Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 337

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMarku 4

Umfanekiso womhlwanyeli nowembewu ezimilelayo noweyesinaphi

1Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle. Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu, waze wangena emkhunjini, wahlala elwandle; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle. 2Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe: 3“Lalelani; bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. 4Kwathi ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. 5Enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. 6Kwathi ukuba liphume ilanga, yahamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. 7Enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa, ayaze yathela isithelo. 8Enye yawela emhlabathini omuhle; yahluma, yakhula, yathela isithelo, yaveza ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.”

9Wayesethi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”

10Lapho esengasesitha, ababe naye kanye nabayishumi nambili bambuza ngale mifanekiso. 11Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso, 12ukuze ngokubona babone, bangabonisisi, nangokuzwa bezwe, bangaqondi, funa baphenduke, bathethelelwe.”

13Wayesethi kubo: “Aniwazi lo mfanekiso; pho, niyakuyazi kanjani yonke imifanekiso na? 14Umhlwanyeli uhlwanyela izwi. 15Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi, nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo. 16Kanjalo abahlwanyelwe edwaleni yilabo abathi sebelizwile izwi, balamukele masinyane ngokuthokoza; 17kepha kabanampande phakathi kwabo, kodwa bahlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, bakhubeke masinyane. 18Abanye bangabahlwanyelwe emeveni; yibo abalizwile izwi, 19kepha iminako yalesi sikhathi, nokukhohlisa kwengcebo, nokunxanela ezinye izinto kungena kuliminyanise izwi, libe ngelingatheliyo. 20Nabahlwanyelwe emhlabathini omuhle yilabo abalizwa izwi, balamukele, bathele isithelo ngamashumi amathathu, nangamashumi ayisithupha, nangekhulu.”

21Wayesethi kubo: “Imbala isibani siza ukuba sibekwe phansi kwesitsha nokuba phansi kombhede yini, singabekwa othini, na? 22Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlalukiswa; akukho okuyisifuba okungayikuba sobala. 23Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”

24Wayesethi kubo: “Qaphelani enikuzwayo; ngaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina. 25Ngokuba onakho uyakuphiwa; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.”

26Wayesethi: “Unjalo umbuso kaNkulunkulu; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini, 27alale, avuke ubusuku nemini, imibewu imile, ikhule, engazi ukuthi kanjani. 28Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo, kuqala ikhaba, khona isikhwebu, besekuba yizinhlamvu ezipheleleyo esikhwetshini. 29Nxa sesivuthiwe isithelo, afake masinyane isikela, ngokuba ukuvuna sekufikile.”

30Wathi futhi: “Siyakuwufanisa nani umbuso kaNkulunkulu? Siyakuwuchaza ngamfanekiso muni na? 31Unjengenhlamvu yesinaphi ethi, nxa ihlwanyelwe emhlabathini, incinyane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni, 32kodwa nxa isihlwanyelwe imila ibe nkulu kunazo zonke izilimo, ixhante amagatsha amakhulu, ukuze izinyoni zezulu zakhele emthunzini wawo.”

33Walikhuluma izwi kubo ngemifanekiso eminingi enjalo njengamandla abo okuzwa; 34kodwa ngaphandle komfanekiso kakhulumanga kubo; kepha sebebodwa wabachasisela abafundi bakhe konke.

Ukuthuliswa kwesivunguvungu

35Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya.” 36Base bemukisa isixuku, bahamba naye, njengalokho ebesemkhunjini; kwakukhona neminye imikhumbi ihambisana naye. 37Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya, amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala. 38Kepha yena wayengasemuva emkhunjini elele esicamelweni; bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, awunaki, nakuba sibhubha, na?”

39Wayesevuka, wakhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Kwanqamuka umoya, kwaba khona ukuthula okukhulu.

40Wathi kubo: “Yini ukuba nesabe kangaka na? Yini ukuba ningabi nakukholwa na?”

41Besaba ngokwesaba okukhulu, bathi omunye komunye: “Kanti lo ungubani, lokhu nomoya nolwandle kuyamlalela?”

NgokukaMarku 5

Ukukhishwa kwamademoni

1Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa. 2Esephume emkhunjini, kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo. 3Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga; 4ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga, kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe, kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa. 5Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe.

6Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye; 7wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.” 8Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.”

9Wayesembuza ethi: “Ngubani igama lakho?”

Wathi kuye: “NginguLegiyona* igama lami, ngokuba sibaningi.” 10Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe.

11Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile. 12Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.” 13Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.

14Ababezalusa babaleka, baya babika emzini nasemaphandleni; base beza ukuyobona okwenzekileyo. 15Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe, esangulukile, yena owayenelegiyona;* base besaba. 16Ababekubonile babatshela ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni, nangezingulube. 17Base beqala ukumncenga ukuba amuke ezweni lakubo.

18Wathi ukuba angene emkhunjini, lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye. 19Akamvumelanga, kepha wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.” 20Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke.

Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni

21Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle. 22Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge,* nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe, 23wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.” 24Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela.

25Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili, 26ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka, 27esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe, 28ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” 29Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.

30Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”

31Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ”

32Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho. 33Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. 34Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”

35Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge,* bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?”

36Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge*: “Ungesabi, kholwa kuphela.”

37Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe. 38Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge,* wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu. 39Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.” 40Bamhleka usulu.

Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana. 41Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!” 42Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu. 43Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla.

NgokukaMarku 4:1-5:43ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU