WEEK 3 – Breathe in… breathe out…
11Ngase ngifika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu. 12Ngavuka ebusuku, mina nabantu abathile abayingcosana; angitshelanga muntu lokho uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema; futhi kwakungekho silwane nami ngaphandle kwesilwane engangikhwele kuso.
13Ngaphuma ngeSango Lesigodi ebusuku, ngaya eMthonjeni kaDrako* naseSangweni Lomquba, ngabuka izingange zaseJerusalema ezazibhidliziwe namasango alo ayeshiswe ngomlilo. 14Ngase ngikhuphukela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kepha kwakungekho ndawo yokuba kudlule isilwane engangiphezu kwaso. 15Ngangikhuphula umfudlana ebusuku, ngabuka ugange, ngaphenduka, ngangena ngeSango Lesigodi, ngaphindela emuva. 16Ababusi babengazi lapho ngangiye khona nengikwenzileyo; futhi ngangingakabatsheli abaJuda, nabapristi, nabakhulu, nababusi, nabanye ababewenza umsebenzi.
17Kepha ngase ngithi kubo: “Niyayibona inhlupheko esikuyona, lokhu iJerusalema lichithekile namasango alo eshiswe ngomlilo; wozani sivuse ugange lwaseJerusalema ukuba singabe sisaba yihlazo.” 18Ngabatshela ngesandla sikaNkulunkulu wami esasisihle phezu kwami, nangamazwi enkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisuke sakhe,” beqinisela izandla zabo lowo msebenzi.
4Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani! 5Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. 6Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. 7Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
8Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho; 9enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.