Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 362

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IsAmbulo 4

UJohane ubona ngombono isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu ezulwini

1Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, umnyango uvulekile ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo linjengelecilongo likhuluma nami, lithi: “Yenyukela lapha, ngikutshengise okumelwe ukuba kube khona emva kwalokhu.” 2Masinyane ngaba kuMoya. Bheka, isihlalo sobukhosi sasimi ezulwini nohlezi phezu kwesihlalo sobukhosi; 3nohleziyo wayefana netshe lejaspi* nesardiyu* ukubukeka kwakhe, nothingo lwenkosikazi luhaqe isihlalo sobukhosi lufana nesimaragidu* ukubukeka kwalo. 4Nesihlalo sobukhosi sasihaqiwe yizihlalo zobukhosi ezingamashumi amabili nane, naphezu kwezihlalo zobukhosi kwakuhlezi amalunga angamashumi amabili nane, embethe izingubo ezimhlophe, enemiqhele yegolide emakhanda awo. 5Nasesihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, namazwi, nokuduma; nezibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu; 6nangaphambi kwesihlalo sobukhosi kukhona okunjengolwandle lwengilazi lufana nekristalu,* nangaphakathi kwesihlalo sobukhosi nasekuzungezeni isihlalo sobukhosi kukhona izidalwa ezine zigcwele amehlo ngaphambili nangasemuva. 7Isidalwa sokuqala sasifana nengonyama, nesidalwa sesibili sasifana nethole, nesidalwa sesithathu sasinobuso obunjengobomuntu, nesidalwa sesine sasifana nokhozi olundizayo. 8Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha; emaceleni onke nangaphakathi zigcwele amehlo; kazikhawuli imini nobusuku ukuthi:

“Ingcwele, ingcwele, ingcwele,

iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke,

owayekhona nokhona nozayo.”

9Kuthi lapho izidalwa zimnika inkazimulo nodumo nokubonga ohlezi esihlalweni sobukhosi, yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, 10amalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kwakhe ohlezi esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade naphakade, aphonsa imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:

11“Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu

ukwamukela inkazimulo nodumo namandla,

ngokuba nguwena owadala izinto zonke,

nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.”

IsAmbulo 5

Incwadi enamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa

1Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa. 2Ngase ngibona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani ofanele ukuvula le ncwadi nokuqaqa izimpawu zayo na?” 3Kwakungekho namunye ezulwini, nasemhlabeni, nangaphansi komhlaba owayenamandla okuyivula incwadi, abuke kuyo. 4Ngakhala kakhulu ngokuba kungafunyanwanga namunye ofanele ukuyivula leyo ncwadi, abuke kuyo. 5Omunye wamalunga wayesethi kimi: “Ungakhali; bheka, inqobile iNgonyama yesizwe sakwaJuda, iMpande kaDavide, ukuba ivule incwadi nezimpawu zayo eziyisikhombisa.”

6Ngase ngibona ngaphakathi kwesihlalo sobukhosi nezidalwa ezine nangaphakathi kwamalunga kumi iWundlu kungathi lihlatshiwe, linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa angoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu abathunyelwe emhlabeni wonke. 7Leza, layithabatha esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi. 8Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu* nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele. 9Ahlabelela igama elisha, athi:

“Ufanele wena ukuyithabatha incwadi

nokuvula izimpawu zayo,

ngokuba wahlatshwa,

wabathengela uNkulunkulu ngegazi lakho

abavela kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe,

10wabenza babe ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu,

babuse emhlabeni.”

11Ngase ngibona, ngezwa izwi lezingelosi eziningi zihaqe isihlalo sobukhosi, nezidalwa, namalunga, nomumo wazo wawuyizigidi zezigidi nezinkulungwane zezinkulungwane, 12zithi ngezwi elikhulu:

“Lifanele iWundlu elahlatshwayo ukwamukela amandla nengcebo,

nokuhlakanipha, nokunqoba, nodumo,

nenkazimulo, nesibusiso.”

13Nakho konke okudaliweyo okusezulwini, nokusemhlabeni, naphansi komhlaba, naselwandle, nakho konke okukukho, ngakuzwa kuthi:

“Kuyena ohlezi esihlalweni sobukhosi nakulo iWundlu makube yisibusiso,

nodumo, nenkazimulo, namandla kuze kube phakade naphakade.”

14Nezidalwa ezine zathi: “Amen,” namalunga awa phansi, akhuleka.

IsAmbulo 6

IWundlu livula izimpawu eziyisithupha zokuqala

1Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: “Woza!” 2Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba.

3Nalapho livula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili sithi: “Woza!” 4Kwase kuphuma elinye ihhashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.

5Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: “Woza!” Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe. 6Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu* nezimbenge ezintathu zebhali* ngodenariyu, kepha amafutha newayini ungakoni.”

7Nalapho livula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine sithi: “Woza!” 8Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese* lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.

9Nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-altare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababe nabo. 10Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?” 11Base benikwa, kwaba yilowo nalowo ingubo ende emhlophe, kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo.

12Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi, 13nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, nxa uzanyazanyiswa ngumoya omkhulu, 14nezulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, nezintaba zonke neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo.

15Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba; 16base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu, 17ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?”

IsAmbulo 7

Izinceku phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli ziyabekwa uphawu

1Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi. 2Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba nolwandle, 3yathi: “Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.” 4Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:

    5Esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    6esizweni sakwa-Asheri abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    esizweni sakwaNafetali abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    esizweni sakwaManase abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    7esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    8esizweni sakwaZabuloni abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    esizweni sakwaJosefa abayizinkulungwane eziyishumi nambili,
    esizweni sakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nambili.

9Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso, 10samemeza ngezwi elikhulu, sithi:

“Insindiso ngekaNkulunkulu wethu

ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu!”

11Nezingelosi zonke ezazimi zihaqe isihlalo sobukhosi namalunga nezidalwa ezine zawa phansi ngobuso phambi kwesihlalo sobukhosi, zakhuleka kuNkulunkulu, zathi:

12“Amen! Isibusiso, nenkazimulo,

nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo,

namandla, nokunqoba makube kuNkulunkulu wethu

kuze kube phakade naphakade.

Amen!”

13Elinye lamalunga lase liphendula, lithi kimi: “Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?”

14Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwe owaziyo.”

Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu. 15Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu bemkhonza imini nobusuku ethempelini lakhe, nohlezi esihlalweni sobukhosi uyakumisa itabernakele* phezu kwabo. 16Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, 17ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”

IsAmbulo 8

Kuvulwa uphawu lwesikhombisa

1Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa, kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora.

2Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa.

3Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi. 4Kwase kwenyuka esandleni sengelosi umusi wempepho nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu. 5Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho, yasigcwalisa ngomlilo wase-altare, yasiphonsa emhlabeni; kwase kuba khona ukuduma, namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba.

Izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu ziphethe amacilongo. Ezine zokuqala ziyabetha amacilongo

6Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha.

7Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.

8Ingelosi yesibili yayisibetha; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi, 9kwafa okwesithathu kokudaliweyo okwakuselwandle okuphilayo, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa.

10Ingelosi yesithathu yayisibetha; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi. 11Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa.

12Ingelosi yesine yayisibetha; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga, nokwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe, nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo, nobusuku ngokunjalo.

13Ngase ngibona, ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!”

IsAmbulo 4:1-8:13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU