Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 352

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaJohane 6

UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu

1Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. 2Samlandela isixuku esikhulu, ngokuba babebona izibonakaliso azenzayo kwabagulayo. 3UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. 4Laliseduze iPhasika, umkhosi wabaJuda.

5Kuthe uJesu ephakamisa amehlo, wabona ukuthi isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: “Sizakuzithengaphi izinkwa ukuba badle laba na?” 6Washo njalo emvivinya, ngokuba yena wayekwazi azakukwenza.

7UFiliphu wamphendula wathi: “Izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili zingebanele, kube yilowo nalowo athole ingcosana.”

8Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: 9“Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali* eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; kepha kuyini lokho kwabaningi kangaka na?”

10UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu.” Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala phansi-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwame eziyisihlanu. 11UJesu wazithabatha izinkwa, wabonga, wayesezabela ababehlezi phansi, kanjalo futhi nezinhlanzana, njengokuthanda kwabo.

12Kuthe sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: “Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho.” 13Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili ngemvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali* eyasala kwabadlileyo.

14Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.” 15Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.

UJesu uhamba phezu kolwandle

16Sekuhlwa abafundi bakhe bewukela elwandle, 17bangena emkhunjini, bawela ulwandle beya eKapernawume. Kwase kuhlwile, uJesu wayengakafiki kubo. 18Kwavunguza umoya omkhulu, lwavuka ulwandle. 19Khona sebegwedlile kungathi amastadiyu* angamashumi amabili nanhlanu noma amashumi amathathu, babona uJesu ehamba phezu kolwandle, esondela emkhunjini; bethuka. 20Kepha wathi kubo: “Yimina, ningesabi.” 21Khona bafuna ukumngenisa emkhunjini, umkhumbi wawusufika masinyane ezweni ababeya kulo.

Isinkwa sokuphila

22Ngangomuso isixuku esasingaphesheya kolwandle sabona kungekho omunye umkhunjana khona, sazi ukuthi ubumunye nje nokuthi uJesu wayengangenanga emkhunjini kanye nabafundi bakhe, kepha ukuthi abafundi bakhe babewele bodwa, 23kodwa eminye imikhunjana evela eTiberiya yafika eduze nendawo lapho badla khona isinkwa, iNkosi ibongile; 24isixuku sathi ukubona ukuthi uJesu akakho lapho nabafundi bakhe, sangena emikhunjaneni, naso saya eKapernawume sifuna uJesu.

25Kwathi ukuba bamfumane phesheya kolwandle, bathi: “Rabi, ufike nini lapha na?”

26UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha. 27Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”

28Bathi-ke kuye: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?”

29Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”

30Ngakho bathi kuye: “Pho, wenza sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na? 31Okhokho bethu badla imana* ehlane njengokulotshiweyo ukuthi: ‘Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ”

32UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. 33Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.”

34Khona bathi kuye: “Nkosi, siphe njalonjalo leso sinkwa.”

35UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. 36Kepha ngithe kini: Ningibonile, nokho anikholwa. 37Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle. 38Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo. 39Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. 40Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; ngiyakumvusa mina ngomuhla wokuphela.”

41Khona abaJuda bakhonona ngaye, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.” 42Bathi-ke: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”

43UJesu waphendula, wathi kubo: “Ningakhononi phakathi kwenu. 44Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. 45Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi. 46Akusikho ukuthi ukhona oke wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba. 47Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade. 48Mina ngiyisinkwa sokuphila. 49Okhokho benu badla imana* ehlane, bafa. 50Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi. 51Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade; futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”

52Base bephikisana bodwa abaJuda, bethi: “Lo angasinika kanjani inyama yakhe, siyidle, na?”

53Khona uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila phakathi kwenu. 54Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; mina ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. 55Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami lingukuphuza isibili. 56Odla inyama yami, aphuze igazi lami, uhlala kimi, nami kuye. 57Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami. 58Lesi siyisinkwa esehle ezulwini, kungenjengalokho okhokho benu badla imana,* bafa; osidlayo lesi sinkwa uyakuphila phakade.” 59Lokho wakukhuluma esinagogeni* efundisa eKapernawume.

