Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 333

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KuThithu 1

Isibingelelo

1UPawulu, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Kristu ngokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu nangokokwazi iqiniso elingokokukhonza uNkulunkulu, 2ethembeni lokuphila okuphakade uNkulunkulu ongaqambi amanga akwethembisa phambi kwezikhathi zaphakade, 3kepha ngesikhathi esifaneleyo ubonakalisile izwi lakhe entshumayelweni engayiphathiswayo ngokomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu, 4kuThithu, umntanami ngempela ngokokukholwa esikuhlanganyele sonke: Makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu uMsindisi wethu.

UPawulu ukhumbuza uThithu ngomsebenzi eKrethe wokuhlela amabandla nokulwa nabafundisi bamanga

5Ngakushiya eKrethe ngenxa yalokhu ukuba uhlele okusaseleyo, umise amalunga emizini yonke, njengokuba ngakuyala, 6uma kukhona ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangenakusolwa ngokushinga nabangalaleliyo. 7Ngokuba umbonisi umelwe ukuba abe ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, ongaziqhenyi, ongesiso isififane, ongesiso isiphuzi, ongesiso isilwi, ongesiye ohahela inzuzo embi, 8kepha ophatha kahle izihambi, othanda okuhle, oqondileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibayo, 9obambelele ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso, aze abe nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlula abaphikayo. 10Ngokuba baningi abangalaleliyo abakhuluma ize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka, 11abamelwe ukuthuliswa, abachitha indlu iphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi. 12Omunye kubona, umprofethi wakubo, washo wathi:

“AbaseKrethe bangabaqambimanga njalo,

izilwane ezimbi,

iziminzi ezivilaphayo.”

13Lobo bufakazi buqinisile. Ngalokho-ke ubayalisise, ukuze baphile ekukholweni, 14benganaki izinganekwane zabaJuda nemiyalo yabantu abafulathela iqiniso. 15Kwabahlanzekileyo konke kuhlanzekile; kepha kwabangcolileyo nabangakholwayo akukho lutho oluhlanzekileyo, kodwa kungcole ingqondo yabo nonembeza wabo. 16Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.

KuThithu 2

UThithu ufanele ukukhombisa abezimo zonke ukuba bazamele ukuhamba okungcwele

1Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo 2sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni; 3kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle, 4ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo; 5babe ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.

6Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo, 7uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha, 8ukhulume okuqondileyo okungasolekiyo, ukuze omelana nathi abe namahloni, engenalutho olubi angalukhuluma ngathi.

9Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo, zikholeke ezintweni zonke, zingaphiki nkani, 10zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.

11Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; 12uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje, 13sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu 14owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.

15Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu.

KuThithu 3

Ukulalela amakhosi

1Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle, 2bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.

3Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana. 4Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, 5wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele, 6amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu, 7ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.

Xwaya izifundiso zamanga

8Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu; 9kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize. 10Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwe kanye nakabili male, 11wazi ukuthi onjalo uphambukile, uyona, ezahlulela yena.

Isigcino

12Nxa sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe, woshesha ukuza kimi eNikopholi; ngokuba nginqumile ukuthi ngizakuhlala lapho ubusika. 13UZena, ummeli, no-Apholo wobahambisa ngokunakekela, bangasweli lutho. 14Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.

15Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni.

Umusa mawube nani nonke.

KuThithu 1:1-3:15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU