Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 88

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 uSamuweli 1

Umbiko wokufa kukaSawule

1Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide esebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, futhi uDavide esehlale izinsuku ezimbili eSikilagi, 2kwathi-ke ngosuku lwesithathu, bheka, kwaphuma umuntu ekamu* likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukile, enomhlabathi ekhanda, wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.

3UDavide wathi kuye: “Uvelaphi na?”

Wathi kuye: “Ngibalekile ekamu* lakwa-Israyeli.”

4UDavide wayesethi kuye: “Bekunjani na? Ake ungitshele.”

Wathi: “Abantu babalekile empini, nabantu abaningi bawile, bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.”

5UDavide wathi kuleyo nsizwa eyamtshelayo: “Wazi kanjani ukuthi oSawule noJonathani indodana yakhe bafile na?”

6Insizwa eyamtshelayo yathi: “Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa, bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi. 7Lapho ebheka emuva, wangibona, wangibiza. Ngaphendula ngokuthi: ‘Ngilapha.’

8“Wathi kimi: ‘Wena ungubani na?’ Ngathi kuye: ‘NgingumAmaleki.’

9“Wathi kimi: ‘Ake ume ngakimi, ungibulale, ngokuba ngishaywe yisiyezi, nokuphila kusekhona kimi.’

10“Ngase ngima ngakuye, ngambulala, ngokuba ngakwazi ukuthi angephile esewile, ngathatha umqhele owawusekhanda lakhe, nesongo elalisengalweni yakhe, ngikulethile lapha enkosini yami.”

11UDavide wayesebamba izingubo zakhe, waziklebhula kanye nawo onke amadoda ayenaye. 12Balila, bakhala, bazila ukudla kwaze kwahlwa ngenxa kaSawule, noJonathani indodana yakhe, nabantu bakaJehova, nendlu ka-Israyeli, ngokuba bebewile ngenkemba.

13Wathi uDavide kuyo insizwa eyayimtshelile: “Ungowaphi na?”

Wathi: “Ngiyindodana yomuntu ogogobele nje, umAmaleki.”

14UDavide wathi kuyo: “Yini ukuba ungesabanga ukwelula isandla sakho, ubhubhise ogcotshiweyo kaJehova, na?”

15UDavide wayesebiza enye yezinsizwa, wathi: “Sondela, umsukele.” Yamshaya waze wafa. 16UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”

Isililo sikaDavide ngoSawule noJonathani

17UDavide walila ngalesi sililo ngoSawule noJonathani indodana yakhe, 18wathi mabafundiswe abantwana bakwaJuda eyoMnsalo; bheka, silotshiwe eNcwadini Yoqotho.

19“Udumo lwakho, Israyeli,

lubulewe ezindaweni eziphakemeyo.

Yeka ukuwa kwamaqhawe!

20“Ningakusho eGati,

ningakumemezeli ezitaladini zase-Ashikeloni,

funa amadodakazi amaFilisti ajabule,

namadodakazi abangasokile athokoze.

21“Nina zintaba zaseGilibowa,

makungabikho mazolo namvula phezu kwenu,

nokugubha kotwa,

ngokuba isihlangu samaqhawe santshingwa,

isihlangu sikaSawule, singagcotshwanga ngamafutha.

22Egazini lababuleweyo nasemanonini

amaqhawe

umnsalo kaJonathani awuphindelanga emuva,

nenkemba kaSawule ayibuyelanga ize.

23“OSawule noJonathani

babethandeka, bemnandi;

ekuphileni nasekufeni kwabo kabahlukaniswanga;

babenejubane kunezinkozi,

babenamandla kunezingonyama.

24“Nina madodakazi akwa-Israyeli,

mkhaleleni uSawule

owanigqokisa kamnandi ngokubomvu,

owavunulisa izambatho zenu ngezivunulo zegolide.

25“Yeka ukuwa kwamaqhawe phakathi

kokulwa!

UJonathani ubulewe ezindaweni zakho eziphakemeyo.

26“Ngidabukile ngawe mfowethu

Jonathani;

wawumnandi kakhulu kimi;

lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho,

ludlula uthando lwabesifazane.

27“Yeka ukuwa kwamaqhawe,

nokuphela kwezikhali zokulwa!”

2 uSamuweli 2

UDavide uyinkosi kwaJuda; u-Ishi Bosheti uyinkosi kwa-Israyeli

1Kwathi emva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngenyukele yini komunye wemizi yakwaJuda na?”

UJehova wathi kuye: “Yenyuka.”

Wathi uDavide: “Ngenyukelephi na?”

Wathi: “EHebroni.”

2Wayesenyukela khona uDavide nabafazi bakhe ababili, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli. 3Abantu bakhe ababe noDavide wabenyusa, kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe; bahlala emizaneni yaseHebroni. 4Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda.

Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.” 5UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela. 6Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso, nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto. 7Ngalokho maziqine izandla zenu, nibe nesibindi, ngokuba uSawule inkosi yenu ufile; indlu yakwaJuda ingigcobile ngibe yinkosi yayo.”

8U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi, 9wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.

10U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide. 11Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.

Ukulwa kuka-Ishi Bosheti noDavide.Impi yaseGibeyoni

12U-Abineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi Bosheti indodana kaSawule baphuma eMahanayimi, baya eGibeyoni. 13UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi.

14U-Abineri wathi kuJowabe: “Ake zisuke izinsizwa, ziqakulizane phambi kwethu.”

UJowabe wathi: “Mazisuke.”

15Zase zisuka, zawela ngamanani, eziyishumi nambili kwaBenjamini naku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, neziyishumi nambili ziyizinceku zikaDavide. 16Zabambana ngekhanda, zagwaza ngenkemba ohlangothini lwezimelene nazo, zawa kanyekanye; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hasurimi eliseGibeyoni.

17Kwakuyimpi enzima ngalolo suku; u-Abineri wahlulwa kanye nabantu bakwa-Israyeli phambi kwezinceku zikaDavide.

18Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe. 19U-Asaheli wamxosha u-Abineri; ekuhambeni kwakhe akachezukanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo ekumlandeleni u-Abineri. 20U-Abineri wabheka emuva, wathi: “Ungu-Asaheli na?”

Wathi: “Yimi.”

21U-Abineri wayesethi kuye: “Chezukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ubambe enye yezinsizwa, uthathe izikhali zakhe.” Kepha u-Asaheli akavumanga ukuchezuka ekumlandeleni.

22U-Abineri wabuye wathi ku-Asaheli: “Chezuka ekungilandeleni; yini ukuba ngikucekele phansi na? Ngingaphakamisa kanjani ubuso bami ngakuJowabe umfowenu na?”

23Wala nokho ukuchezuka; ngalokho u-Abineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, waze waphuma emuva umkhonto; wawela khona, wafela khona lapho; kwathi bonke abafika endaweni u-Asaheli awele kuyo wafa, bema.

24Kepha oJowabe no-Abishayi bamxosha u-Abineri; ilanga lashona befike ngasegqumeni lase-Ama elingaphambi kweGiya ngasendleleni yasehlane laseGibeyoni. 25Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile.

26U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?”

27UJowabe wathi: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ubungakhulumanga, ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.”

28UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa.

29U-Abineri nabantu bakhe badabula i-Araba bonke lobo busuku, bawela iJordani, badabula lonke iBitroni, bafika eMahanayimi.

30UJowabe wabuya ekumxosheni u-Abineri; lapho esebuthile bonke abantu, kwasilala kuzo izinceku zikaDavide abantu abayishumi nesishiyagalolunye no-Asaheli. 31Kepha izinceku zikaDavide zazibulele abakwaBenjamini nabaka-Abineri, kwafa abantu abangamakhulu amathathu namashumi ayisithupha. 32Bamthatha u-Asaheli, bammbela ethuneni likayise elaliseBetlehema. UJowabe nabantu bakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa beseHebroni.

2 uSamuweli 3

1Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.

Amadodana kaDavide

2Kwazalelwa uDavide amadodana eHebroni; izibulo lakhe laba ngu-Amnoni ku-Ahinohama waseJizreyeli; 3eyesibili yaba nguKileyabi ku-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimyi inkosi yaseGeshuri; 4eyesine yayingu-Adoniya indodana kaHagiti; eyesihlanu yayinguShefathiya indodana ka-Abithali; 5eyesithupha yayingu-Itereyamu ku-Egila umkaDavide. Lawo azalelwa uDavide eHebroni.

Ukuvumelana kukaDavide no-Abineri.U-Abineri ubulawa nguJowabe

6Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla. 7Kepha uSawule wayenesancinza esigama laso lalinguRispa indodakazi ka-Aya. U-Ishi Bosheti wayesethi ku-Abineri: “Ungeneleni kuso isancinza sikababa na?”

8U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa, abafowabo nabangane bayo, angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane. 9UNkulunkulu makenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye, 10kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.” 11Wayengenakumphendula u-Abineri ngezwi futhi, ngokuba wayemesaba.

12U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: “Ngelikabani izwe na?” ethi futhi: “Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli.”

13Wathi: “Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe, kepha yinto inye engiyifuna kuwe, ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami, uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami.” 14UDavide wayesethuma izithunywa ku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, ethi: “Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.”

15Wayesethumela u-Ishi Bosheti, wamthatha endodeni yakhe uPalitiyeli indodana kaLayishi. 16Indoda yakhe yahamba naye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: “Buya.” Yabuya-ke.

17U-Abineri waba nezwi namalunga akwa-Israyeli, ethi: “Ngezikhathi ezidlulileyo nafuna uDavide abe yinkosi phezu kwenu; 18kwenzeni lokho manje, ngokuba uJehova ukhulumile ngoDavide ukuthi: ‘Ngesandla senceku yami uDavide ngiyakusindisa abantu bami u-Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.’ ”

19U-Abineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini; u-Abineri waya futhi ukukhuluma ezindlebeni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku-Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini. 20Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili. 21U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho.” UDavide wammukisa u-Abineri, wahamba ngokuthula.

2 uSamuweli 1:1-3:21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.25.3
SITHOLE KU