Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 53

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UDuteronomi 16

Imikhosi emithathu emikhulu

1“Gcina inyanga ka-Abibi, nilenze iphasika likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi uJehova uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibithe ebusuku. 2Uyakunikela ngephasika kuJehova uNkulunkulu wakho ezimvini nasezinkomeni endaweni uJehova ayakuyikhetha ukuba kuhlale igama lakhe kuyo. 3Awuyikudla sinkwa esivutshelweyo kanye nalo; izinsuku eziyisikhombisa uyakudla isinkwa esingenamvubelo kanye nalo, isinkwa senhlupheko, ngokuba waphuma ezweni laseGibithe ngokunonopha ukuba ulukhumbule usuku owaphuma ngalo ezweni laseGibithe zonke izinsuku zokuhamba kwakho. 4Akuyikubonakala mvubelo kuwe emikhawulweni yakho yonke izinsuku eziyisikhombisa; futhi akuyikusala nyama oyihlabile ngosuku lokuqala kusihlwa ubusuku bonke kuze kuse.

5“Awunakuhlaba iphasika phakathi kwamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona; 6kepha endaweni ayakuyikhetha uJehova uNkulunkulu wakho ukuba igama lakhe lihlale kuyo, lapho uyakuhlaba iphasika kusihlwa ekushoneni kwelanga, ngesikhathi owaphuma ngaso eGibithe. 7Uyakulipheka, ulidle endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, uphenduke ekuseni, uye ematendeni akho. 8Izinsuku eziyisithupha uyakudla isinkwa esingenamvubelo, ngosuku lwesikhombisa kube ngumhlangano ozothileyo kuJehova uNkulunkulu wakho; ungasebenzi msebenzi.

9“Wozibalela amasonto ayisikhombisa; kusukela esikhathini oqala ngaso ukubeka isikela ezinhlangeni zamabele woqala ukubala amasonto ayisikhombisa. 10Uyakugcina umkhosi wamasonto kuJehova uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle wesandla sakho, oyakusinika njengokubusisa kukaJehova uNkulunkulu wakho, 11wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi ophakathi kwamasango akho, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwakho endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo. 12Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibithe, ugcine, uzenze lezi zimiso.

13“Wogcina umkhosi wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa emva kokuba usubuthile okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho sewayini, 14wename ngomkhosi wakho, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nomLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi abaphakathi kwamasango akho. 15Izinsuku eziyisikhombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.

16“Kathathu ngomnyaka bonke abesilisa bakho bayakubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo; bangabonakali phambi kukaJehova bengenalutho; 17yilowo nalowo uyakunika njengamandla akhe, ngokwesibusiso uJehova uNkulunkulu wakho akunike sona.

Abahluleli

18“Uyakuzikhethela abahluleli nezinduna emasangweni akho onke uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona njengezizwe zakho; bayakwahlulela abantu babo ngokwahlulela okulungileyo. 19Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo. 20Uyakulandela ukulunga okuyikho ukuba uphile, ulidle izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.

O-Ashera nezinsika

21“Ungazitshaleli u-Ashera* womuthi noma owaluphi uhlobo ngaseceleni kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho oyakuzenzela lona. 22Ungazimiseli nansika uJehova uNkulunkulu wakho ayizondayo.

UDuteronomi 17

Isijeziso sokukhonza onkulunkulu bamanga

1“Ungahlabeli uJehova uNkulunkulu wakho inkomo, noma imvu enesici, enokubi okuthile, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho. 2Uma kutholakala phakathi kwakho, ngaphakathi kwelithile lamasango akho uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona, owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho ngokweqa isivumelwano sakhe, 3wahamba, wakhonza abanye onkulunkulu, wakhuleka kubo, noma ilanga, noma inyanga, noma ibandla lezulu, engingayalanga ngakho, 4besewubikelwa khona, ukuzwe, wokubuzisisa; bheka, uma kuqinisile, leyo nto iqinisekile yokuthi isinengiso esinjalo senziwe kwa-Israyeli, 5uyakukhiphela lowo wesilisa noma lowo wesifazane owenze leyo nto embi emasangweni akho, lowo wesilisa noma lowo wesifazane umkhande ngamatshe ukuba afe. 6Ngomlomo wawofakazi ababili noma ngowawofakazi abathathu uyakubulawa lowo ofanele ukufa; ngomlomo wofakazi munye akayikubulawa. 7Isandla sawofakazi siyakuba ngesokuqala kuye ukumbulala, ngasemuva izandla zabantu bonke. Kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

Imithetho yabahluleli neyamakhosi

8“Uma kuvela indaba ekwahlulayo, ekwahluleleni phakathi kwegazi negazi, naphakathi kwecala necala, naphakathi kokushaya nokushaya, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, wosuka, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha, 9uye kubapristi bamaLevi, nakumahluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakutshele isinqumo sokwahlulela, 10wenze njengezwi lesinqumo abayakukwazisa lona kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova, uqaphele ukwenza njengakho konke abakufundisa khona; 11njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona nanjengesahlulelo abayakukutshela sona uyakwenza, ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwahluleleni kwabo. 12Umuntu oziqhenya ngokungalaleli umpristi omiyo ukukhonza phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho noma umahluleli, lowo muntu makafe, wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli. 13Bonke abantu bayakuzwa, besabe, bangabe besenza ngokuziqhenya.

14“Nxa ufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulidle, uhlale kulo, uthi: ‘Ngiyakubeka inkosi phezu kwami njengazo zonke izizwe ezingizungezayo,’ 15uyakumbeka nokumbeka abe yinkosi phezu kwakho yena uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyakubeka omunye wabafowenu inkosi phezu kwakho, ungabeki phezu kwakho owezizwe, ongesiye umfowenu. 16Kepha akayikuzandisela amahhashi, angabuyiseli abantu eGibithe, ukuze andise amahhashi, ngokuba uJehova ushilo kini, wathi: ‘Anisayikubuyela ngaleyo ndlela.’ 17Akayikuzandisela abafazi, ukuze inhliziyo yakhe ihlubuke, angazandiseli isiliva negolide.

18“Kuyakuthi nxa ehlala esihlalweni sobukhosi sombuso wakhe, uyakuzilobela impinda yalo mthetho encwadini ngokuthatha kuleyo ekubapristi bamaLevi; 19iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze, 20inhliziyo yakhe ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, angaphambuki emiyalweni, aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze azandise izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe phakathi kuka-Israyeli.

UDuteronomi 18

Imivuzo yabapristi

1“Abapristi bamaLevi, yebo, sonke isizwe sakwaLevi asiyikuba nasabelo nafa kanye no-Israyeli; siyakudla iminikelo yomlilo kaJehova nefa lakhe. 2Asiyikuba nafa phakathi kwabafowabo; uJehova uyifa laso, njengalokho ekhulumile kuso.

3“Lokhu kuyakuba yimfanelo yabapristi ephuma kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma inkomo noma imvu, ukuba bamnike umpristi umkhono, nemihlathi yombili, nenanzi. 4Ulibo lwamabele akho, nolwewayini lakho, nolwamafutha akho, nezandulela zoboya bezimvu zakho uyakumnika khona. 5Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho umkhethile kuzo zonke izizwe zakho ukuba eme, akhonze egameni likaJehova, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.

6“Uma umLevi evela noma kuliphi isango kwa-Israyeli wonke, lapho egogobele khona, afike ngaso sonke isifiso somphefumulo wakhe endaweni uJehova ayakuyikhetha, 7uyakukhonza egameni likaJehova uNkulunkulu wakhe njengokwenza kwabo bonke abafowabo amaLevi emiyo khona phambi kukaJehova. 8Ayakuphiwa izabelo ezilingeneyo ngaphandle kwalokho okuvela ngokuthengisa ngefa likayise.

Ukubhula kwabezizwe nabaprofethi bamanga

9“Nxa usufike ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikufunda ukwenza izinengiso zalezo zizwe. 10Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, 11noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. 12Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezi zinto uyisinengiso kuJehova; ngenxa yalezi zinengiso uJehova uNkulunkulu wakho uyabaxosha phambi kwakho. 13Mawuphelele kuJehova uNkulunkulu wakho.

14“Ngokuba lezi zizwe oyakuzidla ziyabalalela abahlola imihlola nabanamadlozi; kepha wena uJehova uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo. 15UJehova uNkulunkulu wakho uyakukuvusela umprofethi phakathi kwakho kubafowenu onjengami; nimlalele yena 16njengakho konke owakufisa kuJehova uNkulunkulu wakho eHorebe ngosuku lomhlangano ngokuthi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngingabe ngisawubona lomlilo omkhulu futhi, funa ngife.’

17“UJehova wayesethi kimi: ‘Basho kahle lokho abakukhulumile. 18Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho. 19Kuyakuthi yilowo nalowo ongayikulalela amazwi ami ayakuwakhuluma egameni lami, mina ngikufune kuye. 20Kepha umprofethi oyakukhuluma izwi ngokuziqhenya egameni lami engingamyalanga ukulikhuluma, noma ekhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mprofethi uyakufa.’

21“Uma uthi enhliziyweni yakho: ‘Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na?’ 22yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.

UDuteronomi 19

Imizi yokuphephela

1“Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakunquma izizwe ezizwe lazo uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, bese wuzixosha, wakhe emizini yazo nasezindlini zazo, 2uyakuzahlukanisela imizi emithathu phakathi kwezwe lakho akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho ukuba ulidle. 3Uyakuyilungisa indlela, wahlukanise kathathu imikhawulo yezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, ukuze bonke ababulali babalekele khona.

4“Nansi indaba yombulali oyakubalekela khona aze aphile: yilowo nalowo obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi, 5njengomuntu oya ehlathini nomakhelwane wakhe ukugawula imithi, isandla sakhe bese sigalela ngezembe ukunquma umuthi, insimbi iphunyuke emphinini, imshaye umakhelwane wakhe aze afe, lowo uyakubalekela komunye wale mizi aze aphile, 6funa umphindiseli wegazi amxoshe umbulali isashisa inhliziyo yakhe, amfice, ngokuba indlela inde, amshaye aze afe, noma ebengafanele ukufa, lokhu ebekade engamzondi. 7Ngalokho ngiyakuyala ngokuthi: ‘Uyakuzahlukanisela imizi emithathu.’

8“Uma uJehova uNkulunkulu wakho ewandisa umkhawulo wakho njengokufunga kwakhe koyihlo, akunike lonke izwe athembisa ukubanika lona oyihlo, 9uma ugcina yonke le miyalo ukuba uyenze, engikuyala ngakho namuhla, umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe njalo ngezindlela zakhe, wozithasiselela eminye imizi emithathu ngaphandle kwaleyo emithathu 10ukuba igazi elingenacala lingachithwa phakathi kwezwe lakini akunika lona uJehova uNkulunkulu wakho libe yifa lakho, bese kuba yigazi phezu kwakho.

11“Kepha uma umuntu emzonda umakhelwane wakhe, emqamekela, amvukele, amshaye aze afe, abalekele komunye wale mizi, 12amalunga alowo muzi ayakuthuma amlande lapho, amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba afe. 13Iso lakho aliyikumhawukela, kepha wolikhipha igazi elingenacala kwa-Israyeli ukuba kube kuhle kuwe.

Umthetho wemincele

14“Awuyikususa umncele womakhelwane wakho ababewubeka abadala efeni lakho oyakulidla ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika ukuba ulidle.

Umthetho wobufakazi

15“Ufakazi oyedwa nje akayikumvukela umuntu ngobubi, noma ngesono, noma kuyisiphi isono ona ngaso; ngomlomo wawofakazi ababili noma ngomlomo wawofakazi abathathu indaba iyakuqiniswa.

16“Uma ufakazi wamanga emvukela umuntu, afakaze ngaye ngokubi, 17amadoda omabili axabeneyo ayakuma phambi kukaJehova, phambi kwabapristi nabahluleli abayakuba khona ngaleso sikhathi, 18abahluleli baphenyisise; bheka, uma ufakazi engufakazi wamanga ofakazile amanga ngomfowabo, 19niyakwenza kuye njengalokho ebecabange ukwenza kumfowabo; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho. 20Abaseleyo bayakuzwa, besabe, bangabe besabenza ububi obunjalo phakathi kwakho. 21Iso lakho aliyikuhawukela; makube ngukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.

UDuteronomi 16:1-19:21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.29.1
SITHOLE KU