60Ngakho-ke abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongalizwa na?”

61Kepha uJesu azi phakathi kwakhe ukuthi abafundi bakhe bayakhonona ngalokho, wathi: “Lokhu kuyanicunula na? 62Pho, uma nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yayikhona kuqala, niyakuthini na? 63NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila. 64Kepha bakhona abanye phakathi kwenu abangakholwa. Ngokuba uJesu wazi kwasekuqaleni ukuba ngobani abangakholwa nokuba ngubani ozakumkhaphela.” 65Wayesethi: “Kungenxa yalokho ngithe kini: Akakho ongeza kimi uma engakuphiwe nguBaba.”

Isivumo sikaPetru

66Emva kwalokho abaningi babafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.

67Ngakho uJesu wathi kwabayishumi nambili: “Nani nithanda ukumuka na?”

68USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe. 69Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

70UJesu wabaphendula wathi: “Mina anginikhethanga nina abayishumi nambili na? Kepha omunye kini ungusathane.” 71Wayekhuluma ngoJuda Iskariyothe kaSimoni, ngokuba nguye obezakumkhaphela engomunye wabayishumi nambili.

NgokukaJohane 7

UJesu ukhuphukela eJerusalema ngomkhosi wamadokodo

1Emva kwalokho uJesu wahamba eGalile, ngokuba wayengathandi ukuhamba eJudiya, lokhu abaJuda bebefuna ukumbulala. 2Kwase kusondele umkhosi wabaJuda, owamadokodo. 3Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo. 4Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, efuna yena uqobo lwakhe abe sobala. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise wena kulo izwe.” 5Ngokuba nabafowabo babengakholwa nguye.

6Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, isikhathi senu silungile njalo. 7Izwe lingenizonde nina, kepha mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi. 8Yenyukani nina, niye emkhosini; mina angenyukeli manje kulo mkhosi; ngokuba esami isikhathi asikapheleli.” 9Eseshilo lokho kubo wahlala eGalile.

10Sebenyukele emkhosini abafowabo, naye-ke wenyuka, kungesobala kepha kungathi kungasese. 11Khona abaJuda bamfuna emkhosini, bathi: “Uphi yena na?”

12Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.” 13Nokho kwakungekho muntu owakhuluma obala ngaye ngokwesaba abaJuda.

Imfundiso ngoMesiya

14Kuthe sekuphakathi komkhosi, uJesu wenyukela ethempelini, wafundisa. 15Ngakho abaJuda bamangala bathi: “Lona uyazi kanjani imibhalo engafundanga na?”

16Khona uJesu wabaphendula wathi: “Imfundiso yami akusiyo eyami kodwa ngeyongithumileyo. 17Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzakwazi ngemfundiso noma ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami. 18Okhuluma ngokwakhe ufuna udumo lwakhe; kepha ofuna udumo lomthumileyo lowo uqinisile; akukho ukungalungi kuye. 19UMose kaninikanga yini umthetho na? Nokho akakho kini ogcina umthetho. Nifunelani ukungibulala na?”

20Isixuku saphendula sathi: “Unedemoni wena; ngubani ofuna ukukubulala na?”

21UJesu waphendula, wathi kubo: “Munye umsebenzi engiwenzile, niyamangala nonke. 22Ngokuba uMose uninikile ukusoka – kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho – niyamsoka umuntu nangesabatha. 23Uma umuntu amukela ukusoka ngesabatha ukuze kungeqiwa umthetho kaMose, pho, ningithukuthelela ngokuba ngaphulukisa umuntu ngokuphelele ngesabatha na? 24Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”

25Base bethi abanye kwabaseJerusalema: “Lo akusiye yini abafuna ukumbulala na? 26Bheka, ukhuluma obala, kabasho lutho kuye. Kungaba ngukuthi ababusi sebazi isibili ukuthi lo unguKristu na? 27Kodwa lo siyamazi lapho evela khona; kepha uKristu, nxa efika, akakho owazi lapho evela khona.”

28Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina. 29Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.”

30Ngakho bafuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki. 31Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”

NgokukaJohane 6:1-7:31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU