Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 355

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaJohane 11

Umphakathi unquma ukumbulala uJesu

45Khona abaningi kubaJuda ababezile kuMariya bebona abekwenzile, bakholwa nguye. 46Kepha abanye babo baya kubaFarisi, babatshela abekwenzile uJesu. 47Ngalokho abapristi abakhulu nabaFarisi base bemema umphakathi, bathi: “Siyakwenze njani na? Lo muntu wenza izibonakaliso eziningi; 48uma simyeka njalo, bazakukholwa nguye bonke; amaRoma ayakufika, asamuke indawo nesizwe.”

49Kepha othile wabo, uKayafase, engumpristi omkhulu walowo mnyaka, wathi kubo: “Anazi lutho nina; 50aniqondi futhi ukuthi kunilungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu, isizwe sonke singabhubhi.”

51Lokho kakushongo ngokwakhe, kodwa engumpristi omkhulu walowo mnyaka waprofetha ukuba uJesu wayezakufa ngenxa yesizwe; 52kungengenxa yesizwe kuphela, kepha ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye. 53Kusukela kulolo suku baceba ukuba bambulale.

54Ngakho uJesu kabuyange esahamba obala phakathi kwabaJuda, kepha wamuka lapho, waya ezweni eliseduze nehlane emzini othiwa i-Efrayimi; wahlala khona nabafundi bakhe.

55Lase liseduze iPhasika labaJuda; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule. 56Ngakho bamfuna uJesu, bexoxa bemi ethempelini, bethi: “Nithini na? Akayikuza nempela emkhosini na?” 57Abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.

NgokukaJohane 12

UJesu ugcotshwa eBethaniya

(Math. 26:6; Mark. 14:3)

1Ngakho kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo. 2Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye. 3UMariya wayesethatha ilitra* lamafutha enadi* lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha.

4Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi: 5“Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu* abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?” 6Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.

7Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami. 8Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”

9Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo. 10Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru, 11ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu.

UJesu ungena eJerusalema

(Math. 21:1; Mark. 11:1; Luk. 19:29)

12Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema, 13bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi:

“Hosiyana!

Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi,

yebo, iNkosi ka-Israyeli.”

14UJesu esefumene imbongolo entsha wakhwela kuyo njengokulotshiwe ukuthi:

15“Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni;

bheka, iNkosi yakho iza,

ikhwele etholeni lembongolo.”

16Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye.

17Ngakho safakaza isixuku esasinaye, lapho ebiza uLazaru aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo. 18Ngenxa yalokho isixuku saya samhlangabeza, ngokuba sase sizwile ukuthi wayesenzile leso sibonakaliso. 19Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona ukuthi anisizi lutho; bheka, izwe lonke liyamlandela.”

UJesu ukhuluma ngokufa kwakhe

20Kwakukhona amaGreki athile phakathi kwababenyuka ukuba bakhuleke emkhosini. 21Lawo-ke aya kuFiliphu waseBetsayida laseGalile, acela kuye, athi: “Nkosi, sithanda ukubona uJesu.” 22UFiliphu weza wamtshela u-Andreya. Weza u-Andreya noFiliphu, basho kuJesu.

23UJesu waphendula, wathi kubo: “Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu. 24Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi. 25Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade. 26Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.

27“Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu. 28Baba, khazimulisa igama lakho.”

Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.” 29Ngakho abantu ababemi bezwa bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.”

30UJesu waphendula wathi: “Leli zwi alizanga ngenxa yami kepha ngenxa yenu. 31Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa. 32Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.” 33Lokho-ke wakusho efanekisa ukufa okumfanele afe ngakho.

34Ngakho isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”

35Wayesethi kubo uJesu: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini. Hambani nise nokukhanya, ukuze ubumnyama bunganehleli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi. 36Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya.” Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo.

Ukwahlulelwa kwabaJuda ngokungakholwa kwabo

37Kepha noma ebezenzile izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, abakholwanga nguye 38ukuba izwi lika-Isaya umprofethi ligcwaliseke, alikhuluma lokuthi:

“Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na?

Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?”

39Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi:

40“Uphuphuthekisile amehlo abo,

wayenza lukhuni inhliziyo yabo,

funa babone ngamehlo,

baqonde ngenhliziyo,

baphenduke, ngibaphulukise.”

41U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.

42Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;* 43ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

44Khona uJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo. 45Obona mina ubona ongithumileyo. 46Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.

47“Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi, lowo angimahluleli mina, ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe. 48Ongalayo engawamukeli amazwi ami unomahlulelayo; izwi engalikhulumayo yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina. 49Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni. 50Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.”

NgokukaJohane 13

Isidlo sokugcina sikaJesu nabafundi bakhe

1Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.

2Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele, 3uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, 4wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica. 5Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.

6Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?”

7UJesu waphendula, wathi kuye: “Lokhu engikwenzayo awukwazi manje, kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.”

8UPetru wathi kuye: “Awusoze wageza izinyawo zami naphakade.”

UJesu waphendula wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”

9USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.”

10UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.” 11Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: “Anigezekile nonke.”

12Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe, wabuye wahlala, wathi kubo: “Niyakwazi yini engikwenzile kini na? 13Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho. 14Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo. 15Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini. 16Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo. 17Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.

18“Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi:

“ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’

19“Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki ukuba, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye. 20Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.”

NgokukaJohane 11:45-13:20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU