Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 356

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaJohane 13

UJesu ukhuluma ngokukhashelwa kwakhe

21UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.”

22Abafundi babhekana bengabaza ukuthi ukhuluma ngobani. 23Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu. 24USimoni Petru wayesemqhweba ethi: “Yisho ukuthi ubekhuluma ngobani na?”

25Yena encike esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani na?”

26Ngakho waphendula uJesu, wathi: “Yilowo engiyakumcwilisela ucezu, ngimnike lona.” Eselucwilisile-ke ucezu, walunika uJuda Iskariyothe. 27Emva kocezu uSathane wayesengena kuye. Wayesethi kuye uJesu: “Okwenzayo kwenze masinyane.” 28Kepha akabakho kwababehlezi ekudleni owayekwazi lokho ukuthi ukusho ngani kuye. 29Kepha abanye bacabanga ukuthi, ngokuba uJuda ephethe isikhwama, uJesu uthi kuye: “Thenga esikuswele emkhosini,” noma ukuthi kabele abampofu okuthile. 30Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku.

Ukukhazimuliswa kukaJesu; umyalo wokuthandana; uJesu uthi uzophikwa nguPetru

31Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo. 32Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane.

33“Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje.

34“Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane. 35Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”

36USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na?”

UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.”

37Wathi kuye uPetru: “Nkosi, ngingekulandele kalokhu ngani na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.”

38UJesu waphendula wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude alizukukhala, ungakangiphiki kathathu.”

NgokukaJohane 14

Inkulumo yokuvalelisa kukaJesu

1“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. 2Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. 3Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani. 4Nalapho ngiya khona niyayazi indlela.”

5UTomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona; siyazi kanjani indlela na?”

6UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. 7Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.”

8UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.”

9UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na? 10Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. 11Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi. 12Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba. 13Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. 14Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza.

15“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami. 16Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, 17uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini. 18Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini. 19Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. 20Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. 21Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”

22UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithina, ungazibonakalisi kulo izwe, na?”

23UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye. 24Ongangithandiyo kagcini amazwi ami, nezwi enilizwayo akusilo elami kepha ngelikaBaba ongithumileyo.

25“Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani. 26Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona. 27Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

28“Nizwile ukuthi nganitshela ngathi: Ngiyamuka, kepha ngiyabuyela kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami. 29Manje senginitshelile kungakenzeki, ukuze nikholwe, nxa sekwenzekile. 30Angisayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi wezwe, kepha akanalutho kimi, 31kodwa kungukuba izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba nokuthi ngenza njengokuba uBaba engiyalile.

“Sukumani simuke lapha.

NgokukaJohane 15

Umvini namagatsha

1“Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi. 2Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu. 3Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina. 4Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.

5“Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. 6Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe. 7Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. 8UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.

9“Njengalokho uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. 10Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe. 11Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.

Umyalo wokuthandana

12“Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile. 13Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe. 14Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho. 15Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona. 16Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona. 17Nginiyala ngalezo zinto, ukuze nithandane.

Inzondo yezwe

18“Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. 19Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda. 20Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi: ‘Inceku ayinkulu kunenkosi yayo.’ Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begcina izwi lami, nelenu bayakuligcina. 21Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo. 22Uma bengingafikile, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; kepha kalokhu kabanazaba ngesono sabo. 23Ozonda mina uzonda noBaba. 24Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba. 25Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’

26“Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami. 27Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.

NgokukaJohane 16

Isigcino senkulumo kaJesu. Ukuhlupheka okuzayo

1“Lokho ngikukhulume kini ukuba ningakhubeki. 2Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu. 3Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami; 4kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.

Umsebenzi kaMoya oNgcwele

5“Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’ 6Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi. 7Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. 8Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela: 9ngesono, ngokuba bengakholwa yimi; 10ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; 11ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe.

12“Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje. 13Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. 14Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. 15Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.

Ukumuka nokubuya kukaJesu

16“Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.”

17Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: “Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba,’ na?” 18Bathi: “Kuyini lokho akushoyo ukuthi: ‘Yisikhashana,’ na? Asazi ukuba uthini.”

19UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube yisikhashana ningibone,’ na? 20Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza. 21Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni. 22Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona. 23Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. 24Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.

25“Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala. 26Ngalelo langa niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba; 27ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu. 28Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”

29Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso. 30Kalokhu siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.”

31UJesu waphendula wathi: “Seniyakholwa manje na? 32Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.

33“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”

NgokukaJohane 13:21-16:33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.5
SITHOLE KU