njalo.

27“Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.

28“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. 29Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. 30Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”

NgokukaMathewu 9:18-11:30ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU