Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 346

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KumaHeberu 9

Umsebenzi wobupristi wesivumelano esidala

1Kepha nesivumelwano sokuqala kambe sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni. 2Ngokuba kwakhiwa itabernakele* lokuqala okwakukhona kulo uthi lwezibani, netafula, nezinkwa zokubukwa, okuthiwa elingcwele; 3ngasemva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele* elithiwa elingcwelengcwele, 4eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana*, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano; 5phezu kwawo kwakukhona amakherubi* enkazimulo engamele isihlalo somusa, okungenakukhulunywa ngakho ngakunye manje.

6Kepha lezo zinto zilungisiwe ngokunjalo, abapristi bangena njalo etabernakele* lokuqala befeza izinkonzo, 7kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu, 8uMoya oNgcwele etshengisa lokhu ukuthi ayikabonakaliswa indlela eya endaweni engcwele, lisemi itabernakele* lokuqala, 9elona lingumfanekiso kulesi sikhathi samanje, okulethwa ngawo iminikelo nemihlatshelo engenakumenza okhonzayo aphelele maqondana nonembeza, 10kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.

Umsebenzi kaKristu wobupristi obukhulu

11Kepha lokhu uKristu esefikile, engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele* elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa, 12wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade. 13Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama, 14kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.

UKristu ungumlamuleli wesivumelwano esisha ngegazi lakhe

15Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha, kuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo.

16Ngokuba lapho kukhona itestamente*, kufuneka ukuba kubikwe ukufa kowalenzayo; 17ngokuba itestamente* lisebenza sekufiwe, ngokuba alize lingaba namandla esekhona owalenzayo. 18Ngalokho-ke isivumelwano sokuqala asimiswanga ngaphandle kwegazi. 19Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi*, wafafaza incwadi nabantu bonke, 20ethi: “Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu.” 21Netabernakele* futhi, nezitsha zonke zenkonzo wakufafaza kanjalo ngegazi. 22Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.

23Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena. 24Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu, 25kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi, njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka, ephethe igazi elingesilo elakhe; 26uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe. 27Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa, 28kunjalo noKristu, esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo, kube ngukusindiswa.

KumaHeberu 10

Inkonzo yobupristi endala nentsha

1Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo; 2uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono. 3Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka; 4ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.

5Ngalokho-ke esefika ezweni uthi:

“Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga,

kodwa ungilungisele umzimba.

6Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo

ngenxa yesono awuyithokozelanga.

7Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza –

emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami –

ukuba ngiyenze, Nkulunkulu,

intando yakho.’ ”

8Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho, 9ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili. 10Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.

11Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono; 12kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu, 13usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe. 14Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.

15Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina, ngokuba emva kokusho kwakhe ukuthi:

16“Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo,

emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi:

Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo,

ngiyilobe engqondweni yabo,

17nezono zabo nobubi babo

angisoze ngakukhumbula futhi.”

18Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.

Umyalo wokukholwa nokuthembeka

19Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu 20ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe, 21sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, 22masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo; 23masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo; 24masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle, 25singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

26Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono, 27kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani. 28Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lawofakazi ababili noma bebathathu; 29pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na? 30Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, yimina engiyakubuyisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubahlulela abantu bayo.” 31Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.

32Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko, 33kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko, kokunye ngokuba ngabahlanganyeli nababephathwa kanjalo. 34Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.

35Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu. 36Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso. 37Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala; 38kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye. 39Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

KumaHeberu 9:1-10:39ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU