Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 92

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 uSamuweli 14

25Kwa-Israyeli wonke kwakungekho muntu omuhle njengo-Abisalomu owababazeka kakhulu, kungekho sici kuye kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini. 26Nxa ephucula ikhanda lakhe ngokuba wayelokhu eliphucula njalo ngasekupheleni komnyaka, lokhu izinwele zakhe zamsinda; ngalokho waziphucula wazilinganisa izinwele zekhanda lakhe, zalingana namashekeli* angamakhulu amabili ngesisindo senkosi.

27U-Abisalomu wazalelwa amadodana amathathu nendodakazi inye egama layo linguTamari; yayingowesifazane obukeka emuhle.

28U-Abisalomu wahlala eJerusalema iminyaka emibili epheleleyo, engabuboni ubuso benkosi. 29U-Abisalomu wayesethumela kuJowabe ukuba amthume enkosini, kepha akavumanga ukuza kuye; waphinda wathumela ngokwesibili, kepha akavumanga ukuza. 30Wayesethi ezincekwini zakhe: “Bhekani, insimu kaJowabe iseduze neyami, unebhali* khona; hambani niyithungele ngomlilo.” Izinceku zika-Abisalomu zayithungela-ke insimu ngomlilo.

31Wayesesuka uJowabe, waya ku-Abisalomu endlini yakhe, wathi kuye: “Izinceku zakho ziyithungeleleni insimu yami ngomlilo na?”

32U-Abisalomu wathi kuJowabe: “Bheka, ngithumele kuwe, ngithi: ‘Woza lapha ukuba ngikuthume enkosini ukuyothi: “Ngisukeleni eGeshuri na? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekhona lapho.” ’ Ngalokho mangibone ubuso benkosi; uma kukhona icala kimi, mayingibulale.”

33Wayeseya uJowabe enkosini, wayitshela; isimbizile u-Abisalomu, weza enkosini, wakhothamela kuyo, ubuso bakhe bubheke phansi, phambi kwenkosi; inkosi yamanga u-Abisalomu.

2 uSamuweli 15

Ukwambuka kuka-Abisalomu

1Kwathi emva kwalokho u-Abisalomu wazilungiselela inqola, namahhashi, nabantu abangamashumi ayisihlanu ukuba bagijime phambi kwakhe. 2U-Abisalomu wavuka ekuseni, wema ngaseceleni kwendlela yesango; kwakuthi wonke umuntu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe, u-Abisalomu wambiza wathi: “Ungowamuphi umuzi na?” athi: “Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwa-Israyeli.” 3Wathi u-Abisalomu kuye: “Bheka, izindaba zakho zinhle, zilungile, kepha akukho muntu obekwe yinkosi ukuba akuzwe.” 4U-Abisalomu wathi futhi: “Sengathi ngingenziwa umahluleli ezweni, kuze kimi wonke umuntu onecala nendaba, ngimenzele ukulunga.”

5Kwathi lapho kusondela umuntu ukuba akhuleke kuye, waselula isandla sakhe, wambamba, wamanga. 6Wenze njalo u-Abisalomu kubo bonke abakwa-Israyeli abeza enkosini ngamacala; u-Abisalomu weba izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli.

7Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amane u-Abisalomu wathi enkosini: “Mangihambe ukugcwalisa isithembiso sami engasethembisa kuJehova eHebroni. 8Ngokuba inceku yakho yenza isithembiso ngisahlezi eGeshuri lase-Aramu sokuthi: ‘Uma uJehova engibuyisela impela eJerusalema, ngiyakumkhonza uJehova.’ ”

9Inkosi yathi kuye: “Hamba ngokuthula.” Wayesesuka, waya eHebroni.

10Kepha u-Abisalomu wathuma izinhloli ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngokuthi: “Lapho nizwa ukukhala kwecilongo, anothi: ‘U-Abisalomu uyinkosi eHebroni.’ ” 11Kwahamba no-Abisalomu abantu abangamakhulu amabili, bebiziwe bephuma eJerusalema; bahamba bemsulwa, bengazi lutho nakanci. 12U-Abisalomu wathuma walanda u-Ahithofeli umGiloni, umluleki kaDavide, emzini wakubo waseGilo, esanikela ngemihlatshelo. Uzungu lwaqina, abantu banda njalo ku-Abisalomu.

Ukubaleka kukaDavide

13Kwafika umbiki kuDavide, wathi: “Izinhliziyo zabantu bakwa-Israyeli zilandela u-Abisalomu.”

14UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, sibaleke, ngokuba, uma singenzi njalo, akuyikuphunyuka muntu kithi phambi kuka-Abisalomu; sheshani, nimuke, funa asifice masinyane, asehlisele okubi, awuchithe umuzi ngosiko lwenkemba.”

15Izinceku zenkosi zathi enkosini: “Noma yintoni engayikhetha inkosi yethu, inkosi bheka, nazi izinceku zakho.”

16Yayisiphuma inkosi, bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayishumi abayizancinza ukuba balinde indlu. 17Yaphuma-ke inkosi, bonke abantu beyilandela; bahlala eBeti Hamerhaki. 18Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti; nawo onke amaGiti, abantu abangamakhulu ayisithupha, ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi.

19Inkosi yayisithi ku-Ithayi umGiti: “Nawe uhambelani nathi na? Buya uhlale nenkosi, ngokuba ungumfokazi nomxoshwa endaweni yakho. 20Ufikile izolo nje; ngikuzulazulise nathi yini namuhla, ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.”

21U-Ithayi wayiphendula inkosi, wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila kwenkosi yami, inkosi, impela kuleyo ndawo eyakuba kuyo inkosi yami, inkosi, noma kusekufeni noma kusekuphileni, lapho iyakuba khona nenceku yakho.”

22UDavide wathi ku-Ithayi: “Hamba, uwele.” U-Ithayi umGiti wawela kanye nabo bonke abantu bakhe nazo zonke izingane ezazinaye.

23Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke bawela; nenkosi futhi yawela umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngasendleleni yasehlane.

24Bheka, kwafika noSadoki nawo onke amaLevi enaye, ethwele umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu; abeka phansi umphongolo kaNkulunkulu, u-Abiyathara wenyuka, baze baphuma bonke abantu emzini.

25Inkosi yathi kuSadoki: “Buyisela emzini umphongolo kaNkulunkulu; uma ngiyakufumana umusa emehlweni kaJehova, uyakungibuyisa, angibonise wona nendlu yawo; 26kepha uma esho kanje, ethi: ‘Angithokozi ngawe,’ bheka, ngilapha, makenze kimi okuhle emehlweni akhe.”

27Yathi inkosi kuSadoki umpristi: “Ungumboni; buyela emzini ngokuthula, namadodana enu amabili enani, o-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara. 28Bheka, mina ngiyakulibala ngasemazibukweni asehlane, kuze kufike izwi elivela kini lokungibikela.” 29Ngalokho oSadoki no-Abiyathara bawubuyisela umphongolo kaNkulunkulu eJerusalema, bahlala khona.

30UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo, enyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela, kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala. 31Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Abisalomu.” Wayesethi uDavide: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.”

32Kwathi ukuba uDavide adundubale esiqongweni, lapho kukhulekwa khona kuNkulunkulu, bheka, kwamhlangabeza uHushayi umArki, ibhantshi lakhe liklebhukile, enomhlabathi ekhanda lakhe. 33UDavide wathi kuye: “Uma uhamba nami, uyakuba ngumthwalo kimi; 34kepha uma ubuyela emzini, uthi ku-Abisalomu: ‘Ngiyakuba yinceku yakho, nkosi; kade ngiyinceku kayihlo, manje ngiyakuba yinceku yakho,’ khona uyakungishafisela amasu ka-Ahithofeli. 35Abakho lapho nawe oSadoki no-Abiyathara abapristi na? Kuyakuthi konke okuzwayo endlini yenkosi ukutshele oSadoki no-Abiyathara abapristi. 36Bheka, kukhona lapho nabo amadodana abo amabili, o-Ahimahasi indodana kaSadoki noJonathani indodana ka-Abiyathara; niyakuthuma kimi ngesandla sabo konke eniyakukuzwa.”

37UHushayi, umngane kaDavide, wayesengena emzini; u-Abisalomu wangena eJerusalema.

2 uSamuweli 16

OSiba noMefibosheti

1UDavide esedlulile kancane isiqongo sentaba, bheka, kwamhlangabeza uSiba inceku kaMefibosheti enezimbongolo ezimbili eziboshelweyo, zithwele izinkwa ezingamakhulu amabili, nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo, nezigaxa eziyikhulu zamakhiwane, nemvaba yewayini.

2Inkosi yathi kuSiba: “Uthini ngalezi zinto na?”

Wathi uSiba: “Izimbongolo zingezokukhwelwa ngabantu bendlu yenkosi, izinkwa nezithelo zingezokudliwa, newayini lingelokuphuzwa ngabayethileyo ehlane.”

3Yayisithi inkosi: “Iphi indodana yenkosi yakho na?”

USiba wathi enkosini: “Bheka, ihlezi eJerusalema, ngokuba yathi: ‘Namuhla indlu ka-Israyeli iyakubuyisela kimi umbuso kababa.’ ”

4Yayisithi-ke inkosi kuSiba: “Bheka, kungokwakho konke okwakungokukaMefibosheti.”

Wathi uSiba: “Ngiyakhuleka: mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.”

UDavide uthukwa nguShimeyi

5Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka. 6Wamphonsa uDavide ngamatshe kanye nezinceku zonke zenkosi uDavide, bonke abantu nawo onke amaqhawe bengasesandleni sakhe sokunene nangakwesokhohlo. 7UShimeyi washo kanje ekuthukeni kwakhe, wathi: “Suka, suka wena muntu wegazi, muntu omubi! 8UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe; uJehova unikele umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho; bheka, usubhajiwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”

9U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini: “Le nja efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.”

10Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”

11UDavide wayesethi ku-Abishayi nakuzo zonke izinceku zakhe: “Bhekani, indodana yami eyaphuma ezibilinini zami ifuna ukuphila kwami; kakhulu kangakanani lo mBenjamini na? Myekeni, athuke, ngokuba uJehova ukhulumile kuye. 12Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, angibuyisele okuhle ngokungithuka namuhla.”

13UDavide nabantu bakhe bahamba ngendlela; uShimeyi wahamba eceleni kwentaba malungana naye, wahamba ethuka, wamphonsa ngamatshe, wamthela ngothuli.

OHushayi no-Ahithofeli

14Inkosi nabo bonke abantu ababenayo bafika beyethile; wahlunyelelwa khona.

15U-Abisalomu nabantu bonke, amadoda akwa-Israyeli, bafika eJerusalema, u-Ahithofeli enabo. 16Kwathi lapho uHushayi umArki umngane kaDavide esefikile ku-Abisalomu, uHushayi wathi ku-Abisalomu: “Mana njalo, nkosi; mana njalo, nkosi.”

17U-Abisalomu wayesethi kuHushayi: “Lokhu kungukuthembeka kwakho kumngane wakho na? Awuhambanga ngani nomngane wakho na?”

18Wayesethi uHushayi ku-Abisalomu: “Qha, lo okhethwe nguJehova, nayilaba bantu, nangabantu bonke bakwa-Israyeli, ngiyakuba ngowakhe, ngihlale naye. 19Futhi ngikhonze bani na? Kungabi phambi kwendodana yakhe na? Njengalokho ngakhonza phambi kukayihlo, kanjalo ngiyakuba phambi kwakho.”

20Wayesethi u-Abisalomu ku-Ahithofeli: “Sipheni isiluleko sokuthi siyakwenze njani.”

21Wathi-ke u-Ahithofeli ku-Abisalomu: “Ngena kuzo izancinza zikayihlo azishiyile ukuba zilinde indlu; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuba unengwa nguyihlo, ziqine izandla zabo bonke abanawe.” 22Bammisela u-Abisalomu itende ophahleni lwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.

23Isiluleko sika-Ahithofeli aluleka ngaso ngalezo zinsuku sasinjengokungathi bekubuzwe kuNkulunkulu; zazinjalo iziluleko zika-Ahithofeli kuDavide naku-Abisalomu.

2 uSamuweli 17

Isiluleko sesibili sika-Ahithofeli

1U-Ahithofeli wathi futhi ku-Abisalomu: “Mangikhethe manje abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, ngisuke ngimxoshe uDavide ngalobu busuku, 2ngimfikele ekhathele, eyethile, ngimesabise; bonke abantu abanye bayakubaleka, ngibulale inkosi kuphela, 3ngibuyisele kuwe bonke abantu; umuntu omfunayo unjengokungathi bonke babuyile; bonke abantu bayakuba nokuthula.” 4Leli zwi lamjabulisa u-Abisalomu nawo onke amalunga akwa-Israyeli.

5Wayesethi u-Abisalomu: “Mawumbize noHushayi umArki, sizwe okusemlonyeni wakhe naye.” 6UHushayi esefikile ku-Abisalomu, u-Abisalomu wakhuluma kuye, wathi: “U-Ahithofeli ukhulume kanjalo; siyakwenza njengokusho kwakhe na? Uma kungenjalo, khuluma wena.”

7UHushayi wathi ku-Abisalomu: “Isiluleko u-Ahithofeli eluleke ngaso manje asisihle.” 8Wathi futhi uHushayi: “Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere* elaphucwe amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu. 9Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje, okuzwayo athi: ‘Abantu abalandela u-Abisalomu banqotshiwe;’ 10naye onesibindi, onhliziyo yakhe injengenhliziyo yengonyama, uyakuphela amandla, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabanaye bangamadoda anamandla.

11“Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini. 12Sesiyakumfikela endaweni ethile lapho engatholakala khona, simehlele njengokuwela kwamazolo emhlabathini; kuyena nabantu bonke abanaye asiyikushiya noyedwa. 13Noma engena emzini, wonke u-Israyeli uyakuyisa amagoda kulowo muzi, siwuhudulele emfuleni, kungabe kusafunyanwa khona netshana elilodwa.”

14U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.

15UHushayi wayesethi kuSadoki naku-Abiyathara abapristi: “U-Ahithofeli weluleka u-Abisalomu namalunga akwa-Israyeli kanje nakanje; mina ngeluleke kanje nakanje. 16Ngalokho thumelani masinyane nimtshele uDavide ukuthi: ‘Ungahlali ngasemazibukweni asehlane ngalobu busuku, kepha uwele nokuwela, funa inkosi igwinywe kanye nabantu bonke abanayo.’ ”

17OJonathani no-Ahimahasi babehlala e-Eni Rogeli; incekukazi yayizinge ibatshela; bona bahamba bayibikela inkosi uDavide ukuba bangabonwa behamba beya emzini. 18Kepha umfana wababona, wamtshela u-Abisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona. 19Owesifazane wathatha isimbozo, wasendlala phezu komlomo womthombo, weneka umqhazulo kuso, kungaziwa lutho.

20Zase zifika izinceku zika-Abisalomu kowesifazane endlini, zathi: “Baphi o-Ahimahasi noJonathani na?”

Owesifazane wathi kuzo: “Bawuwele umfudlana.” Sezibafunile zingabatholanga, zabuyela eJerusalema.

21Kwathi sezimukile, baphuma emthonjeni, baya bayitshela inkosi uDavide, bathi kuDavide: “Sukani, nisheshe niwele amanzi, ngokuba u-Ahithofeli weluleke kanjalo ngani.” 22UDavide wayesesuka nabo bonke abantu ababe naye, bawela iJordani; ngasekuseni akusalanga noyedwa ongaliwelanga iJordani.

23Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.

UDavide useMahanayimi

24UDavide wayesefika eMahanayimi. U-Abisalomu waliwela iJordani, yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye. 25U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu-Itira umIsrayeli, owangena ku-Abigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe. 26O-Israyeli no-Abisalomu bamisa ezweni lakwaGileyadi.

27Kwathi uDavide esefikile eMahanayimi, uShobi indodana kaNahashi waseRaba labantwana bakwa-Amoni, noMakiri indodana ka-Amiyeli waseLo Debari, noBarizilayi wakwaGileyadi waseRogelimi 28baletha amacansi, nemicengezi, nezitsha zebumba, nokolweni, nebhali,* nempuphu notshwele, nobhontshisi, nembumba, nenhlosa, 29nezinyosi, namangqanga, nezimvu, noshizi* wezinkomo kuDavide nabantu ababe naye ukuba badle, ngokuba bathi: “Abantu balambile, bakhathele, bomile ehlane.”

2 uSamuweli 14:25-17:29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.25.3
SITHOLE KU