Bible Society of South Africa

40 Day Adventure – Day 37

WEEK 6 – Cultivate the right appetite

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UNahume 1

7UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko,

uyabazi abaphephela kuye.

8Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo

uyakuqeda indawo yakhona,

axoshele izitha zakhe ebumnyameni.

9Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena;

ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.

10Lapho bethandela njengameva,

benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo,

bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.

11Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi,

wanika isiluleko esibi.

12Usho kanje uJehova, uthi:

“Noma benamandla, futhi bebaningi,

nokho bayakuqedwa, banyamalale;

noma ngikuhluphile,

angisayikukuhlupha.

13Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho,

ngigqabule izibopho zakho.”

14Kepha uJehova uyalezile ngawe

ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho;

endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma

izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo;

ngiyakulungisa ithuna lakho,

ngokuba awuyinto yalutho.

15Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle,

omemezela ukuthula.

Gubha imikhosi yakho, Juda,

ugcwalise izithembiso zakho,

ngokuba omubi akasayikudabula kuwe;

unqunyiwe ngokupheleleyo.

UNahume 1:7-15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaJohane 4

15Lowo ovuma ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu. 16Thina siyalwazi, sikholwa yilo lolu thando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye. 17Ngalokho uthando luphelelisiwe kithi, ukuze sibe nesibindi ngosuku lokwahlulelwa, ngokuba njengalokhu enjalo yena, sinjalo nathi kuleli zwe. 18Akukho ukwesaba othandweni, kepha uthando olupheleleyo luyaxosha ukwesaba, ngokuba ukwesaba kunesijeziso, nowesabayo akaphelele othandweni.

19Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala. 20Uma umuntu esho ukuthi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga; ngokuba ongathandi umzalwane wakhe ambonileyo angemthande uNkulunkulu angambonanga. 21Yebo, lo myalo sinawo, uvela kuNkulunkulu, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.

1 kaJohane 4:15-21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU