Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 305

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzEnzo 14

Uhambo lokuqala lukaPawulu: ushumayela e-Ikoniyu

1Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki. 2Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe, babenza nhliziyombi ngakubazalwane. 3Nokho bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ibanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. 4Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli. 5Kwathi ukuba basukelwe yisidumo sabezizwe nabaJuda kanye nababusi babo sokubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe, 6bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona, 7bashumayela khona ivangeli.

UPawulu ushumayela eListra

8EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe. 9Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe, 10wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho.” Yayisigxuma, yahamba.

11Kwathi-ke izixuku zikubona lokho akwenzile uPawulu, zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.” 12UBarnaba bambiza ngokuthi uJupitheri, uPawulu ngokuthi uMerkuriyu, ngokuba kwakunguye owayehola ekukhulumeni. 13Kepha umpristi kaJupitheri othempeli lakhe liphambi komuzi waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasemasangweni, wafuna ukubahlabela ekanye nezixuku.

14Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu, baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza 15bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, 16othe ngezizukulwane ezidlulileyo wayeka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo. 17Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.” 18Bekusho lokho, baziyekisa kalukhuni izixuku ukuba zingabahlabeli.

UPawulu ushumayela e-Antiyokiya

19Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile. 20Kepha kwathi abafundi bembunganyele, wavuka, wangena emzini. Ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe.

21Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bezuzile abafundi abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya, 22baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.” 23Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo. 24Base bedabula iPhisidiya, baya ePhamfiliya. 25Sebekhulumile izwi ePherge, behlela e-Ataliya.

26Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu kulowo msebenzi asebewufezile. 27Kwathi ukuba bafike, balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa. 28Base behlala nabafundi isikhathi esingesincane.

IzEnzo 15

Umhlangano wabaphostoli eJerusalema ngomthetho kaMose

1Kwehla abathile eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.” 2Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nokuphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba. 3Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya, balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu. 4Sebefikile eJerusalema bamukelwa yibandla nabaphostoli namalunga, bakubika konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo.

5Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose.

6Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyo ndaba. 7Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe. 8UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi; 9futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa. 10Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na? 11Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.”

12Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe. 13Kepha sebethulile, uJakobe wathatha wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni. 14USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe. 15Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi:

16“ ‘Emva kwalokho ngiyakubuya,

ngiyakhe futhi indlu kaDavide ewileyo,

ngibuye ngakhe okudilikileyo kwayo,

ngiyimise,

17ukuze abaseleyo babantu kanye

nabezizwe bonke bayifune iNkosi,

elibizwe phezu kwabo igama lami,’

isho iNkosi ekwenza lokhu,

18okwaziwa kwaphakade.

19“Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu, 20kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi. 21Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni* amasabatha ngamasabatha.”

22Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane, 23baloba ngesandla sabo ngokuthi:

Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.

24Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona, 25kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu, 26abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu. 27Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo. 28Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezi zinto ezifunekayo 29zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle.

Salani kahle.

30Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi. 31Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo. 32OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa. 33Sebehlale khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo. 34Kepha kwaba kuhle kuSila ukuba asale khona. 35Kodwa oPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya, befundisa beshumayela izwi leNkosi kanye nabanye abaningi.

Ukwahlukana kukaPawulu noBarnaba

36Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” 37UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku. 38Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini. 39Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi.

Uhambo lwesibili lukaPawulu

40Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi. 41Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

IzEnzo 14:1-15:41ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU