Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 336

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMarku 1

Ukufika kukaJesu Kristu kuyamenyezelwa nguJohane uMbhapathizi

1Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu. 2Njengokulotshwe kumprofethi u-Isaya ukuthi:

“Bheka, ngiyasithuma isithunywa sami phambi kwakho

esiyakulungisa indlela yakho,” –

3“izwi lomemezayo ehlane, lithi:

‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde,’ ”

4kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. 5Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. 6UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle. 7Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe. 8Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.”

Ukubhapathizwa kukaJesu. Ulingwa nguSathane

9Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. 10Wanele ukukhuphuka emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. 11Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”

12Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. 13Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.

Ukubizwa kwabafundi

14Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, 15wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”

16Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi. 17UJesu wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” 18Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.

19Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha. 20Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.

21Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. 22Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.

Ukuphulukiswa kweziguli

23Kwakukhona-ke esinagogeni* umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza, 24wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

25UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” 26Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.

27Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.” 28Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.

29Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. 30Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye. 31Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza.

32Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni. 33Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. 34Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi.

35Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona. 36USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma. 37Sebemfumene bathi kuye: “Bonke bayakufuna.”

38Wathi kubo: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.” 39Wahamba eshumayela emasinagogeni* abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni.

UJesu uphilisa umuntu onochoko

40Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda, ungangihlambulula.”

41UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.” 42Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka.

43Esemyalisisile washesha wammukisa, 44wathi kuye: “Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.” 45Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.

NgokukaMarku 2

UJesu uphilisa umuntu ofe uhlangothi. Ukubizwa kukaLevi

(Math. 9:1; Luk. 5:17)

1Wabuye wangena eKapernawume emva kwezinsuku ezithile; kwezwakala ukuthi usendlini. 2Kwase kubuthana abaningi, akwabe kusabakho ndawo nangasemnyango; wakhuluma izwi kubo. 3Beza kuye bethwele umuntu ofe uhlangothi, ephethwe ngabantu abane. 4Bengenakusondela kuye ngenxa yesixuku baqaqa uphahla lapho ekhona, bathi sebebhobozile behlisa uhlaka alele kulo ofe uhlangothi. 5UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Ndodana, uthethelelwe izono zakho.”

6Kepha kwakukhona ababhali abathile behlezi khona, bezindla ezinhliziyweni zabo ngokuthi: 7“Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?”

8UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na? 9Yikuphi okulula ukuthi kofe uhlangothi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe,’ na? 10Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono” – wathi kofe uhlangothi – 11“ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.” 12Wayesevuka, wathatha masinyane uhlaka lwakhe, waphuma phambi kwabo bonke, baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Asizange sikubone okunje.”

13Waphuma futhi, waya ngaselwandle; isixuku sonke sabantu seza kuye, wabafundisa. 14Wathi edlula, wambona uLevi ka-Alfewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela.

15Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela. 16Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?”

17UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”

Ukuzila ukudla

(Math. 9:14; 12:1; Luk. 5:33)

18Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla; beza bathi kuye: “Yini ukuba abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bazile ukudla, kodwa abafundi bakho bangazili na?”

19UJesu wathi kubo: “Abayeni bangazila yini, umyeni esenabo na? Bese naye umyeni bangezile. 20Kodwa zizakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila ngalolo suku. 21Akakho othungela isiziba esingakashukeki engutsheni endala, funa okusha okubekelwayo kuklebhule kwendala, kwande ukuklebhuka. 22Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa iwayini liqhumise izimvaba, lichitheke iwayini, nezimvaba zonakale; kodwa iwayini elisha lithelwa ezimvabeni ezintsha.”

UJesu uchachisa umyalelo wesabatha

(Math. 12:1; Luk. 6:1)

23Kwathi edabula amasimu ngesabatha, abafundi bakhe baqala ukukha izikhwebu behamba. 24Base bethi kuye abaFarisi: “Bheka, bakwenzelani ngesabatha okungavunyelwe na?”

25Wathi kubo: “Anizange nifunde yini akwenzayo uDavide mhla eswele, elambile yena nababe naye 26ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu enkathini ka-Abiyathara umpristi omkhulu, wadla izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wanika nababe naye, na?”

27Wayesethi kubo: “Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu akenzelwanga isabatha. 28Ngokunjalo iNdodana yomuntu iyinkosi neyesabatha.”

NgokukaMarku 3

UJesu uphilisa ngesabatha

1Khona wabuye wangena esinagogeni.* Kwakukhona lapho umuntu onesandla esishwabeneyo. 2Bamqaphela ukuba uzakumphilisa yini ngesabatha, ukuze bambeke icala. 3Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.”

4Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala na?” Kepha bathula.

5Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe. 6AbaFarisi base bephuma masinyane bacebisana ngaye nabakaHerode ukuthi bangambhubhisa kanjani.

7UJesu wasuka kanye nabafundi bakhe, waya ngaselwandle; isixuku esikhulu samlandela sivela eGalile, naseJudiya, 8naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye. 9Wayeseyala abafundi bakhe ukuba isikebhe simlindele ngenxa yesixuku sabantu, ukuze bangamcindezeli, 10ngokuba wayephulukisa abaningi, kwaze kwathi bonke abanezifo bawela phezu kwakhe ukuba bamnamathe. 11Nawomoya abangcolileyo bathi ukuba bambone, bawa phansi phambi kwakhe, bamemeza bathi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” 12Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi.

Ukukhethwa kwabaphostoli

13Wayesenyukela entabeni, wabizela kuye abebafuna yena; beza kuye. 14Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela, 15babe namandla okukhipha amademoni. 16Wayesemisa laba abayishumi nambili: uSimoni owamqamba igama lokuthi uPetru, 17noJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo kaJakobe; laba wabaqamba igama lokuthi oBowanergesi okungukuthi amadodana okuduma; 18no-Andreya, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noThadewu, noSimoni umKhanani, 19noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.

Isono sokuhlambalaza

20Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa. 21Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.

22Nababhali abehla bevela eJerusalema bathi: “UnoBelzebule, ukhipha amademoni ngombusi wamademoni.”

23Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: “USathane angakhipha kanjani uSathane na? 24Uma umbuso wahlukene wodwa, lowo mbuso ungeme. 25Nendlu, uma yahlukene yodwa, leyo ndlu ayizukuma. 26NoSathane, uma ezivukela yena, ahlukane, akanakuma, kepha uyaphela. 27Yebo, akakho ongangena endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso. 28Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bayakuthethelelwa izono zonke nokuhlambalaza noma kungakanani abangahlambalaza ngakho, 29kepha lowo ohlambalaza uMoya oNgcwele kanakuthethelelwa naphakade, kodwa unecala lesono esingapheliyo.” 30Ngokuba bathi unomoya ongcolileyo.

Izihlobo eziyizo zikaJesu

31Kwase kufika unina nabafowabo, bema ngaphandle, bathumela kuye bembiza. 32Isixuku sabantu sasimphahlile; bathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu nawodadewenu bangaphandle bekufuna.”

33Wabaphendula wathi: “Ngubani umame nabafowethu na?”

34Waqalaza ebuka ababehlezi bemphahlile, wathi: “Bhekani, nangu umame nabafowethu. 35Ngokuba owenza intando kaNkulunkulu nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

NgokukaMarku 1:1-3:35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU