Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 297

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaLuka 19

UJesu ungenisa kwaZakewu

1Wangena eJeriko, wadabula khona. 2Bheka, kwakukhona indoda, igama layo linguZakewu, ingumthelisi omkhulu, icebile. 3Yayifuna ukumbona uJesu ukuthi ungubani; yahluleka ngenxa yesixuku, ngokuba yayimfushane. 4Yagijimela phambili, yakhwela emthombeni ukuba imbone, ngokuba ebezakudlula ngakhona.

5Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: “Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.” 6Washesha wehla, wamamukela ngokuthokoza.

7Kuthe bekubona, bakhonona bonke, bathi: “Uye kungenisa kwandoda eyisoni.”

8Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”

9UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama. 10Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”

Omina* abayishumi

11Kuthe ukuba bakuzwe lokho, weleka walandisa umfanekiso, ngokuba ebeseduze neJerusalema nangokuba bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane. 12Wathi-ke: “Umuntu othile wohlanga olukhulu waya ezweni elikude eyozithathela umbuso, abuye. 13Wayesebiza izinceku zakhe eziyishumi, wazinika omina* abayishumi, wathi kuzo: ‘Hwebani ngabo, ngize ngibuye.’

14“Kepha abantu bomuzi wakhe babemzonda, bathuma amanxusa emva kwakhe, bethi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’

15“Kwathi esebuyile ekuthatheni umbuso, wathi azibizelwe kuye lezo zinceku abezinike imali ukuba azi ukuthi yileyo naleyo izuzeni ngokuhweba.

16“Yavela-ke eyokuqala, yathi: ‘Nkosi, umina wakho uzuze omina abayishumi.’

17“Wathi kuyo: ‘Kuhle-ke, nceku enhle; lokhu ufunyanwe uthembekile kokuncinyane, uzakubusa phezu kwemizi eyishumi.’

18“Yafika neyesibili, yathi: ‘Umina wakho, Nkosi, uzuze omina abayisihlanu.’

19“Wathi nakuleyo: ‘Nawe yiba phezu kwemizi eyisihlanu.’

20“Kwafika nenye, yathi: ‘Nkosi, nangu umina wakho ebengimkhwezile esongwe endwangwini. 21Ngokuba bengikwesaba, lokhu ungumuntu olukhuni; uthabatha ongakubekanga, uvuna ongakuhlwanyelanga.’

22“Wathi kuyo: ‘Ngizakukwahlulela ngomlomo wakho wena nceku embi. Ubuwazi ukuba ngingumumtu olukhuni, ngithabatha engingakubekanga, ngivuna engingakuhlwanyelanga; 23awufakanga ngani imali yami ebhange,* mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngiyibizile kanye nenzalo, na?’

24“Wayesethi kwababemi khona: ‘Maphuceni umina, nimnike onawomina abayishumi.’

25“Kepha bathi kuye: ‘Nkosi, unawomina abayishumi.’

26“Ngithi kini: Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kepha ongenakho uyakwaphucwa nalokho anakho. 27Kodwa lezo zitha zami ezazingathandi ukuba ngibuse phezu kwazo, ziletheni lapha, nizibulale phambi kwami.”

28Eseshilo lokho waqhubekela phambili, wakhuphukela eJerusalema.

UJesu ungena eJerusalema

29Kwathi esondele eBetfage naseBethaniya ngasentabeni ethiwa eYeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, 30ethi: “Hambani niye emzaneni obhekene nani, nothi ukuba ningene kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungazange kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe. 31Uma umuntu enibuza ethi: ‘Nilithukululelani na?’ anothi: ‘INkosi iyalidinga.’ ”

32Ababethunyiwe bahamba-ke, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo. 33Kuthe besalithukulula ithole, abaninilo bathi kubo: “Nilithukululelani ithole na?”

34Bathi: “INkosi iyalidinga.”

35Base beliletha kuJesu; babeka izingubo zabo phezu kwethole, bamkhwelisa uJesu. 36Esahamba, babendlala izingubo zabo endleleni.

37Esesondela ekwehleleni kweNtaba Yeminqumo, isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokumdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngemisebenzi yonke yamandla esiyibonileyo, 38sithi:

“Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi,

ukuthula ezulwini nenkazimulo kweliphezulu!”

39Abanye babaFarisi besesixukwini bathi kuye: “Mfundisi, bakhuze abafundi bakho.”

40Waphendula wathi: “Ngithi kini: Uma bethula laba, amatshe azakumemeza.”

41Kwathi esondela, ewubona umuzi, wawukhalela. 42Wathi: “Sengathi nga wazi nawe ngalolu suku okokuthula. Kepha kalokhu kufihlakele emehlweni akho. 43Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke, 44zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”

Ukuhlanzwa kwethempeli

45Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo, 46wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakuba yindlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi’.”

47Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu, nababhali, nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala. 48Kodwa babengatholi ukuthi bangenzani, ngokuba abantu bonke babebambelela kuye bemuzwa.

NgokukaLuka 20

Igunya likaJesu

1Kwathi ngolunye lwezinsuku lezo esafundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, abapristi abakhulu nababhali bekanye namalunga bamvukela. 2Bakhuluma, bathi kuye: “Sitshele ukuthi lokhu ukwenza ngagunya lini, nokuba ngubani okunike leli gunya na?”

3Waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza izwi, nize ningitshele. 4Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na?”

5Bazindlisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi: ‘Anikholwanga nguye ngani na?’ 6Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ abantu bonke bazakusikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.”

7Base bephendula ukuthi abazi lapho evela khona.

8UJesu wayesethi kubo: “Nami-ke anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”

Umfanekiso wabalimi besivini

9Wayeseqala ukulandisa lo mfanekiso, ethi kubantu: “Umuntu watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, waya kwelinye izwe isikhathi eside. 10Ngenkathi efaneleyo wayesethumela inceku kubalimi ukuba bamnike ezithelweni zesivini; kepha abalimi bayishaya, bayimukisa ze. 11Waphinda wathuma enye inceku; naleyo bayishaya, bayidumaza, bayimukisa ze. 12Wayesephinda ethuma neyesithathu; nalena bayilimaza, bayiphonsa ngaphandle.

13“Khona wathi umninisivini: ‘Ngizakwenze njani na? Ngizakuthuma indodana yami ethandekayo; mhlawumbe lena bazakuyazisa.’

14“Kepha abalimi beyibona bakhulumisana bathi: ‘Lo uyindlalifa; masiyibulale ukuba ifa libe ngelethu.’ 15Bayiphonsa ngaphandle kwesivini, bayibulala; ngakho-ke umninisivini uzakwenze njani kubo na? 16Uzakuza, ababhubhise labo balimi, isivini asinike abanye.”

Bekuzwa bathi: “Qha, makungabi njalo.”

17Kepha wababheka, wathi: “Yini, pho, lokhu okulotshiweyo ukuthi:

“ ‘Itshe abalinqabayo abakhi

lona laba yinhloko yegumbi’?

18“Yilowo nalowo owayo phezu kwalelo tshe uyakuphohlozwa, kepha lowo eliyakuwela phezu kwakhe liyakumcolisa.”

Intela kaKesari

19Ababhali nabapristi bafuna ukumbamba khona lapho, kepha besaba abantu, ngokuba bazi ukuthi uwukhulumile lo mfanekiso ngabo.

20Bamqaphela, bathuma izinhloli ezizishaya abalungileyo ukuba bamhile ngezwi lakhe, baze bamkhaphele emandleni nasegunyeni lombusi wezwe. 21Bambuza-ke bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo. 22Sivunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?”

23Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo: 24“Ngiboniseni udenariyu;* unomfanekiso nombhalo kabani?”

Bathi: “OkaKesari.”

25Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”

26Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula.

Ukuvuka kwabafileyo

27Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo; 28bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. 29Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana, 30nowesibili; 31nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa; bafa bengashiyanga bantwana. 32Ukugcina wafa nomfazi. 33Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakuba ngumfazi wamuphi kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo.”

34UJesu wathi kubo: “Abantwana bale nkathi bayaganwa, bayendiswa. 35Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyo nkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa; 36ngokuba bangebuye bafe, banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka. 37Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. 38UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.”

39Abathile bababhali baphendula bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.” 40Ngokuba babengasenasibindi sokumbuza lutho.

UMesiya nemvelo yakhe

41Wayesethi kubo: “Basho kanjani ukuthi uKristu uyindodana kaDavide na? 42lokhu uDavide uqobo uthi eNcwadini yamaHubo:

“ ‘INkosi yathi eNkosini yami:

“Hlala ngakwesokunene sami,

43ngize ngibeke izitha zakho

zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’

44“Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi; pho, uyindodana yakhe kanjani na?”

45Besalalele abantu bonke, wathi kubafundi bakhe: 46“Xwayani ababhali abafuna ukuhamba bembethe izingubo ezinde, bethanda ukubingelelwa ezigcawini nokuhlala phambili emasinagogeni* nasezindaweni ezingenhla ekudleni, 47abadla izindlu zabafelokazi, bekhuleka isikhathi eside ngokuzenzisa; laba bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.”

NgokukaLuka 19:1-20:47ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU